(1) Umbuzo, (2) UmBhalo, Bese Kuba (3) Isahluko
Indlela elula yokuhambisa incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? iwukuba (1) uphakamise umbuzo ofuna umbono, (2) ufunde umBhalo ofanelekayo, bese (3) ukhulumela isahluko encwadini esidingida leyo ndaba ngokufunda imibuzo esekuqaleni kwesahluko ngasinye. Uma umninikhaya ebonisa isithakazelo, ungase ukwazi ukumbonisa indlela isifundo seBhayibheli esiqhutshwa ngayo usebenzisa izigaba zokuqala zaleso sahluko. Le ndlela ingasetshenziselwa ukuqala isifundo ekuhambeleni kokuqala noma ukwenza impindelo.
◼ “Ucabanga ukuthi kungenzeka ngabantu nje ukuba bamazi uMdali wethu onguMninimandla onke, njengoba kusho iBhayibheli lapha?” Funda izEnzo 17:26, 27, bese ulindela impendulo. Yibe usukhulumela isahluko 1.
◼ “Uma sicabanga ngezinkinga esibhekene nazo namuhla, ucabanga ukuthi kuyinto engenzeka ukuthola induduzo nethemba okukhulunywa ngakho lapha?” Funda amaRoma 15:4, bese ulindela impendulo. Yibe usukhulumela isahluko 2.
◼ “Ukube ubunamandla okwenza lezi zinguquko, ingabe ubuyozenza?” Funda isAmbulo 21:4, bese ulindela impendulo. Yibe usukhulumela isahluko 3.
◼ “Ucabanga ukuthi izingane zethu ziyoke zikwazi ukuphila ngaphansi kwalezi zimo ezichazwe kuleli hubo lasendulo?” Funda iHubo 37:10, 11, bese ulindela impendulo. Yibe usukhulumela isahluko 3.
◼ “Ucabanga ukuthi luyoke lufike usuku lapho la mazwi eyogcwaliseka khona?” Funda u-Isaya 33:24, bese ulindela impendulo. Yibe usukhulumela isahluko 3.
◼ “Wake wazibuza yini ukuthi ingabe abafileyo bayazi ukuthi abaphilayo benzani?” Lindela impendulo. Yibe usufunda umShumayeli 9:5, bese ukhulumela isahluko 6.
◼ “Ucabanga ukuthi kungenzeka ukuba ngolunye usuku siphinde sibabone abantu esibathandayo asebashona, njengoba uJesu asho kula mavesi?” Funda uJohane 5:28, 29, bese ulindela impendulo. Yibe usukhulumela isahluko 7.
◼ “Ucabanga ukuthi kuzodingeka kwenzekeni ukuze intando kaNkulunkulu yenziwe lapha emhlabeni njengoba yenziwa nasezulwini, njengoba kushiwo kulo mthandazo owaziwayo?” Funda uMathewu 6:9, 10, bese ulindela impendulo. Yibe usukhulumela isahluko 8.
◼ “Ucabanga ukuthi siphila enkathini echazwe kulesi siprofetho?” Funda eyesi-2 Thimothewu 3:1-4, bese ulindela impendulo. Yibe usukhulumela isahluko 9.
◼ “Abantu abaningi bayazibuza ukuthi kubangelwa yini ukuba izinkinga zesintu zibonakale ziqhubekela phambili. Wake wacabanga ukuthi kungenzeka zibangelwa yilokhu okushiwo lapha?” Funda isAmbulo 12:9, bese ulindela impendulo. Yibe usukhulumela isahluko 10.
◼ “Ingabe wake wafisa ukwazi impendulo yombuzo onjengalona?” Funda uJobe 21:7, bese ulindela impendulo. Yibe usukhulumela isahluko 11.
◼ “Ucabanga ukuthi ukusebenzisa lesi seluleko esiseBhayibhelini kungasiza abantu ukuba babe nokuphila komkhaya okujabulisayo?” Funda eyabase-Efesu 5:33, bese ulindela impendulo. Yibe usukhulumela isahluko 14.
Isifundo seBhayibheli ungasibika lapho sesiqhutshwe izikhathi ezimbili ngemva kokubonisa umninikhaya indlela esiqhutshwa ngayo futhi uma kunesizathu sokukholelwa ukuthi sizoqhubeka.