Ukuhlola Izihlahla Ezinhle
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EBRITHANI
IWESTONBIRT, idolobhana laseCotswolds eNgilandi, laziwa nge-arboretum yalo.a Ingenye yamaqoqo ezihlahla nezihlahlana amadala, amakhulu namahle kakhulu emhlabeni. Ake siyihlolisise.
Ubuhle Nokubukeka
“Wonke umuntu uhlatshwa umxhwele ubuhle, ukubukeka, nokuba isimangaliso kwaleli qoqo,” kusho uHugh Angus, umnakekeli walendawo. Futhi kubonakala eqinisile uma sibheka inani lezivakashi eziya ziphindelela.
Le-arboretum inezihlahla nezihlahlana ezingu-18 000, ezimelela cishe ingxenye yezinhlobo ezihlukahlukene ezingu-9000 ezimila eziNdaweni Ezishisayo emhlabeni. Izivakashi zingahamba ngokukhululekile kuleli paki elingamahektare angu-240, kodwa ukuze ziyijabulele ngokugcwele lendawo, “siye sahlukanisa le-Arboretum yaba izingxenye ezine futhi sasikisela izikhathi ezifanele zokuvakashela ingxenye ngayinye,” kuchaza incwadi yeziqondiso engokomthetho. Ngaphezu kwalokho, kukhona izici ezikhethekile, njenge-Autumn Colour Trail, iHillier Cherry Collection, neNative Species Collection, zonke ezinezimpawu ezichonyiwe namabalazwe.
Ukujabulela Izikhathi Zonyaka
Umjikelezo wezinkathi zonyaka eNyakatho Nenkabazwe uyinto engokwemvelo ejabulisayo. Isikhathi sonyaka ngasinye kule-arboretum sinezici ezikhangayo. Ubusika buyisikhathi esihle kakhulu sokujabulela izinhlobonhlobo zezihlahla ezingabuni nokubona ukuma okukhangayo, ukwakheka okuthakazelisayo, nemibala emangalisayo yezihlahla eziwohloka amaqabunga ebusika. Kamuva, izihlahlana nezihlahla eziqhakaza entwasahlobo—ama-azalea, ama-camellia, ama-cherry, ama-magnolia, nama-rhododendron—ziveza ubuhle bazo obumangalisayo, nokwendlaleka kwezitshalo zasendle kunezela ubuhle kulokhu kubukeka.
Ehlobo kuba namaqabunga azolile kule-arboretum, ngaphambi kombukwane omuhle wezimbali ekwindla. Izivakashi ezingaba ngu-90 000 zithutheleka eWestonbirt ngo-October ukuze zibone lombukwane, eyaziwa kakhulu ngawo. Lapha, izinhlobonhlobo zama-maple aseJapane, anombala obomvu tebhu zihamba phambili.
Eziningi zezinhlobo zama-maple amadala aseJapane eWestonbirt kungenzeka zingezokuqala ezalethwa kulelizwe phakathi nenkathi ye-Edo, ngo-1603-1867. Ngokudabukisayo, awukho umbhalo ogciniwe wamagama esiJapane alezi zinhlobonhlobo ezindala. Ama-maple aqala ukungathandwa eJapane ngemva kokutholakala kwawo eYurophu, ngakho lawa okuqala asekhona awanakuqhathaniswa namaqoqo aseJapane noma asezindaweni zakhona zezitshalo. Njengoba ama-maple aseJapane amadala encipha, kutshalwa izihlahla ezisencane. Cishe isihlahla ngasinye sinamaqabunga anokwakheka nombala ohlukile. Lezi zihlahla ngezembewu eyathathwa ezihlahleni ezindala zama-maple, futhi zakhethwa ngenxa yokubukeka kwazo kwasekwindla. Ukuze avikelwe futhi athole umthunzi, ama-maple atshalwa phakathi kwezihlahla ze-oki esezikhulile nezihlahla ezingabuni. Lezi zihlahla futhi zinamaqabunga aluhlaza nasagolide lapho ukukhanya kwelanga lasekwindla kuthubeleza khona ukuze kukhanyise ama-maple.
Ukulawulwa Okungokwesayensi
IWestonbirt Arboretum yaqalwa njengomsebenzi wokuzilibazisa ngo-1829 futhi yathathwa i-British Forestry Commission ngo-1956. Injongo yayo akukhona ukujabulisa umphakathi kuphela. Ngempela, injongo yayo eyinhloko iwukuthuthukisa iqoqo elingokwesayensi elifanelana kangcono nezimo zendawo. Ukuze kufezwe lenjongo, kucwaningwa ngezindlela zokulandisa leli qoqo, futhi imiphumela—emihle nemibi—ihlanganyelwa nezinye izindawo zokunakekela izitshalo.
IWestonbirt iyingqalabutho yesimiso esisebenza nge-computer esigcina imininingwane yohlobo ngalunye lwesitshalo—imvelaphi yalo, ukuthuthuka kusuka embewini kuya ekukhuleni, impilo nanoma iyiphi indlela yokwelapha izifo, ngisho nembangela yokufa kwalolo hlobo lwesitshalo. Omunye umsebenzi obalulekile ukwandiswa kwezinhlobo zezitshalo eziyivelakancane noma ezingavamile, kuhlanganise nalezo i-International Union for the Conservation of Nature and Natural Resources ezifake ohlwini lwezisengozini ezindaweni zazo ezingokwemvelo. Izimbewu zitholakala emithonjeni ethembekile ukuze kugwenywe ingxubevange, futhi lezi zinhlobo zezitshalo zinikezwa nezinye izindawo zokunakekela izitshalo.
IWestonbirt futhi iyisikhungo sezemfundo. Kukhona izinhlelo zokuhlukanisa izihlahla, izinkulumo eziphathelene nokugawulwa kwamahlathi, izinkulumo ezenziwa lapho kunezivakashi, nemibukiso yama-slide. Ezikhathini ezithile zonyaka, izingane zesikole ezivakashile zinikezwa izinkulumo ezenziwa ngemifanekiso nsuku zonke.
Njengoba simathintanyawo ngokuhamba kule-arboretum, sinokuhlangenwe nakho okungenakulibaleka, sishukunyiselwa ukuba siphinde sibuye sizojabulela ubuhle obuba khona ngezinye izinkathi zonyaka. Ukuhlolisisa lezi zihlahla ezinhle kuye kwasiqaphelisa kakhudlwana ukubukeka kwazo kanye nokubaluleka kwazo esimisweni sezinto eziphilayo emhlabeni.
[Umbhalo waphansi]
a Igama elisuselwa kwelesiLatini elithi arbor, elisho “isihlahla.”
[Izithombe ekhasini 17]
Ngenhla: Imisayipuresi kaLawson
Phakathi nendawo: I-“maple” yaseJapane
Ngezansi: Umsedari waseLebanoni