Izintshumayelo Ezisikiselwe
INqabayokulinda July 1
“Ngenxa yokuthi ukuphila akuqinisekile, ucabanga ukuthi amazwi kaJesu ngokubhekana nokukhathazeka ayasebenza? [Funda uMathewu 6:25, bese ulindela impendulo.] Le Nqabayokulinda ikhuluma ngendlela ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli okungasiza ngayo ekunciphiseni ukukhathazeka okuhlobene nemali, izinkinga zomndeni nezingozi.”
Phaphama! July
“Awuvumi yini ukuthi abantu abaningi namuhla bakhungathekile ngenxa yezimo zabo zokuphila? [Lindela impendulo.] IBhayibheli libonisa ukuthi isimo sethu sengqondo sibalulekile lapho sibhekene nezinselele. [Funda izAga 24:10.] Lo magazini unamacebiso awusizo endlela esingabhekana ngayo nezimo ezicindezelayo futhi unezibonelo zabathile abakwenzayo lokho.”