Londoloza Ukuziphatha Okuhle Okukhazimulisa UNkulunkulu
1 Noma sikuphi, ukuziphatha kwethu, ukugqoka nokuzilungisa kwethu kunikeza ubufakazi ngathi nangoNkulunkulu esimkhulekelayo. Lokhu kuqapheleka nakakhulu emibuthanweni emikhulu yabantu bakaNkulunkulu, lapho abantu abaningi besiqaphelisisa khona. Uma siyisibonelo, igama likaJehova liyakhazinyuliswa. (1 Pet. 2:12) Nokho, ukuziphatha okungekuhle noma izenzo zokungacabangi zabambalwa zingaletha isihlamba egameni likaNkulunkulu nakubantu bakhe. (UmSh. 9:18b) Ukukhumbula ukuthi abantu bangaphandle bahlulela inhlangano yethu noNkulunkulu esimkhulekelayo ngenkambo yethu, kufanele kusenze sikuqaphele ukuba ‘zonke izinto sizenzele ukukhazimulisa uNkulunkulu.’—1 Kor. 10:31.
2 Ukuziphatha Okuyisibonelo Emahhotela Nasemahostela: Ezikhathini eziningi, izisebenzi zalezi zindawo zihlatshwa umxhwele ukuhleleka, inhlonipho nokuhlanzeka koFakazi BakaJehova. Lapho ekhuluma ngemikhaya yoFakazi eyayilala ehhotela lakhe, omunye umphathi wathi: “Izingane zoFakazi BakaJehova zikahle kunazo zonke izingane engake ngazibona! Zigqoke ngesizotha; zithobekile, zimnene futhi zinenhlonipho; futhi azizange zisibangele inkinga. Kufanele sinincome ngempela ngezingane zenu. Siye sakujabulela ukuba nezingane zenu lapha.” Ukuphawula okufana nalokhu kuningi ngoba labo abasebenzelana nathi bayalubona uthando nenhlonipho ephakathi kwabantu bakaJehova.
3 Ngakolunye uhlangothi, okuphawulwa ezinye izisebenzi kubonisa ukuthi kusenenkinga ngabanye abaziphatha budedengu noma baxhaphaze lezi zindawo. Lokhu kubangela izinkinga futhi kudale ukugxekwa okungadingekile. Abanye abaphathi bakhononda ngokuthi izingane nentsha zibanga umsindo futhi azilawuleki, njengoba zingagadiwe abazali bazo lapho zibhukuda edamini lokubhukuda noma kwezinye izinto zokuzijabulisa.
4 Amahhotela namahostela amaningi anemithetho okulindeleke ukuba izivakashi ziyilandele. Abanye abafowethu baye bayephula le mithetho ngokuphathelene nezinga lomsindo noma ukupheka ezindlini zabo. Abaphathi bamahhotela namahostela bathi ukupheka, lapho kungavunyelwe khona, kuyindlela evamile yokuxhaphaza izakhiwo zabo. Akugcini nje kuphela ngokuzilimaza ngokoqobo kodwa iphunga elingapheli lenza kube nzima ukuba lezi zindlu ziqashiswe kuze kuphele izinsuku namasonto kamuva. Ngaphandle kwalapho ukupheka kuvunyelwe ngokuqondile endlini, akufanele kuphekwe.
5 Kufanele kwenziwe umzamo wangempela wokubambisana nabaphathi. Ngokuqinisekile, asifuni ukushiya umbono omubi ngabantu bakaJehova. NjengamaKristu kufanele siziphathe ngokwethembeka ngaso sonke isikhathi. Akufanele sithathe amashidi noma ezinye “izikhumbuzo” emahhotela, ngoba lokho kuwukweba; futhi akufanele sinikeze ulwazi olungelona iqiniso ngenani labantu esihlela ukuhlala nabo endlini lapho senza amalungiselelo okuhlala noma lapho sifika.
6 Ukuzilungisa Okufanele EMhlanganweni: Kungakhathaliseki ukuthi luhlobo luni lwendawo esetshenziselwa umhlangano, kufanele ibhekwe njengeHholo LoMbuso elikhulu phakathi nomhlangano. Ukugqoka nokuzilungisa okufanele kufanele kube njengalapho siya emihlanganweni yebandla. Phakathi nezingxenye zesimiso somhlangano nangemva kwazo, abazalwane nodade kufanele bagweme ukugqoka izingubo ezingenasizotha noma zemfashini, ezibonisa umoya wezwe nezenza kube nzima ukusibona njengabantu abahlukile ngokuziphatha okuhle. Odade kufanele baqaphele ukuthi isitayela nobude beziketi zabo nezingubo zokugqoka kunesizotha esifanele. (1 Thim. 2:9, 10) IKomiti YoMhlangano yabika ngalokhu okulandelayo okwaphawulwa umuntu othakazelayo: “Abantu bakaJehova bangabantu abakahle. Abakufundisayo kuyiqiniso kodwa izingubo zodade azinaso isizotha njengalezo ezigqokwa iSonto Lama-Apostolic.” Ikomiti yaphawula ukuthi “inkinga isekutheni eminye imikhaya yabadala ibeka isibonelo esibi.” Enye iKomiti YoMhlangano yabika yathi: “Ngenjabulo siye saphawula ukuthi odade abaningi bebegqoke ngendlela yobuKristu. Nokho, kuyashaqisa ukuthi kusenabanye odade abagqoka iziketi ezimfushane kakhulu noma izingubo ezinemiqhewu ecishe ifike ezinqulwini.” Ukuze kugwenywe lokhu kuthambekela kuyoba kuhle ukuba imikhaya iyicabangele le ndaba yokugqoka kahle lapho iqhuba isifundo somkhaya. Kungakhathaliseki ukuthi sisemhlanganweni, sihleli ehhotela noma ehostela, sidla ezitolo zokudlela noma siyathenga esitolo, ngazo zonke izikhathi kufanele sibonise ukuthi siyizikhonzi zikaNkulunkulu, singanikezi sizathu sokukhubekisa.—2 Kor. 6:3.
7 Ubhapathizo luyoba ngoMgqibelo ekuseni emhlanganweni. INqabayokulinda ka-April 1, 1995, ikhasi 30, ichaza isimo sengqondo okufanele sisibonakalise ngaleso sikhathi. Ithi “kufanele sibheke ubhapathizo ngokubaluleka okulufanele. Alusona isikhathi sokumemeza kokwesasa, sokwenza amaphathi noma sokweqiwa injabulo. Kodwa futhi alusona isikhathi sokunyukubala nokukhwantabala.” Kungaba okungafanelekile neze ukuba labo abazobhapathizwa bagqoke izingubo zokungena emanzini ezimfushane kakhulu noma eziveza umzimba, kungakhathaliseki ukuthi abesilisa noma abesifazane. Ngakho, sonke kufanele sibonise ukungathi sína nenjabulo yobhapathizo lobuKristu.
8 UPetru usikhumbuza ukuthi ‘kufanele sibe luhlobo luni lwabantu ezenzweni zokuziphatha ezingcwele nasezenzweni zokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu.’ (2 Pet. 3:11) Kwangathi amazwi nezenzo zethu eMhlanganweni Wesigodi ‘Wabenzi Bezwi LikaNkulunkulu’ kungasiza abantu abanhliziyo ziqotho abasiqaphelayo ukuba bazi futhi bakhulekele uNkulunkulu wethu omkhulu, ofanelwe yilo lonke udumo nenkazimulo.—1 Kor. 14:24, 25.