Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 8/22 kk. 12-15
  • Ukuzama Kwami Ukukhetha Ngokuhlakanipha

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuzama Kwami Ukukhetha Ngokuhlakanipha
  • I-Phaphama!—2000
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukukhetha
  • Impi Engokomthetho Eyinselele
  • Ukulwela Amalungelo Esiguli
  • Ukunakekela Umkhaya Wethu
  • Ukuvikela Izingane Zakho Ekusetshenzisweni Kabi Kwegazi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Izibhedlela—Lapho Uyisiguli
    I-Phaphama!—1991
  • Ingabe Ukulungele Ukubhekana Nesimo Sezokwelapha Esibekela Ukholo Inselele?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Unegunya Lokukhetha
    Igazi Lingakusindisa Kanjani Ukuphila Kwakho?
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 8/22 kk. 12-15

Ukuzama Kwami Ukukhetha Ngokuhlakanipha

NJENGOBA ILANDISWA UGUSTAVO SISSON

Lapho ngineminyaka engu-12 ubudala, nakuba ngangikuthanda kakhulu ukubhukuda, nganquma ukuba udokotela. Kodwa ngesikhathi esifanayo, ngaqala ukutadisha iBhayibheli, futhi ngenxa yalokho, ngafuna ukuba yisikhonzi. Kwenzekani ezifisweni zami nasezintweni ezihlukene enganginesithakazelo kuzo? Ingabe zazihambisana?

NGO-1961 u-Olive Springate, isithunywa sevangeli soFakazi BakaJehova eBrazil, saqala ukutadisha iBhayibheli nomama kanye nami. Ngenxa yokuphikisa kukababa, owayengudokotela ohlonishwayo ePôrto Alegre, sayeka ukutadisha. Nokho, u-Olive wayelokhu exhumana nathi, futhi ngokuhamba kwesikhathi ngayibona inhlansi yeqiniso kulokhu engangikufunda. Kodwa ngaleso sikhathi ukuthanda kwami ukubhukuda kwase kungiphazamisile ezintweni ezingokomoya.

Lapho ngineminyaka engu-19, ngahlangana nentokazi ekhangayo uVera Lúcia, endaweni engangibhukuda kuyo futhi saqala ukuthandana. Umama wakhuluma naye ngezinkolelo zethu, waba nesithakazelo. Ngakho ngaxhumana no-Olive, futhi waqala ukutadisha iBhayibheli kanye nathi, naphezu kokuphikisa kukababa kaVera Lúcia.

UVera Lúcia waqhubeka efunda, futhi wathuthuka olwazini lweBhayibheli. Waze waqala nokuqhuba izifundo zeBhayibheli nezisebenzi zeqembu lokubhukuda engangikulo. Ngesikhathi esifanayo, ngangigxile ekuziqeqesheleni umncintiswano wokubhukuda wesizwe owawusondela.

Ngemva kokutadisha nokuya emihlanganweni yobuKristu cishe unyaka, ubaba kaVera Lúcia waqala ukusola ukuthi sengathi kunokuthile okuqhubekayo. Ngolunye usuku lapho sibuya emihlanganweni, wayesilindile futhi efuna ukwazi ukuthi besiyephi. Ngamtshela ukuthi besisemhlanganweni wobuKristu futhi nakuba inkolo ingase ingabaluleki kuye, kithi iyindaba yokuphila nokufa. Wadonsa umoya wayesethi: “Hhayi-ke, uma iyindaba yokuphila nokufa, kuzofanele ngimane ngikwamukele.” Kusukela ngalolo suku kuqhubeke, isimo sakhe sengqondo sashintsha, futhi nakuba engazange abe omunye woFakazi BakaJehova, waba umngane wami oseduze ezikhathini engangimdinga ngazo.

Ukukhetha

Ngemva komncintiswano wesizwe ngase nginqume ukuyeka ukubhukudela imincintiswano, kodwa ukunqoba okubili nokwaqopha umlando eBrazil lapho ngibhukuda amamitha angu-400 nangu-1 500 ngendlela yami kwabangela ukuba ngimenyelwe iPan American Games eCali, eColombia, ngo-1970. Nakuba uVera Lúcia ayengafuni ngihambe, ngaqala ukuziqeqeshela le midlalo.

