Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g98 6/22 k. 15-k. 17 isig. 7
  • Indlela Ongagwema Ngayo Izinkinga Lapho Useholidini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Ongagwema Ngayo Izinkinga Lapho Useholidini
  • I-Phaphama!—1998
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lungiselela Kahle
  • Lapho Ufika
  • Okubalulekile Ukuze Ube Neholide Elijabulisayo
  • Kungani Ungazami Ukuchitha Iholide Ekhaya?
    I-Phaphama!—1990
  • Jabulela Amaholide Ngaphandle Kokuzisola!
    I-Phaphama!—1996
  • Okufanele Ukuqaphele
    I-Phaphama!—1996
  • Ingabe Ukulungele Ukuya Eholidini?
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1998
g98 6/22 k. 15-k. 17 isig. 7

Indlela Ongagwema Ngayo Izinkinga Lapho Useholidini

ISIKHATHI seholide—ucabangani uma kushiwo njalo? Ukuphumula ogwini lolwandle libalele, ujabulele ukuhlala emthunzini wezihlahla ezinhle zesundu? Noma mhlawumbe injabulo yokuphefumula umoya opholile nohlanzekile wasentabeni?

Nokho, ungase ukhathazeke ngesimo sezulu esingase singabi sihle, ukubambezeleka kwezindiza, ukuguliswa ukuhamba, njalonjalo. Kungakhathaliseki ukuthi ucabangani, yini ongayenza ukuze wenze iholide lakho libe elijabulisa ngangokunokwenzeka?

Lungiselela Kahle

Abantu abahlakaniphile abaya emaholidini balungiselela kusengaphambili. Bathola izincwadi zokuhamba nezempilo kusengaphambili ukuze zibe sezilungile lapho sebehamba. Ukubuza ukuthi yiziphi izifo abangase bazithole kuyabasiza banqume ukuthi imiphi imithi yokugoma abangase bayisebenzise.

Abaningi uma belungiselela ukuya ezindaweni okwande kuzo umalaleveva, baqala ukuphuza amaphilisi alwisana nomalaleveva ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kokuba bahambe. Nokho, ukuze baqiniseke ukuthi bavikelekile kuye kutuswe ukuba baqhubeke bewaphuza lawo maphilisi baze babuye, kuze kuphela namasonto amane bebuyile. Lokhu kungenxa yokuthi amagciwane kamalaleveva athatha isikhathi eside kangako ukuchamusela emzimbeni. Kodwa ezinye izinyathelo zokuzivikela nazo zibalulekile.

UDkt. Paul Clarke, wase-London School of Hygiene and Tropical Medicine, uyeluleka: “Okunye okubalulekile izinto ezigcotshwa esikhunjeni noma ezihlakaleni nasemaqakaleni ezilwa nezinambuzane, amanetha okuvimbela omiyane kanye nesifutho sikagesi esibulala izinambuzane.” Ngokuvamile izinto ezinjengalezi kungcono ukuzithenga ngaphambi kokuba uhambe uye eholidini.

Ukugula phakathi nohambo kwenza noma iluphi uhambo lungajabulisi. Kubangelwa yini? Omunye umcwaningi uthi ukuguliswa ukuhamba kwenzeka lapho kunezinto ezintsha eziningi ngokweqile engqondweni ezibangelwa ukuba sendaweni ongayejwayele. Uma le nkinga ibangelwa ukuhamba komkhumbi, ukundindizela kwendiza, noma ukuduma kwenjini yemoto yakho, zama ukugxilisa ingqondo entweni ethile engahambi, mhlawumbe umkhathizwe noma umgwaqo ongaphambili. Izimbotshana ezikahle zokungenisa umoya ziyonikeza umoya-mpilo odingekayo. Ezimweni ezinzima zokuguliswa ukuhamba, amaphilisi ama-antihistamine angase asize ukwenza isimo sibe ngcono. Nokho, kuyafaneleka ukuxwayisa ngokuthi: Qaphela ezinye izifo angase azibangele, njengesicanucanu, ngoba ngaphansi kwezinye izimo lokhu kungase kudale ingozi.

