Dumisa UJehova Ngokufakaza Ngokwethukela
1 Izinceku zikaJehova ezithembekile zifuna amathuba okumdumisa usuku ngalunye. (IHu. 96:2, 3; Heb. 13:15) Enye indlela esingakwenza ngayo lokhu ukufakaza ngokwethukela. Abakhulekeli bakaJehova abaningi namuhla bayabonga ngokuthi kwaba nothile owabatshela umyalezo woMbuso ngokufakaza ngokwethukela.
2 Ngokuvamile ukufakaza ngokwethukela kumuntu oyedwa kuvulela abanye ithuba lokuzwa isigijimi soMbuso. Ngokwesibonelo, ingxoxo kaJesu nowesifazane ongumSamariya emthonjeni kaJakobe yenza abaningi baba nesithakazelo ezindabeni ezinhle. (Joh. 4:6-30, 39-42) Ngesikhathi uPawulu noSila beboshiwe eFilipi, bafakaza kumgcini-jele, futhi wonke umkhaya wale ndoda wamukela iqiniso.—IzE. 16:25-34.
3 Amathuba: Imaphi amathuba onawo okufakaza ngokwethukela? Abanye bafakaza ngokwethukela lapho beyothenga, behamba ngezinto zomphakathi, noma lapho belinde ezindaweni zokwelapha. Abanye bayakwazi ukushumayela ngesikhathi sekhefu emsebenzini noma esikoleni. Ukubeka nje obala enye yezincwadi zethu ezisekelwe eBhayibhelini kungase kwenze abanye babuze ngezinkolelo zethu.—1 Pet. 3:15.
4 Indlela Yokuqala: Intombazanyana eneminyaka engu-7 ubudala yezwa emhlanganweni ukuthi kubaluleke kangakanani ukushumayela. Ngakho lapho ihamba nonina beyothenga, yafaka izincwajana ezimbili esikhwameni sayo. Lapho unina esematasa ekhokhela izimpahla, le ntombazanyana yahambisa incwajana komunye wesifazane, owayamukela ngomusa. Lapho ibuzwa ukuthi yayisithathephi isibindi sokukhuluma nalona wesifazane, le ntombazanyana enamahloni yaphendula yathi: “Ngavele ngathi, 1, 2, 3, Go! Ngashona khona!”
5 Ukuze sifakaze ngokwethukela, sonke sidinga umoya onjengowale ntombazanyana. Yini engasisiza? Thandazela isibindi sokukhuluma. (1 Thes. 2:2) Engqondweni yakho yiba nombuzo noma amazwi ambalwa ngendaba ethakazelisayo ongawasebenzisa ekuqaleni ingxoxo. Khona-ke qiniseka ngokuthi uJehova uzoyibusisa imizamo yakho.—Luka 12:11, 12.
6 Ukufakaza ngokwethukela kubantu esihlangana nabo usuku ngalunye kuletha udumo kuJehova nathi kusilethele injabulo. Kungase kusize othile ukuba angene endleleni eya ekuphileni okuphakade.