Lapho ngibhukuda kahle eCali, abaqondisi bangibuza ukuthi ngiyafuna yini ukuziqeqeshela ama-Olympic. Ngacabanga ngezifundo zami zobudokotela engangingakaziqedi kanye namaqiniso amangalisayo engase ngiwafundile ngezinjongo zikaJehova, ngakho ngawulahla umqondo wokuqhubeka nokubhukuda. Kusukela lapho kuqhubeke, ngathuthuka ngokushesha ngokomoya. Ngo-1972, unyaka wemidlalo yama-Olympic eMunich, eJalimane, mina noVera Lúcia sabonisa ukuzinikezela kwethu kuJehova ngobhapathizo lwamanzi. Lokhu kwakhuthaza umama ukuba avuselele isifundo sakhe seBhayibheli, futhi ngokuhamba kwesikhathi naye wabhapathizwa.

Ngemva kokubhapathizwa kukamama, ukuphikisa kukababa kwaqina. Ekugcineni, umkhaya wakithi wahlukana, futhi njengoba ngangiseseyunivesithi, kwadingeka siphile ngemali kamama encane yomhlalaphansi kanye nemali yokudayisa indlu yakithi. Ngenxa yalokho, mina noVera sawuhlehlisa umshado wethu. Empeleni izifundo ezinhle engangizithole kubaba zangisiza ukuba ngenze izinqumo engazenza. Wayejwayele ukuthi: “Ungesabi ukuhluka kwabanye,” nokuthi, “Iningi liyabona ububende.” Esinye sezisho ayezithanda sithi, “Ukubaluleka komuntu kukalwa yilokho akunika abanye.”

Njengomunye woFakazi BakaJehova ngiye ngakwazi ukusebenzisa iseluleko esihle sikababa. Ngangiseceleni kombhede wakhe lapho eshona ngo-1986. Sase siphinde saba ngabangane futhi sihloniphana. Ngicabanga ukuthi wayeziqhenya ngami, ngoba ngangibe udokotela njengaye.

Ngaleso sikhathi, ngase ngithole iziqu esikoleni sobudokotela ngo-1974. Nganquma ukuba udokotela ovamile, kodwa kamuva lapho ngiyicabangisisa le ndaba, nganquma ukuthi ngingaba usizo kakhulu kubafowethu abangamaKristu uma ngiba udokotela ohlinzayo. (IzEnzo 15:28, 29) Ngakho ngayamukela inselele futhi ngachitha iminyaka emithathu eyalandela ngiqeqeshelwa ukuba udokotela ohlinzayo.

Impi Engokomthetho Eyinselele

Icala elidabukisa kakhulu engangihileleke kulo kwakungelentombazane enguFakazi eneminyaka engu-15 ubudala eyayophele ngaphakathi. Yayisiphaphathekile futhi umfutho wegazi layo uphansi kodwa iqonda futhi iqinile esinqumweni sayo sokungampontshelwa igazi. Ngemva kokwenyusa umthamo wegazi layo, ngayihlola nge-endoscope futhi ngageza indawo eyayilimele ngengxube ye-saline ebandayo ukuze nginqamule ukopha. Isimo sayo saqala ukuba ngcono, kodwa esikhathini esingamahora angu-36 kamuva, lapho isegunjini labagula kakhulu, ukopha kwavele kwaqala phansi. Nakuba azama ngokusemandleni, udokotela owayesebenza wehluleka ukulawula ukopha futhi agcine umthamo wegazi layo ungehli, futhi le ntombazane yashona.

Lapho lokhu kwenzeka, ikomiti yobulungisa yangephuca ilungelo lokuqeqeshwa ngisebenza futhi yayisa indaba yami emkhandlwini wezempilo wesifunda. Ngamangalelwa ngokwephula imithetho emithathu yesimiso sezokwelapha, okwabeka imvume yami yokwelapha kanye nokuphila kwami esimweni esibucayi.

Ikomiti langinika izinsuku ezingu-30, phakathi nazo okwakufanele ngilethe ukuziphendulela okubhaliwe. Abameli bami balungiselela amaphuzu okungilwela angokomthetho nahambisana nomthetho-sisekelo, mina ngabhala izizathu ezisekelwe kwezempilo nezesayensi ngosizo lweKomiti Yokubonisana Nezibhedlela (Hospital Liaison Committee [HLC]) yendawo, iqembu loFakazi BakaJehova elithuthukisa ukubambisana phakathi kwesibhedlela nesiguli. Lapho sekuqulwa icala, ikomiti yeziqondiso yabuza imibuzo ikakhulu ngesimo sami njengodokotela nanjengomunye woFakazi BakaJehova. Nokho, izizathu zami ngokuyinhloko zazisekelwe kwezempilo nezesayensi nasemibikweni yodokotela abahlinzayo abahlonishwayo.

