IBhokisi Lemibuzo
◼ Yini okufanele siyikhumbule ngokuphathelene nokufundwa kwezigaba emihlanganweni?
Isikhathi esiningi seSifundo Se-Nqabayokulinda neSifundo Sencwadi Sebandla sisetshenziselwa ukufunda izigaba. Lokhu kusho ukuthi umzalwane owabelwe ukuba afunde unomthwalo wemfanelo osindayo njengomfundisi. Kufanele afunde ngendlela yokuthi ukwaziswa kube ‘nencazelo’ ukuze izilaleli zingakuqondi nje kuphela kodwa futhi zishukunyiselwe esenzweni. (Neh. 8:8) Ngakho, umfundi kudingeka asilungiselele kahle isabelo sakhe. (1 Thim. 4:13; bheka isifundo 6 se-Ncwadi Yokuchasisa Isikole.) Nanka amanye amaphuzu abalulekile okufunda kwasobala okuzuzisayo.
Gcizelela Kahle Imiqondo: Thola kusengaphambili ukuthi yimaphi amazwi nemishwana edinga ukugcizelelwa ukuze idlulisele incazelo eqondile.
Phimisela Kahle Amagama: Ukuphimisela kahle nokuwabiza ngokucacile amagama kuyadingeka ukuze izilaleli ziwaqonde amagama asencwadini. Wabheke kusichazamazwi amagama angejwayelekile noma angavamile ukusetshenziswa.
Khulumela Phezulu Nangomdlandla: Ukukhulumela phezulu ngomdlandla kwakha isithakazelo, kuvuse imizwa, futhi kushukumise isilaleli.
Fudumala Futhi Ufunde Sengathi Uyaxoxa: Ukufunda ngendlela engokwemvelo kubangelwa ukushelela. Ngokulungiselela nangokuprakthiza, umfundi angakhululeka, lokho kwenze ukuba ukufunda kwakhe kukhange kunokuba kube isicefe nesidina.—Hab. 2:2.
Funda Indaba Njengoba Ibhaliwe: Imibhalo yaphansi kanye nokwaziswa okukubakaki kufundwa ngezwi eliphakeme ngendlela evamile uma kucacisa ukwaziswa okusencwadini. Okuhlukile izikhombo ezibonisa umthombo okuthathwe kuwo ukwaziswa. Umbhalo waphansi kufanele ufundwe ngesikhathi oboniswa ngaso esigabeni, ngokuwuchaza ngokuthi: “Umbhalo waphansi ufundeka kanje . . . ” Ngemva kokuwufunda, mane uqhubeke nengxenye esele yesigaba.
Uma ukufunda kwasobala kwenziwa kahle, kungenye yezindlela ezibalulekile ‘esingafundisa ngazo abanye ukugcina zonke izinto esiyalwe ngazo’ uMfundisi Omkhulu.—Math. 28:20.