AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | JOHANE 3-4
UJesu Ushumayeza Owesifazane OngumSamariya
Yini eyenza uJesu wakwazi ukushumayela lapho exoxa nowesifazane?
4:7—Waqala ingxoxo ngokucela ukuba amphuzise amanzi kunokukhuluma ngoMbuso noma ngokuthi unguMesiya
4:9—Akazange ambandlulule owesifazane ongumSamariya ngenxa yohlanga lwakhe
4:9, 12—Lapho lona wesifazane esho into eyayingenza baphikisane, uJesu akazange akunake lokho kodwa wagxila kulokho ayekuchaza.—cf 77 ¶3
4:10—Waqalisa ingxoxo ngokukhuluma ngento lona wesifazane ayeyijwayele
4:16-19— UJesu wamhlonipha lona wesifazane nakuba wayeziphethe kabi
Le ndaba ikubonisa kanjani ukubaluleka kokushumayela lapho sizixoxela nabantu?