UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
UKUTHUTHUKISA AMAKHONO ETHU ENKONZWENI Ukufinyelela Wonke Umuntu Ensimini Yethu
OKWENZA KUBALULEKE: UZakariya wabikezela ukuthi abantu bazo zonke izilimi zezizwe babeyozijabulela izindaba ezinhle. (Zak 8:23) Kodwa ubani ozobafundisa? (Ro 10:13-15) Sinelungelo nomthwalo wokuxoxela wonke umuntu ensimini yethu izindaba ezinhle.—od 84 ¶10-11.
INDLELA YOKUKWENZA:
Lungiselela. Ingabe uke uhlangane nabantu abakhuluma olunye ulimi? Ungasebenzisa i-JW Language ukuze ufunde intshumayelo elula. Noma ungasebenzisa umshini wakho wezobuchwepheshe ukuze ubabonise indlela yokuthola izincwadi nokunye ngolimi lwabo kuyi-jw.org
Qaphelisisa. Uma usebenza endlini ngendlu, ungawashalazeleli amathuba avelayo okushumayeza labo abadlula ngendlela noma labo abalinde ezimotweni. Uma wenza umsebenzi wokufakaza wasobala, zama ukugxila kulowo msebenzi owenzayo
Sebenza ngenkuthalo. Qhubeka uzama ukufinyelela labo ongabatholanga ekhaya. Yenza umzamo wokuxhumana nothile endlini ngayinye, mhlawumbe ngesikhathi esihlukile noma ngolunye usuku lwesonto. Abanye abaninikhaya kungase kudingeke sibabhalele incwadi, sibathinte ngocingo noma sibathole lapho sishumayela emgwaqweni
Qhubeka uxhumana nabo. Buyela ngokushesha kubo bonke ababonakale bekuthanda obuxoxa ngakho. Uma umuntu ekhuluma olunye ulimi, zama ukumtholela othile ofanelekayo ukuze amsize ngolimi lwakhe. Kufanele uqhubeke uxhumana naye kuze kube ilapho abamemezeli abakhuluma ulimi lwakhe sebexhumene naye.—od 94 ¶39-40
BUKELA IVIDIYO ETHI UKUSHUMAYELA ‘EZINGXENYENI EZIKUDE KAKHULU ZOMHLABA,’ BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
Imaphi amalungiselelo abafowethu nodadewethu abawenzile ukuze baxhumane nabantu abasensimini eqhelile? (1Ko 9:22, 23)
Iziphi izinkinga okudingeke bazinqobe?
Bathola ziphi izibusiso?
Imiphi imizamo ongayenza ukuze uxhumane nabantu abengeziwe ensimini yenu?