Awubheke Izinyosi Ezingenaludosi Zase-Australia
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! E-AUSTRALIA
WAKE wathotshwa inhliziyo ukububula okupholile kwezinyosi ezimatasa njengoba ziphithizela zisuka kwenye imbali ziya kwenye ekukhanyeni kwelanga okugqamile ngasekuqaleni kwentwasahlobo? Ziyizinambuzane ezinhle ngempela. Ukube nje bezingantinyeli!
Ungase umangale ukwazi ukuthi kunezinyosi ezingantinyeli. Zaziwa ngokuthi izinyosi ezingenaludosi zase-Australia, futhi zingatholakala ezindaweni eziningi empumalanga ye-Australia. Izinyosi ezingenaludosi zingamamilimitha amane ubude. Zimnyama futhi zinoboya obumhlophe obukhulu ebusweni nasemaceleni. Eziningi zazo zinamachashazi amancane aphuzi ngemuva eqolo. Okungenani kunezinhlobo eziyishumi zezinyosi ezingenaludosi ezingatholakala ogwini olusenyakatho ekude yeQueensland kuya eningizimu yeNew South Wales. Ezinye ziye zatholakala eNorthern Territory eshisayo kuleli zwekazi.
Cabanga ngezinzuzo kulabo abathatha uju ezidlekeni zezinyosi. Omunye umfuyi wezinyosi wathi: “Nakuba ngigqoka isigqoko esivikela ezinyosini nejezi elivala intamo ukuze ngisebenze [ngezinye izinhlobo zezinyosi], angidingi lutho lokuzivikela uma ngisebenza [ngezinyosi ezingenaludosi]. Imizuzu emihlanu ngemva kokuvula ibhokisi, izinyosi zisuke zisazisebenzela sengathi angikho.”
Izindlu zezinyosi ezingenaludosi zihluké kakhulu kwezezinye izinyosi ezenza uju. Eqinisweni, zivame ukubizwa ngokuthi izidleke. Esikhundleni sokugcina uju lwazo nempova emakhekhebeni avamile, izinyosi ezingenaludosi zakha izixhobo zamabhodwe ayiziyingi. La mabhodwe ayavalwa uma esegcwele, bese kwakhelwa amanye amabhodwe phezu kwawo noma eceleni kwawo.
Ngaphakathi Esidlekeni
Ake sibuke ingaphakathi lesidleke, esinezinyosi ezingenaludosi ezingaba ngu-15 000. Nokho, qaphela ngoba nakuba lezi zinyosi zingantinyeli, zingakuncinza ngemihlathi yazo.
Lapho sidlula emhubheni wesidleke, sithola kuphithizela. Lona ngumsebenzi wokubambisana ngempela phakathi kwezinyosi. Ngayinye yazi kahle ukuthi yini okumelwe yenziwe nokuthi kumelwe yenziwe kuphi. Sibona inyosi eyodwa encane ilolonga futhi igudla ibhodwe elisha lezinyosi, sengathi ilandela ngokucophelela ipulani ethile. Eceleni kwethu kunezinye izinyosi ezine ezivala ibhodwe elisanda kugcwaliswa ngoju. Kunezinsika ezinkulu eziwuhlaka okwakhelwa kulo amabhodwe. Lobu bungcweti busiza ekusekeleni uju olusindayo.
Manje singena egumbini elilandelayo futhi sibona inyosi enkulu kakhulu kunezinye. Lona ngunomthebe [indlovukazi] esebukhazikhazini bakhe! Akasemuhle, usho ngemidwa ecwebezelayo emnyama nesagolide futhi uzungezwe isixuku sezinye izinyosi ezimatasa! Manje unomthebe uqala ukuzalela amaqanda emigodini yamakhekheba engu-60 alungiselelwe yona. Yeka ukuthi ucophelela kangakanani, usikhumbuza umama uma ebeka ingane yakhe embhedeni wayo! Phawula futhi ukuthi lezi zisebenzi ziyivala ngokushesha kanjani imigodi yamakhekheba eseceleni kwakhe. Ngemizuzwana nje embalwa, umsebenzi usuphelile.