Ubufakazi obanikezwa baqinisekisa ukuthi isiguli sasenqabile ukumpontshelwa igazi nokuthi angizange ngenze lutho lokusithonya ukuba senze leso sinqumo. Lapho kuthethwa icala kwavela nokuthi phakathi kodokotela abane okwathintwana nabo, yimina kuphela owayeqale uhlobo lokwelapha oluvumelana nezifiso zesiguli nesimo saso esingokwempilo.

Icala lami lase lidluliselwa ekomitini eyayizokhipha isahlulelo ngokuvota. Ngakhuluma imizuzu eyishumi ngizilwela, ngagxila ezicini zezempilo kuphela njengoba ngangenzile kulokhu engangikubhalile kuqala. Ngemva kokungilalela, amalungu ekomiti amabili athi nakuba ngangingalimpompelanga igazi, ukwelapha engangikusebenzisile kwakusekelwe kwezesayensi ngokuqinile. Omunye udokotela wagcizelela ukuthi ukwelashwa ngaphandle kwegazi kuyaphumelela futhi kunamathuba amancane okubangela ukufa. Ilungu lokugcina lomkhandlu lathi iphuzu alikhona ukuthi ukumpompela igazi kwakuwukwelapha okuhle noma cha. Iphuzu liwukuthi udokotela angasiphoqelela yini isiguli sakhe ukuba selashwe ngendlela yokwelapha esingayifuni, futhi lona alicabangi ukuthi udokotela unalo lelo lungelo. Ngakho ngabantu abangu-12 kwababili, amalungu omkhandlu akuchitha konke ukumangala, futhi angikhulula.

Ukulwela Amalungelo Esiguli

Ezinye izikhulu zezempilo ziye zathola imiyalo evela enkantolo yokuphoqelela iziguli ezingoFakazi ukuba zivume ukumpontshelwa igazi, futhi ngezikhathi ezithile ngiye nganikeza ubufakazi enkantolo obuye basiza ukuchitha leyo miyalo. Elinye icala lalihilela uFakazi owayenemithambo yegazi evuvukele kuqhoqhoqho, inkinga ebangela ukopha kakhulu esiswini. Ngesikhathi esesibhedlela, wayesentula igazi kakhulu—isilinganiso se-hemoglobin yakhe sasingamagremu angu-4,7 i-deciliter ngayinye.a Ekuqaleni, akaphoqwanga ukuba avume ukumpontshelwa igazi, futhi wathola ukwelashwa kokumsekela kuphela.

Ngemva kwesonto sisesibhedlela, lesi siguli samangala ukuvakashelwa isikhulu senkantolo siza nomyalo wokuthi kufanele simpontshelwe igazi. Ngalesi sikhathi isilinganiso se-hemoglobin yaso sase sinyuke safika kumagremu angu-6,4 i-deciliter, futhi isimo sasingasesibi. Kubonakala sengathi umahluleli wayesekele isinqumo sakhe esilinganisweni se-hemoglobin sasekuqaleni hhayi kwesesibili, esase senyukile.

I-HLC yazimisela ukusiza. Isiguli sangicela ukuba ngisihlole. Ngenza kanjalo, futhi ngemva kwalokho ngakwazi ukusiyisa esibhedlela esasingaselapha ngaphandle kwegazi. Ngesikhathi esifanayo, abameli baso babekela inselele umyalo wenkantolo wokumpompela isiguli igazi.

Nganxuswa ukuba ngivele phambi kwejaji, elangibuza ngesimo sesiguli. Phakathi nokuqulwa kwecala, langigunyaza ukuba ngiqhubeke ngelapha isiguli lapho inkantolo isadingida udaba. Ngesikhathi icala seliqulwa kabusha futhi, isiguli sase singcono futhi sesiphumile esibhedlela. Lapho ngibizwa ukuba ngizofakaza futhi, ummeli wesibhedlela wangibekela inselele yokuba ngifakazele ukuthi indlela engangelaphe ngayo isiguli yayisekelwe kwezesayensi. Okwamdumaza, ngakhipha isihloko kumagazini wezempilo owawukhishwa yiso kanye leso sibhedlela ayesimelele, futhi wawutusa leyo ndlela yokwelapha!