Ukuhamba amabanga amade ngendiza nakho kunezakho izingozi, njengokuphelelwa amanzi emzimbeni. Kwabanye, ukungenzi lutho nokuhlala ufingqene isikhathi eside kungase kudale ingozi yokuba igazi libe ihlule emlenzeni. Uma ihlule lisuka lapho liya ephashini noma enhliziyweni, kungaba nemiphumela eyingozi nakakhulu. Ngakho-ke, ohambweni olude abanye kungase kudingeke bavivinye umzimba ngokuhamba emaphasishini noma ngokwelula imisipha yenqulu noma yemilenze ngesikhathi behleli. Ukuze ungaphelelwa amanzi emzimbeni phuza kakhulu iziphuzo ezingenayo i-alcohol.

Ingabe lokhu okungenhla kumane nje kukwenze ukwesabe kakhulu ukuhamba ngendiza? Uma kunjalo, kufanele kukududuze ukwazi ukuthi ukuhamba ngendiza kuphephile ngokwezinga elithile. Kubikwa ukuthi kuphephe ngokuphindwe izikhathi ezingu-500 kunokuhamba ngesithuthuthu nangokuphindwe izikhathi ezingu-20 kunokuhamba ngemoto! Nokho, abanye bayophawula ukuthi izibalo ezinjalo zisekelwe ekuqhathaniseni amakhilomitha ahanjwayo hhayi isikhathi esichithwa kuhanjwa.

Ukuhamba nezingane kubeka inselele nakakhulu. “Hlela kahle uhambo lwakho njengomkhankaso wezempi,” kutusa umsakazi uKathy Arnold. Ngisho nakuba ungenakukwazi ukukwenza lokho, phatha izincwadi, izinto zokudlala, nezinye izinto ezizothakazelisa izingane zakho. Lokhu kuyokwenza ukuhamba kujatshulelwe umkhaya wonke.

Lapho Ufika

Abaningi abaya emaholidini bavame ukuthi, ‘kungithatha izinsuku ezine noma ezinhlanu ngaphambi kokuba ngikhululeke futhi ngijabulele ukuhlala lapho ngivakashele khona.’ Kuyavunywa, kuthatha isikhathi ukujwayela indawo entsha. Ngakho-ke kungase kube ukuhlakanipha ukungajahi ngosuku lokuqala noma lwesibili ngemva kokuba ufikile. Vumela umzimba nengqondo yakho ukuba kuzivumelanise nohlelo olusha. Ukuhluleka ukwenza lokhu kungase kukubangele ukucindezeleka futhi kunciphise izinzuzo obungazithola ngokuba seholidini.

Esinye isilinganiso sibonisa ukuthi okungenani ingxenye yabantu abayizigidi ezingamakhulu amaningana emhlabeni wonke abaya phesheya unyaka ngamunye bayagula noma balimale ngandlela-thile. Ngakho-ke, njengoba uDkt. Richard Dawood, umhleli we-Travellers’ Health, echaza, “ukugoma icebiso lezempilo okungekho sivakashi okufanele silishaye indiva.” Njengoba umzimba wesivakashi udinga ukulungela ukulwa nezinhlobo ezihlukahlukene zamagciwane asemkhathini, asekudleni nasemanzini, kubalulekile ukuqaphela ukudla okudlayo ikakhulu lapho usanda kufika.

“Akufanele umane ucabange ukuthi ukudla kuphephile,” kuxwayisa uDkt. Dawood, “ngaphandle kwalapho wazi ukuthi kusanda kuphekwa futhi kuphekisisiwe (kwasha amagciwane)—ikakhulukazi uma kuyinyama, kufanele iphekwe kuze kuphele ukuba bomvu.” Nokho, ngisho nokudla okushisayo kungangabazisa. Ngakho-ke, “zanelise ukuthi ukudla okudla namuhla emini akukhona okusale izolo kusihlwa, okufudunyeziwe kwahlelwa kabusha.”

Ngakho-ke, uma useholidini endaweni ehluke kakhulu kuleyo ohlala kuyo, ungase ungakwazi ukudla ukudla okufunayo njalo, ngesikhathi osifunayo nokudlela endaweni oyifunayo. Kodwa lokhu kumane kuyinto encane nje ngoba ngokwenze njalo ungavimbela isifo sohudo okubikwa ukuthi siye sahlasela izivakashi eziyizingxenye ezimbili kwezinhlanu emhlabeni wonke.