Lapho Amaqanda Esechanyuselwa
Uma amaqanda esechanyuselwa, iqhimiza ngalinye lidla ukudla okufakwe emgodini wekhekheba elilungiselelwe lona. Uma selikhulile lingasakwazi ukuhlala ekhekhebeni elinomovu, iqhimiza liziphothela umfece walo. Kulo mfece iqhimiza liba inyosi (lidlula esigabeni sokuba isiphungumangathi). Kamuva liyaphuma emfeceni liqale umsebenzi—okungukuthi, uma izinyosi ezinakekelayo sezithe ukulinakekela kancane. Kwenzekani emakhekhebeni omovu? Aqoqwa ngokushesha, futhi into akhiwe ngayo iphinde isetshenziswe. Lapho izinyosi seziphumile emfeceni, umfece awusadingeki. Uma ushiywa lapho uzomane ungcolise isidleke. Ngakho izinyosi eziningi ezihlanzayo ziyawulahla.
Izinhlobo eziningi zezinyosi ezingenaludosi zikhiqiza into yokwakha ebizwa ngokuthi i-cerumen. Le nto ikhiqizwa umovu ovela emizimbeni yezinyosi ngokwayo uhlangene nenhlaka nomovu eziwuqoqa ezitshalweni nasezihlahleni. I-cerumen isetshenziselwa ukwakha uhlaka lwezinsika ezimile nezivundlile, ezihlanganiswe zaqina. Njengoba zakha uju namabhodwe empova kulolo hlaka, izinyosi ziyazulazula ngaphakathi emabhodweni, zilolonga futhi zigxisha i-cerumen. Amabhodwe abe esegcwaliswa futhi avalwe. Ziqhutshwa umzwelo ongokwemvelo, izinyosi kubonakala sengathi ziyakwazi ukubaluleka kwezitshalo nezingozi zesimo sezulu ngenkathi ethile. Zibonakala zazi kahle ukuthi ukuqoqwa nokulondolozwa kokudla kuyinto eyinhloko edingekile ukuze ziphile.
Izinyosi zishiya isidleke ziyofuna izinto zokwakha, kanye nompe nempova. Uma isingaphandle kwesidleke, inyosi iba umholi nomqondisi onekhono. Inyosi yazi kahle ukuthi kufanele iqoqeni nokuthi izokutholaphi lokho.
Ukuqala Ikhaya Elisha
Njengoba iqulo likhula, isidleke siyagcwala nswí. Kwenzekani manje? Kubonakala sengathi umyalezo othunyelwa emkhayeni uthi “kuzofanele sakhe enye indlu.” Ngezinye izikhathi, isithunywa esisodwa sizohlola indawo engafaneleka ukuba kwakhiwe kuyo. Bese kulandela “onjiniyela.” Ngokuvamile ochwepheshe abaphakathi kuka-30 no-50 bazohlola ingaphakathi laleyo ndawo amahora ambalwa, sengathi baphawula ngemigqa nangezigxobo. Bese kuthi uma sebebonile ukuthi isisekelo sihle, baphindele ekhaya, ngokusobala ukuze bayobika. Ngokulandelayo, ngokuvamile phakathi namahora angu-48, “abakhi” bayatheleka. Kungase kube nezinyosi ezingaphezu kwenkulungwane—kodwa unomthebe akabi khona. Ngokushesha ziqala umsebenzi, zilethe izinto zokwakha nokudla okuvela esidlekeni esikhulu.
Lapho zilungiselela ukufika kukanomthebe walesi sidleke esisha, isidleke sokufukamela kufanele sakhiwe ukuze kulondolozwe izinga lokushisa elifanele—elingaba ngu-28° C. Ukuze kufinyelelwe lokhu, izinyosi eziyizisebenzi zinameka isidleke nge-cerumen, kube sengathi zimboza isidleke ngengubo. Ungathi lezi zinyosi ezihlakaniphile ziyazi ukuthi amaqanda kufanele agcinwe efudumele. Manje yonke into isilungile, futhi cishe ngosuku lwesi-9, kulethwa unomthebe omusha, okhulele esidlekeni esikhulu. Ngokushesha uqala ukuzalela amaqanda azoveza izinyosi eziningi zesigodlo sakhe.
Kancane kancane, izinyosi ezifikile zivela esidlekeni esikhulu zizofa bese zithathelwa indawo yizinyosi ezintsha, ezincane zakulo muzi omusha. Ngokuhamba kwesikhathi, izinyosi zakulesi sidleke zizokuthola kudingekile ukwakha enye indlu. Kanjalo kuqhubeka omunye umjikelezo omangalisayo oklanywe uMdali ongenakuqhathaniswa namuntu!
[Isithombe ekhasini 13]
Esikhundleni sokwakha amakhekheba avamile, izinyosi ezingenaludosi zakha izixhobo zamabhodwe ayiziyingi
[Isithombe ekhasini 14]
Kunezinhlobo okungenani eziyishumi zezinyosi ezingenaludosi e-Australia