Ukuwohloka Kwesimilo Emhlabeni Wonke
“UMOYA wokukhohlisa ugcwele yonke indawo,” kusho uDavid Callahan, muva nje obhale incwadi ethi The Cheating Culture. Phakathi kwezinye izinto ezenzeka e-United States, ubala “ukukhohlisa kwabafundi basesikoleni esiphakeme nabasekolishi,” “umgunyathi” womculo namabhayisikobho, “ukweba emsebenzini,” “ukukhwabanisa okukhulu kwezokunakekelwa kwempilo” nokusetshenziswa kwezidakamizwa kwezemidlalo. Uyaphetha: “Uma uhlanganisa zonke lezi zinhlobonhlobo zezenzo ezingafanele zokuziphatha nezomthetho ziba ukuwohloka kwesimilo okukhulu ngendlela emangalisayo.”
I-New York Times yathi iSiphepho uKatrina, esagadla e-United States ngasekupheleni kuka-2005, “sabangela ukuqubuka kwezenzo ezixaka ngempela zokukhwabanisa, ubuqili nokuba budedengu kukahulumeni emlandweni wanamuhla.” Ilungu lesigele sase-United States labika: “Ukukhwabanisa obala, ukwenziwa kobuqili ingcaca, ukusaphazwa kwezinto—kuyashaqisa ngempela.”
Yiqiniso, basekhona abantu abazidela ngomusa ongenabugovu. (IzEnzo 27:3; 28:2) Kodwa sivame ukuzwa abantu bethi: “Kungisiza ngani? Ngizotholani?” Kubonakala sengathi abantu baphila ngesimo sengqondo sokuzibeka bona phambili.
Esikhathini esidlule, ukuziphatha okubi kobugovu okwenziwa ingcaca kuye kwavezwa njengesizathu esinomthelela ekuweni kwemiphakathi ethile, njengoMbuso WamaRoma. Ingabe okwenzeka manje kuyisandulela sokuthile okukhulu nakakhulu? Ingabe zonke izingxenye zomhlaba sezithintwa ‘ukwanda kokwephulwa komthetho,’ iBhayibheli elibikezela ukuthi kuyoba uphawu lokuphela kwaso sonke lesi simiso sezinto?—Mathewu 24:3-8, 12-14; 2 Thimothewu 3:1-5.
Ukuwohloka Kwesimo Emhlabeni Wonke
Lapho ibika “ngengqungquthela ephathelene nokuxhashazwa ngokobulili nezithombe ezingcolile” emijondolo engxenyeni ethile yase-Uganda, i-Africa News ka-June 22, 2006 yathi “ukunganaki kwabazali yikona okubangele ukwanda komkhuba wokudayisa ngomzimba nokudliwa kwezidakamizwa kule ndawo.” Leli phephandaba lathi: “Isikhulu esiphethe uMnyango Wezokuvikelwa Kwezingane Nomkhaya eSiteshini Samaphoyisa SaseKawempe, uMnu. Dhabangi Salongo, sathi izinga lokuxhashazwa kwezingane nobudlova basekhaya liye landa kakhulu.”
Udokotela othile eNdiya uthi “umphakathi usulahlekelwa isimilo sawo.” Omunye umqondisi wamabhayisikobho kulelo zwe wathi “inhlanganisela yokwanda kokusetshenziswa kwezidakamizwa nokuziphatha okuxekethile kobulili kungolunye uphawu lokuthi elaseNdiya selingene shí ‘ekuzitikeni ngamanyala aseNtshonalanga.’”
UHu Peicheng, unobhala-jikelele we-China Sexology Association eBeijing, waphawula: “Ngaphambili sasazi ukuthi yini elungile nengalungile emphakathini. Manje, sesingenza noma yini esiyifunayo.” Isihloko sikamagazini i-China Today sakubeka ngale ndlela: “Umphakathi uya ngokuya ukubekezelela ukushendeza.”
Muva nje i-Yorkshire Post yaseNgilandi iye yaphawula: “Kubonakala sengathi wonke umuntu uyakhumula futhi usebenzisa ubulili njengethuluzi lezohwebo. Cishe esizukulwaneni esidlule izenzo ezinjalo zaziyowuthukuthelisa umphakathi. Namuhla, siboniswa inqwaba yezithombe zobulili ezinhlobonhlobo futhi . . . seziyinto eyamukelwa kabanzi.” Leli phephandaba lanezela: “Izinto ngaphambili ezazibhekwa njengezifanele abantu abaneminyaka engaphezu kwengu-18 kuphela manje seziyizinto ezibukwa umkhaya ngokuvamile, futhi abamelene nezithombe ezingcolile zobulili bathi zihloselwe ukuba zibukelwe yizingane ngokukhethekile.”
I-New York Times Magazine yathi: “[Enye intsha] ikhuluma [ngezindaba zayo zobulili] obala ngendlela ebingenza ngayo lapho ixoxa ngokudla okutholakala ethilomu.” I-Tweens News, “enikeza isiqondiso sobuzali ezinganeni ezineminyaka engu-8 kuya kwengu-12,” yathi: “Ibhala ngesandla somntwana esingafundeki, intombazanyana ethile yabhala umyalezo odabukisayo: ‘Umama ungiphoqelela ukuba ngiphole nabafana, ngithandane nabo futhi ngilale nabo. Ngineminyaka engu-12 kuphela . . . ngicela ningisize!’”
Yeka indlela izikhathi esezishintshe ngayo! I-Toronto Star yaseCanada yaphawula ukuthi esikhathini esingeside esidlule “wona kanye umqondo wokuthandana kongqingili obala wawuwuthukuthelisa umphakathi.” Kodwa uBarbara Freemen, ofundisa umlando wezenhlalo eCarleton University, e-Ottawa, uthi: “Abantu manje sebethi, ‘Okwenza ngasese akundaba yamuntu. Asifuni abanye abantu bagxambukele ezindabeni zethu.’”
Kusobala ukuthi kula mashumi ambalwa eminyaka adlule, isimilo siye sawohloka ngokushesha okukhulu ezindaweni eziningi emhlabeni wonke. Yini eye yabangela lolu shintsho olukhulu? Wena uzizwa kanjani ngalo? Futhi lolu shintsho lubonisani ngesikhathi esizayo?