Khuthaza Ukuphishekelwa Kwemigomo Engokomoya
1 Akukaze ngaphambili ukuba intsha eningi kangaka ihlanganyele ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso! Amashumi ezinkulungwane asebenzisa iseluleko esikumShumayeli 12:1: “Futhi khumbula uMdali wakho emihleni yobusha bakho.” Yini eshukumisela laba abasebasha ukuba babe nengxenye yasikhathi sonke enkonzweni, futhi kungani abaningi kangaka babo behlanganyela enkonzweni yamaphayona?
2 Ngokungangabazeki abaningi balingisa inkambo yensizwa ephawulekayo uThimothewu. Unina noninakhulu bamnikeza inzuzo yemfundo engokomoya kusukela esewusana futhi bamkhuthaza ukuba aphishekele imigomo engokomoya. (2 Thim. 3:14, 15) Ngakho, lapho kuvela ithuba lamalungelo enkonzo engeziwe, wayefaneleka futhi ewalungele.—IzE. 16:1-3.
3 Bangakhuthazwa kanjani abasebasha abengeziwe ukuba baphishekele imigomo engokomoya? Luhlobo luni lwesisekelo okumelwe lubekwe? Abazali bangakwakha kanjani ukwazisa ngeqiniso kubantwana babo futhi babasize ukuba bazibekele imigomo yasikhathi sonke?
4 Beka Isisekelo EsingokomBhalo: Abazali kumelwe baqikelele ukuthi lokho abakufundisa abantwana babo kuvela kuJehova ukuze kwenze abantwana babo ‘bahlakaniphe, kube insindiso.’ (2 Thim. 3:15) Lwelani ngenkuthalo ukuhlakulela kubona uthando olujulile ngeZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. Lokhu kudinga isifundo seBhayibheli sasikhathi sonke, esinenjongo esivunyelaniswa nezidingo zabo, kanye nokuba khona njalo emihlanganweni. Ukuze intsha ibe nokholo oluqinile oluyoyishukumisela ukuba iphishekele imigomo engokomoya, kumelwe ibe nesayo isimiso sesifundo somuntu siqu futhi ihlakulele ubuhlobo bayo siqu noJehova.—1 Thes. 5:21; Heb. 11:1.
5 Intsha engamaKristu iyoziphishekela kalula ngokwengeziwe izithakazelo ezingokomoya uma abazali bayo kanye nabanye abavuthiwe ebandleni bebeka isibonelo esihle futhi bebonisa “injabulo kaJehova.” (Neh. 8:10) Ngokubonisa injabulo, sonke singasiza abasebasha ukuba baqonde ukuthi izimfuneko zobuKristu beqiniso aziwona umthwalo.—1 Joh. 5:3.
6 Abaningi abasebasha baye bathonywa kakhulu ngamaphayona, izithunywa zevangeli, nababonisi abajikelezayo ababesebenza nabo enkonzweni yasensimini noma ababebakhuthaza. Abazali bangasiza ngokumema izisebenzi zesikhathi esigcwele eziyisibonelo emakhaya abo ngenjongo yokudla noma ngezinye izikhathi ngenjongo yobudlelwane bobuKristu. UJesu Kristu uyisibonelo esihle kakhulu sokunaka abasebasha ngokulinganisela.—Marku 10:13-16.
7 Ukubeka Imigomo: Ngokuqondisa okufanele kwabazali, abantwana ngokuvamile bazibekela imigomo engokomoya besebancane. Lapho nje abasebasha sebenqumile ukuthi imuphi umgomo ongokomoya obalulekile abafisa ukuwufinyelela, kungaba inkonzo yamaphayona, ukukhonza lapho indingeko inkulu khona, inkonzo yaseBethel noma yamaphayona akhethekile, njalonjalo, abazali kanye nabanye abavuthiwe bangabakhuthaza ngokufudumele ukuba baqhubeke besebenzela emgomweni wabo, bebanikeza ukusikisela okuwusizo kokubakhuthaza.
8 Ibandla ngalinye linjengomkhaya. Ngakho ngamunye wethu kufanele abe nesithakazelo ekusizeni abasebasha ukuba baqhubeke behamba eqinisweni futhi bethuthuka ngokomoya. Lokhu singakwenza ngokubaqinisekisa ngothando esinalo ngabo nangokubakhuthaza ukuba baphishekele imigomo engokomoya.