ISIFUNDO 5
Ukufunda Ngokunembile
1 Thimothewu 4:13
OKUFANELE UKWENZE: Kufunde njengoba kunjalo nangokuzwakalayo lokho okubhalwe phansi.
INDLELA ONGAKWENZA NGAYO:
Lungiselela kahle. Cabanga ngokuthi kungani leyo ndaba yabhalwa. Prakthiza ukufunda iqoqo lamagama hhayi igama ngalinye. Qaphela ukuba lapho ufunda ungafaki igama elingekho noma weqe amagama. Hlonipha zonke izimpawu zenkulumo.
Phimisela kahle igama ngalinye. Uma ungazi ukuthi igama liphinyiselwa kanjani, hlola isichazamazwi noma ulalele leyo ncwadi uma irekhodiwe noma ucele umuntu ofunda kahle ukuba akusize.
Khuluma ngokucacile. Wabize kahle amagama, uphakamise ikhanda futhi uwuvule kakhulu umlomo. Zama ukuba unkamisa ngamunye uzwakale.