SingoFakazi Ngaso Sonke Isikhathi
1. Yini esingayifunda endabeni kaJesu yokufaza kowesifazane emthonjeni?
1 UJesu wayesehambe amahora amaningi. Wayekhathele futhi omile. Lapho abafundi bakhe besayofuna ukudla, wahlala phansi emthonjeni ongaphandle komuzi waseSamariya. UJesu wayengayele ukuyoshumayela eSamariya; wayezidlulela nje ebheke eGalile ukuze ayoqhubeka nenkonzo yakhe khona. Noma kunjalo, wasebenzisa ithuba wafakaza kowesifazane owayekha amanzi. (Joh. 4:5-14) Kungani? UJesu akazange ayeke ukuba ‘ukufakazi kaJehova othembekile noqinisile.’ (IsAm. 3:14) Silingisa uJesu ngokuba oFakazi BakaJehova ngaso sonke isikhathi.—1 Pet. 2:21.
2. Singakulungela kanjani ukufakaza ngokwethukela?
2 Kulungele: Singakulungela ukufakaza ngokwethukela ngokuphatha izincwadi lapho sihamba. Abamemezeli abaningi baphatha amapheshana bese bewahambisela izisebenzi zasezitolo, ezasemagalaji nakwabanye abahlangana nabo phakathi nosuku. (UmSh. 11:6) Udade othile ovame ukuhamba ngezinto zomphakathi uphatha iBhayibheli elincane nencwadi ethi Lifundisani IBhayibheli njalo, futhi uyazama ukuqala izingxoxo nalabo ahlala eduze kwabo.
3. Singayiqala kanjani ingxoxo?
3 Qala Ingxoxo: Lapho sifakaza ngokwethukela, asikho isidingo sokuqala ingxoxo ngokukhuluma ngento eseBhayibhelini. UJesu akayiqalanga ingxoxo nowesifazane owayesemthonjeni ngokumtshela ukuthi unguMesiya. Wavusa isithakazelo kuye ngokumcela amanzi. (Joh. 4:7-9) Omunye udade wathola ukuthi indlela efanayo imenza akwazi ukuqala ingxoxo lapho ebuzwa ukuthi ukujabulele yini ukugubha iholide elithile. Esikhundleni sokuphendula ngokuthi akazange ahlanganyele ekugubheni lelo holide ngenxa yokuba omunye woFakazi BakaJehova, uvele athi: “Ngenze isinqumo sokuba ngingaligubhi.” Lowo osuke embuza ngokuvamile ufuna ukwazi ukuthi kungani, ngaleyo ndlela udade athole ithuba lokufakaza.
4. Kungani uMathewu 28:18-20 eyisikhuthazo kuwe?
4 Nakuba uJesu ayiqeda inkonzo yakhe yasemhlabeni ayeyenza ngentshiseko, usenaso isithakazelo ngomsebenzi wokushumayela. (Math. 28:18-20) Ngakho-ke, njengoJesu iSibonelo sethu, singoFakazi abakulunge ukubonisa ukholo lwethu obala nganoma yisiphi isikhathi.—Heb. 10:23.