Lapho kukhishwa isinqumo, sajabula ukuzwa ukuthi isimo sethu sokuthembela ekwelapheni kunokumpompela igazi sasisekeliwe. Isibhedlela sayalwa ukuba sikhokhe zonke izindleko, kuhlanganise nezindleko zomthetho. Nakuba isibhedlela safaka isikhalo, saphinda sahluleka.

Ukunakekela Umkhaya Wethu

Selokhu ngaba uFakazi, uVera Lúcia ubengisekela njengomngane ozinikele nanjengomfazi okhaliphile nomama oyisibonelo ezinganeni zethu. Uye wakwazi kanjani ukubhekana nazo zonke lezi zinselele, ukugcina ikhaya lethu nokusiza ekunakekeleni izingane, manje eziyintsha evuthayo ngokomoya? Uye wasizwa uthando lwakhe olujulile ngoJehova nangenkonzo yobuKristu.

Njengabazali, izingane zethu siye sazifundisa izimfundiso nezimiso zeBhayibheli zisencane. Naphezu kokuphila ukuphila okumatasa, silwela ukukhonza enkonzweni yesikhathi esigcwele izinyanga ezimbalwa unyaka ngamunye. Futhi senza konke okusemandleni ukunamathela esimisweni, esihlanganisa ukufunda iBhayibheli njalo, ukuxoxa ngetekisi losuku leBhayibheli usuku ngalunye nokuhlanganyela izinkolelo zethu nabanye enkonzweni yobuKristu. Muva nje umkhaya wethu uye waqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-12 masonto onke nabantu abangebona oFakazi.

Mina noVera Lúcia siyazama ukuhilela amadodana ethu ezintweni esizenzayo, kuyilapho ngesikhathi esifanayo, sikuhlonipha lokho akuthandayo. Sikholelwa ukuthi zintathu izinto eziyisisekelo ezidingekayo kubazali ukuze bawunakekele kahle umkhaya wabo. Okokuqala, imfundiso efanele, esekelwe eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. Okwesibili, isibonelo esifanele, esinikeza izingane ubufakazi obucacile bokuthi abazali bazo besaba uNkulunkulu ngendlela enempilo. Okwesithathu, ukuba nobudlelwano obufanele namaKristu abo bonke ubudala nezizinda, angadlulisela emalungwini omkhaya wakho izipho namakhono ahlukahlukene. Njengombhangqwana, siye sakwenza umgomo wethu ukunikeza umkhaya wethu lezi zinto.

Uma sibheka emuva cishe eminyakeni engu-30 yokukhonza uJehova, mina nomkami singasho kugcwale umlomo ukuthi, uye wasinika okungcono kakhulu ekuphileni futhi wasinika izinjabulo nezibusiso eziningi. Nakuba ngingaphumelelanga ukuya emidlalweni yama-Olympic, ngisakujabulela ukubhukuda amakhilomitha amaningana ngesonto. Yiqiniso, ukuba kwami udokotela nokuba omunye woFakazi BakaJehova kuye kwenza ukuba ngiphile ukuphila okumatasa kakhulu, kodwa ngiye ngakuthola kunomvuzo ukusiza abafowethu nodadewethu abangamaKristu ukuba babekezele enkonzweni yabo eya kuNkulunkulu lapho bebhekene nezilingo.

Ngezinye izikhathi ngiyabuzwa ukuthi kuyangikhathaza yini ukuthi ngiyophelelwa umsebenzi lapho kufika isimiso esisha sikaNkulunkulu futhi kungasekho ukugula. Ngiphendula ngithi yimi engiyogxuma kuqala ngenjabulo lapho ‘unyonga lutshekula njengendluzele, nolimi lwesimungulu luhuba’ futhi ‘abakhe khona bengasayikusho ukuthi: “Ngiyagula.”’—Isaya 33:24; 35:6.

[Umbhalo waphansi]

a Umuntu wesilisa omdala ophile kahle unesilinganiso se-hemoglobin esingaba amagremu angu-15 i-deciliter ngayinye.

[Isithombe ekhasini 15]

Ngihlinza isiguli

[Izithombe ekhasini 15]

NginoVera Lúcia, nalapho sisesifundweni sethu somkhaya

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela