Isimiso Esisha SoMhlangano Wesifunda
Siyazi ukuthi uJehova uNkulunkulu uyakufanelekela ukuba simthande futhi sizinikezele kuye kuphela. Nokho, izwe lifuna ukusidedisela kude nokulondoloza ubuhlobo obuseduze naye. (Joh. 17:14) Ukuze siqinise uthando lwethu ngoJehova futhi siziqinise ukuba simelane nezinto zezwe ezifaka ingokomoya lethu engozini, isimiso esisha somhlangano wesifunda sonyaka wenkonzo ka-2001 siyokuba nesihloko esithi “Thanda UNkulunkulu—Hhayi Izinto Zezwe.”—1 Joh. 2:15-17.
Uthando olujulile ngoJehova lusishukumisela ukuba sifakaze ngaye. Noma kunjalo, kubantu bakaNkulunkulu abaningi inkonzo yasensimini ayilula. Enkulumweni ethi “Uthando NgoNkulunkulu Luyasishukumisa Enkonzweni Yethu,” funda ukuthi bangaki abaye banqoba amahloni nezinye iziphazamiso ukuze bahlanganyele ngokugcwele kulo msebenzi.
Izindinganiso zezwe eziwohlokayo zisithonya kangakanani? Izenzo ezake zabhekwa njengezonakele manje kuthiwa ziwukuziphatha okuvamile. Inkulumo ethi “Nina Abathanda UJehova Zondani Okubi” kanye nochungechunge oluthi “Izinto Ezisezweni—Sizibheka Kanjani?” ziyoqinisa ukuzimisela kwethu ukwenqaba izifiso ezimbi.
Esimisweni kuyoba neSikole Senkonzo Esingokwasezulwini noMhlangano Wenkonzo oyisibonelo, kanye nokubukezwa kwesifundo se-Nqabayokulinda sangalelo sonto. Inkulumo yeningi ethi, “Indlela Uthando Nokholo Olunganqoba Ngayo Izwe,” iyosikhuthaza ukuba silingise uJesu ekumelaneni nezingcindezi zezwe zokusiphambukisa. (Joh. 16:33) Qiniseka ukuba umeme ofunda nabo iBhayibheli ukuba babe khona. Noma ubani ofisa ukubhapathizwa kufanele atshele umbonisi owengamele ngokushesha ngangokunokwenzeka ukuze kwenziwe amalungiselelo adingekayo.
Lo mhlangano wesifunda, uyogxilisa ukunaka kwethu kulokho uthando lwethu okufanele lube yikho ukuze sijabulele izibusiso ezicebile zikaJehova. Ungalahlekelwa nangokukodwa kwako!