Kokuphuzwayo, ngokuvamile amanzi afakwe ebhodleleni aphephe kangcono kunalawo asuke etholakala endaweni osuke ukuyo. Nokho, ukuze ugweme izinkinga, kungcono ukuba iziphuzo ezisemabhodleleni nezisemathinini zivulwe phambi kwakho. Kungase kube ukuhlakanipha futhi ukungalifaki iqhwa eziphuzweni. Libheke njengelingabazisayo uma ungazi ukuthi liphephile yini.

Okubalulekile Ukuze Ube Neholide Elijabulisayo

Ngemva kokuhlola abafundi bephephandaba lakhe, umhleli wephephandaba lezokuvakasha wabika: “Uma isimo sezulu kuyiso esikwenza uthi iholide belilihle noma belilibi, nabangane banengxenye enkulu.” Eqinisweni, “abangane abahle” babalwa njengento eyenza iholide lijabulise “ukwedlula ngisho namahhotela aphambili, uhambo olungenangozi, ukudla okumnandi, nezindawo ezinhle.”

Kodwa ungabatholaphi abangane abasha abakhayo uma useholidini? Nokho, enye indlela yokwenza kanjalo ukubhalela ihhovisi le-Watch Tower Society elisezweni ohlela ukuvakashela kulo. Lizokunikeza amakheli amaHholo OMbuso oFakazi BakaJehova aseduze nalapho uya khona kanye nesikhathi semihlangano yabo. Amanye amakheli ambalwa alawa mahhovisi atholakala ekhasini 5 lalo magazini, futhi uhlu olunamakheli engeziwe ungaluthola ngokubheka INcwadi Yonyaka yoFakazi BakaJehova.

Okubalulekile ukuze ujabulele iholide lakho futhi ngesikhathi esifanayo ugweme ukuzisola, ukulalela iseluleko seBhayibheli esihlakaniphile: “Ningadukiswa. Ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba enosizo.” (1 Korinte 15:33) Uma uzwa noma isiphi isifiso sokubalekela izindinganiso nemikhuba yobuKristu lapho uwedwa eholidini, ngokuhlakanipha kubheke njengobuthakathaka lokhu futhi ucele usizo lwaphezulu ukuze ulwisane naleso sifiso. Futhi abazali kudingeka baqaphele lokho okwenziwa izingane zabo. Khumbula ukuthi lezi “izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo” noma ngabe ukuphi.—2 Thimothewu 3:1.

Uma niya eholidini njengomkhaya, ningathathi kalula nje nithi umama uzokwenza konke avame ukukwenza ekhaya. Zimiseleni ukusiza ngemisebenzi yansuku zonke, futhi nibonise umoya wokubambisana. Isimo sengqondo esinjalo senza wonke umuntu alijabulele iholide.

Ingabe iholide lenu lizoba elijabulisayo? Ukuthatha izithombe, ukuthenga amaposikhadi nezinye izikhumbuzo ezimbalwa mhlawumbe ngisho nezinye izinto zobuciko ezenziwa kuleyo ndawo kuyoletha izinkumbulo ezijabulisayo. Kodwa akungabazeki ukuthi okuyokhumbuleka ngokukhethekile abangane abasha obatholile. Hlale uthintana nabo. Bhalelanani izincwadi ukuze nixoxelane okuhlangenwe nakho okuthakazelisayo. Ziningi izindlela ongenza ngazo iholide lenu libe elijabulisa ngempela.

[Ibhokisi ekhasini 17]

Ezinye Izikhumbuzo Ngokuya Eholidini

Ngaphambi kokuba uhambe

• Thola zonke izincwadi zokuhamba nezempilo ezingokomthetho

• Thola imithi yokugomela izifo

Phakathi nohambo

• Phuza kakhulu iziphuzo ezingenayo i-alcohol, futhi uvivinye umzimba uma uhamba ibanga elide ngendiza

• Phatha izinto ezizothakazelisa izingane

Lapho ufika

• Nika umzimba nengqondo yakho ithuba lokuzivumelanisa nendawo

• Yidla ukudla okuphephile uphuze namanzi ahlanzekile kuphela

• Hlala uqaphile ngokokuziphatha

• Hlanganyela imisebenzi yansuku zonke namanye amalungu omkhaya

[Isithombe ekhasini 16]

Lapho useholidini, qaphela abantu ozihlanganisa nabo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela