AMAHUBO
INCWADI YOKUQALA
(AmaHubo 1-41)
1 Uyajabula umuntu ongahambi ngeseluleko sababi,
Ongami endleleni yezoni, +
Ongahlali endaweni yabahleka usulu. +
3 Uyoba njengesihlahla esitshalwe ngasemifudlaneni yamanzi,
Esithela isithelo saso ngenkathi yaso,
Amaqabunga aso awabuni.
Konke akwenzayo kuyophumelela. +
4 Ababi abanjalo;
Banjengamakhoba apheshulwa umoya.
5 Yingakho ababi bengeke baphunyuke esijezisweni; +
Nezoni ngeke zime lapho kuhlangene khona abalungile. +
3 Bathi: “Masigqabule ozankosi babo
Silahle nezintambo zabo!”
4 Lowo ohlezi esihlalweni sobukhosi emazulwini uyohleka;
UJehova uyobahleka usulu.
5 Ngaleso sikhathi uyokhuluma nabo ethukuthele
Uyobethusa ngentukuthelo yakhe evuthayo,
6 Athi: “Mina uqobo ngiyimisile inkosi yami +
EZiyoni, + intaba yami engcwele.”
8 Cela kimi, ngizokunika izizwe zibe yifa lakho
Nemikhawulo yomhlaba ibe ngeyakho. +
10 Manje, nina makhosi, bonisani ukuqonda;
Bahluleli bomhlaba, kuvumeni ukuqondiswa.*
11 Khonzani uJehova ngokwesaba,
Nijabule ngokuthuthumela.
12 Hloniphani* indodana, + ukuze uNkulunkulu angavuthi ngolaka
Bese nishabalala endleleni, +
Ngoba intukuthelo yakhe igqamuka ngokushesha.
Bayajabula bonke abaphephela kuye.
Ihubo likaDavide ngesikhathi ebalekela u-Absalomu + indodana yakhe.
3 O Jehova, kungani zibe ziningi kangaka izitha zami? +
Kungani bebaningi kangaka abangivukelayo? +
2 Abaningi bathi ngami:*
“UNkulunkulu ngeke amsindise.” + (Sela)*
4 Ngizommemeza uJehova,
Uzongiphendula esentabeni yakhe engcwele. + (Sela)
6 Angiwesabi amashumi ezinkulungwane zabantu
Abavela nxazonke bezongihlasela. +
7 O Jehova, vuka! Ngisindise, + Nkulunkulu wami!
Ngoba uyozishaya emhlathini zonke izitha zami;
Uyowaphula amazinyo ababi. +
8 Insindiso ingekaJehova. +
Isibusiso sakho siphezu kwabantu bakho. (Sela)
Kumqondisi; kufanele liculwe nezinsimbi zomculo ezinezintambo. Ihubo likaDavide.
4 Lapho ngikubiza, ngiphendule Nkulunkulu wami olungile. +
Ngenzele indlela yokuphunyuka* ekucindezelekeni kwami.
Ngibonise umusa uzwe umthandazo wami.
2 Nina madodana abantu, kuyoze kube nini ningihlambalaza?
Kuyoze kube nini nithanda izinto ezingasizi ngalutho, nifuna nezinto ezingamanga? (Sela)
3 Yazini ukuthi uJehova uyomphatha ngendlela ekhethekile* oqotho wakhe;
UJehova uyongizwa lapho ngimbiza.
4 Thukuthelani, kodwa ningoni. +
Khulumani ngenhliziyo phezu kombhede wenu, kodwa nithule. (Sela)
5 Nikelani imihlatshelo yokulunga,
Nithembele kuJehova. +
6 Kukhona abaningi abathi: “Ngubani oyosenzela okuhle?”
O Jehova, sibonise umusa. +
7 Ugcwalise inhliziyo yami ngenjabulo enkulu
Kuneyalabo abanensada yesivuno sokudla okusanhlamvu newayini elisha.
Kumqondisi weNehiloti.*
Ihubo likaDavide.
5 O Jehova, lalela amazwi ami; +
Naka ukuquma kwami ngenxa yosizi.
2 Ngizwe lapho ngicela usizo kuwe,
Nkosi yami noNkulunkulu wami, ngoba ngithandaza kuwe.
3 O Jehova, ekuseni uyolizwa izwi lami; +
Ekuseni ngiyokutshela okungikhathazayo + bese ngilindela impendulo.
5 Akukho muntu oziqhayisayo ongama phambi kwakho.
UJehova uyabenyanya abantu abanobudlova nabakhohlisayo. *+
7 Kodwa mina ngizongena endlini yakho + ngenxa yobukhulu bothando lwakho oluqotho; +
Ngizokhothama ngibheke ethempelini lakho elingcwele* ngenhlonipho. +
8 O Jehova, ngihole ngokulunga kwakho ngenxa yezitha zami;
Ngisize ngihambe endleleni yakho ngaphandle kwezithiyo. +
9 Ngoba akukho ezikushoyo okungathenjwa;
Izinhliziyo zazo zigcwele ububi.
Umphimbo wazo uyingcwaba elivulekile;
Zilalisa ulimi. +
10 Kodwa uNkulunkulu uyozilahla ngecala;
Amacebo azo ayozilethela inhlekelele. +
Kwangathi zingaxoshwa ngenxa yezeqo zazo eziningi,
Ngoba zihlubukile kuwe.
11 Kodwa bonke abaphephela kuwe bayojabula; +
Bayohlale behalalisa ngenjabulo.
Uyovimba ukuba kungasondelwa kubo,
Labo abathanda igama lakho bayothokoza ngawe.
12 Ngoba wena Jehova, uyobusisa noma ubani olungile;
Uyombonisa umusa, umvikele njengokungathi ngehawu elikhulu. +
Kumqondisi; kufanele liculwe nezinsimbi zomculo ezinezintambo ngenothi leSheminiti.*
Ihubo likaDavide.
6 O Jehova, ungangisoli uthukuthele,
Ungangiyali ngolaka. +
2 O Jehova, ngibonise umusa* ngoba ngiphelelwa amandla.
Ngelaphe Jehova + ngoba amathambo ami ayaqhaqhazela.
6 Ngikhathele ngenxa yokububula kwami; +
Ubusuku bonke ngimanzisa umbhede wami ngezinyembezi;
Usofa wami umanzi yizinyembezi zami. +
7 Ngikhathazekile ngenxa yazo zonke izinsizi zami; +
Amehlo ami awasaboni kahle* ngenxa yabo bonke abangihluphayo.
8 Sukani kimi, nina nonke enenza izinto ezimbi,
Ngoba uJehova uzowuzwa umsindo wokukhala kwami. +
9 UJehova uzosizwa isicelo sami sokuboniswa umusa; +
UJehova uzowuphendula umthandazo wami.
10 Zonke izitha zami ziyohlazeka zesabe;
Ziyophindela emuva zihlazekile. +
Ingoma yokulila kaDavide ayihlabelelela uJehova ngokuphathelene namazwi
kaKushe umBhenjamini.
7 O Jehova Nkulunkulu wami, ngiphephele kuwe. +
Ngisindise kubo bonke abangishushisayo ungikhulule. +
2 Ngale kwalokho bazongidwengula njengoba kwenza ibhubesi, +
Bahambe nami kungekho muntu ozongikhulula.
3 O Jehova Nkulunkulu wami, uma nginephutha kulokhu,
Uma ngenze ngokungenabulungisa,
4 Uma ngimonile umuntu ongenzela okuhle, +
Noma uma ngiphange isitha sami ngaphandle kwesizathu,*
5 Khona-ke isitha masingijahe singifice;
Masikunyathele phansi emhlabathini ukuphila kwami
Sibangele isithunzi sami ukuba sishabalale othulini. (Sela)
6 O Jehova, vuka ngentukuthelo yakho;
Melana nolaka lwezitha zami; +
Vuka ungisize, yala ukuba kwenziwe ubulungisa. +
7 Izizwe mazikuhaqe;
Uyothatha isinyathelo ngokumelene nazo usendaweni ephakeme.
8 UJehova uyozigweba izizwe. +
O Jehova, ngahlulele ngokokulunga kwami
Nangokobuqotho bami. +
9 Ngicela ukuqede ukonakala kwababi.
Kodwa ummise aqine olungile, +
Ngoba unguNkulunkulu olungile + ohlola izinhliziyo + nemizwa ejulile. *+
10 UNkulunkulu uyihawu lami, + uMsindisi wabaqotho enhliziyweni. +
12 Uma kukhona ongaphenduki, + uNkulunkulu ulola inkemba yakhe; +
Ugobisa umnsalo wakhe awulungiselele. +
13 Ulungisa izikhali zakhe eziyingozi;
Ulungisa imicibisholo yakhe evuthayo. +
14 Mbheke lowo okhulelwe ububi;
Ukhulelwe izinto ezikhathazayo, uzala amanga. +
15 Ugubha umgodi, uwumba ujule,
Kodwa uwela kuwo kanye lowo mgodi awumbile. +
16 Izinkathazo azibangelayo ziyobuyela ekhanda lakhe; +
Ubudlova bakhe buyokwehlela okhakhayini lwakhe.
17 Ngizomdumisa uJehova ngenxa yobulungisa bakhe; +
Kumqondisi; ngeGititi.* Ihubo likaDavide.
8 O Jehova Nkosi yethu, yeka ukuthi igama lakho libabazeka kangakanani emhlabeni wonke;
2 Ubangele ukuba emlonyeni wezingane nezinsana + kuphume amandla
Ngenxa yezitha zakho,
Ukuze uthulise isitha nophindiselayo.
3 Lapho ngibona amazulu akho, imisebenzi yezandla zakho,*
Inyanga nezinkanyezi okudalile, +
4 Uyini umuntu ofayo ukuba umkhumbule,
Nendodana yomuntu ukuba uyinakekele? +
5 Wamenza waba ngaphansana kwezingelosi,*
Wamthwesa umqhele wenkazimulo nobukhazikhazi.
6 Wamenza wabusa phezu kwemisebenzi yezandla zakho; +
Konke ukubeke ngaphansi kwezinyawo zakhe:
7 Yonke imihlambi yezimvu nezinkomo,
Nezilwane zasendle, +
8 Izinyoni zamazulu nezinhlanzi zolwandle,
Nanoma yini ehamba olwandle.
9 O Jehova Nkosi yethu, yeka ukuthi igama lakho libabazeka kangakanani emhlabeni wonke!
Kumqondisi; ngenothi leMuthi-labheni.* Ihubo likaDavide.
א [Aleph]
9 O Jehova, ngizokudumisa ngayo yonke inhliziyo yami;
Ngizokhuluma ngayo yonke imisebenzi yakho emangalisayo. +
2 Ngizojabula ngethabe ngawe;
O wena oPhezukonke, ngizolihubela igama lakho. +
ב [Beth]
3 Lapho izitha zami zibaleka, +
Zizokhubeka zishabalale phambi kwakho.
4 Ngoba ungenzele ubulungisa wangimela;
Wahlulela ngokulunga uhlezi esihlalweni sakho sobukhosi. +
ג [Gimel]
5 Uzikhuzile izizwe, + wabhubhisa ababi,
Walesula phakade naphakade igama labo.
ה [He]
7 Kodwa uJehova uhleli esihlalweni sakhe sobukhosi kuze kube phakade; +
Usimise saqina isihlalo sakhe sobukhosi ngenjongo yobulungisa. +
ו [Waw]
9 UJehova uyoba yindawo yokuphephela* elondekile kocindezelwe, +
Indawo yokuphephela elondekile ngezikhathi zokucindezeleka. +
ז [Zayin]
11 Hubelani uJehova, ohlala eZiyoni;
Khulumani ngezenzo zakhe phakathi kwezizwe. +
12 Uyobakhumbula abahluphekile aphindiselele igazi labo; +
Ngeke akukhohlwe ukukhalela kwabo usizo. +
ח [Heth]
13 O Jehova, ngibonise umusa; bona ukuhlupheka kwami okubangelwa yilabo abangizondayo,
O wena ongikhuphula emasangweni okufa, +
14 Ukuze ngimemezele izenzo zakho ezifanelekela ukudunyiswa emasangweni endodakazi yaseZiyoni, +
Ngijabule ngensindiso yakho. +
ט [Teth]
15 Izizwe zishone phansi emgodini eziwumbile;
Unyawo lwazo lubanjwe enethini ezilifihlile. +
16 UJehova waziwa ngesahlulelo asikhiphayo. +
Omubi ubanjwe izenzo zakhe. +
Higayoni.* (Sela)
י [Yod]
17 Ababi bazoya eThuneni,*
Zonke izizwe ezimkhohlwayo uNkulunkulu.
כ [Kaph]
19 O Jehova, vuka! Ungamvumeli umuntu ofayo anqobe.
Izizwe mazahlulelwe phambi kwakho. +
20 O Jehova, zifake ukwesaba, +
Izizwe mazazi ukuthi zingabantukazana nje. (Sela)
ל [Lamed]
10 O Jehova, kungani umele kude?
Kungani uzifihla ngezikhathi zokucindezeleka? +
4 Ngokuqhosha kwakhe, omubi akalwenzi uphenyo;
Engqondweni yakhe uthi: “Akekho uNkulunkulu.” +
5 Izindlela zakhe zihlale ziphumelela, +
Kodwa akaziqondi izahlulelo zakho; +
Uzenza inhlekisa* zonke izitha zakhe.
6 Uthi enhliziyweni yakhe: “Ngeke nanini ngintengantengiswe;*
Ngeke neze ngiyibone inhlekelele
Izizukulwane ngezizukulwane.” +
פ [Pe]
7 Umlomo wakhe ugcwele iziqalekiso, amanga nezinsongo; +
Ulimi lwakhe lukhuluma amazwi alimazayo nabangela izinkinga. +
8 Ucasha eduze kwemizi, elindele ukuhlasela;
Uphuma endaweni abecashe kuyo abulale umuntu ongenacala. +
ע [Ayin]
Amehlo akhe alinde isisulu. +
9 Ucuthe endaweni efihlekile njengebhubesi ehlathini. *+
Ulinde ukubamba ohluphekile.
Ubamba ohluphekile lapho edonsa inethi lakhe. +
10 Isisulu sidangele, sikhotheme sisosizini;
Ohluphekile uwela ezandleni zakhe.*
11 Uthi enhliziyweni yakhe: “UNkulunkulu usekhohliwe. +
Ufulathelise ubuso bakhe.
Akwenzeki anake.” +
ק [Qoph]
12 O Jehova, vuka. + O Nkulunkulu, phakamisa isandla sakho. +
Ungabakhohlwa abahluphekile. +
13 Kungani omubi edelele uNkulunkulu?
Uthi enhliziyweni yakhe: “Ngeke ungenze lutho.”
ר [Resh]
14 Kodwa wena uyayibona inkathazo nosizi.
Uyabuka bese uthatha isinyathelo. +
ש [Shin]
16 UJehova uyiNkosi kuze kube phakade naphakade. +
Izizwe zishabalele emhlabeni. +
ת [Taw]
17 Kodwa wena Jehova uyosizwa isicelo sabamnene. +
Uyoqinisa izinhliziyo + zabo ubanake. +
18 Uyoyenzela ubulungisa intandane nalabo abadangele, +
Ukuze umuntu ofayo wasemhlabeni angaphinde abesabise. +
Kumqondisi. ElikaDavide.
11 Ngiphephele kuJehova. +
Ningasho kanjani ukuthi kimi:
“Balekela entabeni njengenyoni!
2 Bheka indlela ababi abagobisa ngayo umnsalo;
Bafaka umcibisholo entanjeni yomnsalo,
Ukuze bacibishele labo abaqotho enhliziyweni besebumnyameni.
3 Lapho izisekelo* zibhidliziwe,
Yini umuntu olungile angayenza?”
4 UJehova usethempelini lakhe elingcwele. +
Isihlalo sikaJehova sobukhosi sisemazulwini. +
Amehlo akhe ayabona, amehlo akhe aqaphelayo* ahlola abantwana babantu. +
7 Ngoba uJehova ulungile; + uyazithanda izenzo zokulunga. +
Abaqotho uyobabonisa umusa. *+
Kumqondisi; ngenothi leSheminiti.* Ihubo likaDavide.
12 O Jehova, ngisindise, ngoba akusekho muntu oqotho;
Abantu abathembekile sebeshabalele.
3 UJehova uyozinquma zonke izindebe ezikhohlisayo
Nolimi oluqhoshayo, +
4 Labo abathi: “Sizonqoba ngolimi lwethu.
Sikhuluma esikuthandayo ngezindebe zethu;
Ubani ozoba yinkosi yethu?” +
5 “Ngenxa yokuthi abahluphekile bayacindezelwa,
Ngenxa yokububula kwabampofu, +
Ngizothatha isinyathelo,” kusho uJehova.
“Ngizobakhulula kulabo abababukela phansi.”*
6 Amazwi kaJehova ahlanzekile; +
Anjengesiliva elicwengwe esithandweni esisemhlabathini,* elihlanzwe kasikhombisa.
7 O Jehova, wena uyobaqapha; +
Uyovikela ngamunye kubo, kusukela kulesi sizukulwane kuze kube phakade.
8 Ababi bahamba ngokukhululeka
Ngoba abantwana babantu bavumela inkohlakalo. +
Kumqondisi. Ihubo likaDavide.
13 O Jehova, uyongikhohlwa kuze kube nini? Kuze kube phakade?
Kuyoze kube nini ungifihlele ubuso bakho? +
2 Kuyoze kube nini ngikhathazekile,
Nginosizi enhliziyweni yami usuku nosuku?
Kuyoze kube nini isitha singinqoba? +
3 Ngibheke ungiphendule, O Jehova Nkulunkulu wami.
Phinde ungiphe amandla* ukuze ngingafi,
4 Ukuze isitha sami singathi: “Ngimnqobile!”
Ungabavumeli abaphikisana nami bajabule ngokuwa kwami. +
5 Kepha mina, ngithembele othandweni lwakho oluqotho; +
Inhliziyo yami iyojabula lapho ungikhulula. +
6 Ngizomhlabelelela uJehova, ngoba ungivuze ngokucebile. *+
Kumqondisi. ElikaDavide.
14 Isiwula* sithi enhliziyweni yaso:
“Akekho uJehova.” +
Izenzo zabo zonakele, imisebenzi yabo iyenyanyeka;
Akekho owenza okuhle. +
2 Kodwa uJehova ubheka phansi kubantwana babantu esezulwini
Ukuze abone ukuthi ukhona yini onokuqonda, ukuthi ukhona yini ofuna uJehova. +
3 Bonke baphambukile; +
Bonke bonakele ngokufanayo.
Akekho owenza okuhle,
Akekho ngisho noyedwa.
4 Akekho yini kwabenza okubi oqondayo?
Bashwabadela abantu bami njengokungathi badla isinkwa.
Abambizi uJehova.
5 Kodwa bayokwesaba kakhulu, +
Ngoba uJehova unesizukulwane sabalungile.
6 Nina abenza okubi nizama ukubhuntshisa amacebo ohluphekile,
Kodwa uJehova uyisiphephelo sakhe. +
7 O kwangathi insindiso ka-Israyeli ingavela eZiyoni! +
Lapho uJehova eqoqa abantu bakhe abathunjiwe ebabuyisa,
Makajabule uJakobe, makathokoze u-Israyeli.
Ihubo likaDavide.
15 O Jehova, ngubani ongaba yisimenywa etendeni lakho?
Ngubani ongahlala entabeni yakho engcwele? +
4 Noma ngubani onengekayo uyamala, +
Kodwa labo abesaba uJehova uyabadumisa.
Akasephuli isithembiso* sakhe, ngisho noma sizomlimaza. +
Noma ubani owenza lezi zinto akasoze antengantengiswa. *+
Imikthamu* likaDavide.
16 O Nkulunkulu, ngivikele ngoba ngiphephele kuwe. +
2 Ngithe kuJehova: “Wena unguJehova, uMthombo wami wazo zonke izinto ezinhle.
3 Abangcwele abasemhlabeni,
Abakhulu ngokubabazekayo, bangilethela injabulo enkulu.” +
4 Labo abalandela abanye onkulunkulu bazandisela izinsizi. +
Ngeke nanini ngibanikelele iminikelo ephuzwayo eyigazi,
Ngeke ngiwaphathe nakuwaphatha amagama abo ngezindebe zami. +
5 UJehova unginika konke enginako *+ nendebe engiyiphuzayo. +
Wena uqapha ifa lami.
6 Nginikezwe izindawo ezinhle.
Ngempela, nganelisekile ngefa lami. +
7 Ngizomdumisa uJehova, onginike iseluleko. +
Ngisho naphakathi nobusuku, imicabango yami ejulile* iyangiqondisa. +
8 Ngimgcina ephambi kwami njalo uJehova. +
Ngoba ungakwesokudla sami, ngeke nginyakaziswe. *+
9 Ngakho inhliziyo yami iyathokoza, ngijabule kakhulu.*
Ngihlezi ngokulondeka.
10 Ngoba ngeke ungishiye* eThuneni. *+
Ngeke umvumele oqotho wakho abone igodi. *+
11 Ungenza ngiyazi indlela yokuphila. +
Ngichichima injabulo uma ungibheka ngomusa; +
Ukuba ngasesandleni sakho sokudla kuletha injabulo* kuze kube phakade.
Umthandazo kaDavide.
17 Yizwa isicelo sami sobulungisa, Jehova;
Naka ukukhalela kwami usizo;
Lalela umthandazo wami ongenayo inkohliso. +
2 Kwangathi ungangahlulela ngobulungisa; +
Kwangathi amehlo akho angabona okulungile.
3 Uyihlolile inhliziyo yami, ungihlolile ebusuku; +
Ungicwengile; +
Uzolokhu uthola ukuthi angizange ngicebe amacebo amabi,
Nomlomo wami awuzange wone.
4 Ngokungefani nokwenziwa abanye,
Ngiyazigwema izindlela zomphangi, ngokuvumelana namazwi ezindebe zakho. +
5 Izinyawo zami mazihambe ezindleleni zakho
Ukuze zingakhubeki. +
6 Ngiyakubiza, ngoba uzongiphendula, + Nkulunkulu.
Ngicela ungilalele.* Yizwa amazwi ami. +
7 Bonisa uthando lwakho oluqotho ngendlela emangalisayo, +
Msindisi walabo abafuna isiphephelo esandleni sakho esinamandla*
Kulabo abakuvukelayo.
9 Ngiqaphe kwababi abangihlaselayo,
Ezitheni zami ezingizungezile ezifuna ukungibulala. +
12 Omubi ufana nebhubesi elilangazelela ukudwengula isisulu,
Njengebhubesi eliselincane elilungele ukuhlasela.
13 O Jehova, vuka, ukuze ubhekane naye + umnqobe;
Ngikhulule* kumuntu omubi ngenkemba yakho;
14 Ngikhulule ngesandla sakho, Jehova,
Kubantu baleli zwe,* abakhathazeka ngezinto zalokhu kuphila, +
Labo obagcwalisa ngezinto ezinhle ezivela kuwe, +
Abashiyela amadodana abo amaningi ifa.
15 Kodwa mina ngenza okulungile, ngenxa yalokho ungibonisa umusa;
Kumqondisi. ElikaDavide inceku kaJehova, owahlabelelela uJehova le ngoma ngosuku uJehova amkhulula ngalo kuzo zonke izitha zakhe nakuSawule. Wathi: +
18 O Jehova mandla ami, ngiyakuthanda. +
2 UJehova uyidwala lami nesiphephelo sami noMkhululi wami. +
UNkulunkulu wami uyidwala lami, + ngiphephela kuye,
Ihawu lami nophondo* lwami lwensindiso,* indawo yami elondekile. *+
3 Ngibiza uJehova, ofanelwe ukudunyiswa,
Ngizosindiswa ezitheni zami. +
4 Izintambo zokufa zangizungeza; +
Izikhukhula ezisheshayo zabantu abangelusizo lwalutho zangesabisa. +
6 Ngambiza uJehova lapho ngicindezelekile,
Ngangilokhu ngikhalela usizo kuNkulunkulu wami.
7 Khona-ke umhlaba waqala ukunyakaza nokuzamazama; +
Izisekelo zezintaba zandindizela,
Zanyakaza ziya emuva naphambili ngoba wayethukuthelisiwe. +
8 Kwaphuma intuthu emakhaleni akhe,
Kwaphuma nomlilo oqothulayo emlonyeni wakhe; +
Kwaphuma amalahle avuthayo kuye.
9 Wagoba amazulu njengoba ehla. +
Ifu elimnyama lalingaphansi kwezinyawo zakhe. +
10 Weza endiza egibele ikherubi. +
Weza etshuza ephezu kwamaphiko esidalwa somoya. *+
12 Èkukhanyeni okukhulu okwakuphambi kwakhe,
Kwehla isichotho namalahle avuthayo evela emafwini.
13 UJehova waqala ukuduma esemazulwini; +
OPhezukonke wenza izwi lakhe lezwakala, +
Ngesichotho nangamalahle avuthayo.
Izisekelo zezwe zahlala obala ngokukhuza kwakho, Jehova,
Ngokufutha komoya wamakhala akho. +
16 Welula isandla sakhe ephezulu;
Wangibamba wangikhipha emanzini ajulile. +
18 Bamelana nami ngosuku lwenhlekelele yami, +
Kodwa uJehova wangisekela.
20 UJehova ungivuza ngenxa yokuthi ngenze ngokulunga; +
21 Ngoba ngizigcinile izindlela zikaJehova,
Angizange ngokukhohlakala ngimshiye uNkulunkulu wami.
22 Ngiyayikhumbula yonke imiyalo yakhe;
Ngeke ngiyishaye indiva imithetho yakhe.
24 Kwangathi uJehova angangibuyisela ngenxa yokuthi ngenze ngokulunga, +
Ngenxa yobumsulwa bezandla zami phambi kwakhe. +
25 Koqotho wena wenza ngobuqotho; +
Umuntu ongenaphutha usebenzelana naye ngokungenaphutha; +
26 Komsulwa uzibonakalisa umsulwa, +
Kodwa koyiqili uzibonakalisa unokuqonda. +
28 Ngoba nguwe Jehova, okhanyisa isibani sami,
Nkulunkulu wami oguqula ubumnyama obungizungezile bube ukukhanya. +
Uyihawu labo bonke abaphephela kuye. +
31 Ngoba ubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaJehova? +
Ubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu? +
33 Wenza izinyawo zami zibe njengezenyamazane;
Ungimisa ezindaweni eziphakeme. +
34 Izandla zami uziqeqeshela impi;
Izingalo zami zingagobisa umnsalo wethusi.
35 Unginika ihawu lakho lensindiso, +
Isandla sakho sokudla siyangisekela,
Ukuthobeka kwakho kungenza ngibe mkhulu. +
36 Uyenza ibe banzi indlela engihamba kuyo;
Izinyawo zami ngeke zishelele. +
37 Ngizozijaha izitha zami ngizifice;
Ngeke ngibuye kuze kube yilapho seziqothuliwe.
39 Uyongipha amandla okulwa empini;
Uyokwenza izitha zami ziwe phambi kwami. +
41 Bakhalela usizo, kodwa akekho ozobasindisa;
Bakhala ngisho nakuJehova, kodwa akabaphenduli.
42 Ngiyobagaya bacoliseke njengothuli oluhamba nomoya;
Ngiyobachitha njengodaka emigwaqweni.
43 Uyongikhulula kubantu ababheka amaphutha. +
Uyongimisa ngibe yinhloko yezizwe. +
Isizwe engingazange ngisazi siyongikhonza. +
44 Siyongilalela ngokuzwa nje ngami;
Abezinye izizwe bayoza kimi bethothobele. +
45 Abezinye izizwe bayokwesaba;*
Bayoza bethuthumela bevela ezindaweni zabo ezivikelekile.
46 UJehova uyaphila! Malidunyiswe iDwala lami! +
Makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami. +
47 UNkulunkulu weqiniso uyangiphindiselela; +
Uthobisa izizwe ngaphansi kwami.
48 Uyangikhulula ezitheni zami ezithukuthele;
Ungiphakamisa ngibe ngaphezu kwalabo abangihlaselayo; +
Uyangisindisa kumuntu onodlame.
49 Yingakho ngizokudumisa phakathi kwezizwe, Jehova, +
Ngizolihubela izingoma zokudumisa igama lakho. +
50 Wenzela inkosi yakhe izenzo ezinkulu zokusindisa; *+
Ubonisa uthando oluqotho kogcotshiwe wakhe, +
Kumqondisi. Ihubo likaDavide.
2 Usuku nosuku inkulumo yawo iyaphuphuma,
Ubusuku nobusuku embula ulwazi.
3 Awakhulumi, akukho mazwi;
Izwi lawo alizwakali.
4 Kodwa umsindo wawo* uphumele kuwo wonke umhlaba,
UNkulunkulu umise itende lelanga emazulwini;
5 Linjengomkhwenyana ephuma ekamelweni labasanda kushada;
Lijabula njengeqhawe ligijima emncintiswaneni.
6 Liphuma komunye umkhawulo wamazulu,
Lijikeleze liye komunye umkhawulo; +
Akukho lutho olusithekile ekushiseni kwalo.
7 Umthetho kaJehova uphelele, + ubuyisa amandla. +
Isikhumbuzo sikaJehova sithembekile, + sihlakaniphisa ongenalwazi. +
8 Imiyalo evela kuJehova ilungile, ijabulisa inhliziyo; +
Umyalo kaJehova uhlanzekile, unikeza ukukhanya. +
9 Ukwesaba uJehova + kuhle, kuhlala kuze kube phakade.
Izahlulelo zikaJehova ziyiqiniso, zonke zilungile. +
10 Zifiseleka kakhulu kunegolide,
Kunegolide eliningi elicwengisisiwe, +
Zimnandi kunoju, + kunoju oluconsa emakhekhebeni.
12 Ngubani ongawaqonda amaphutha akhe? +
Ngithethelele ezonweni engizenze ngingaboni.
14 Kwangathi amazwi omlomo wami nokuzindla kwenhliziyo yami
Kumqondisi. Ihubo likaDavide.
20 Kwangathi uJehova angakuphendula ngosuku lokucindezeleka.
Kwangathi igama likaNkulunkulu kaJakobe lingakuvikela. +
3 Kwangathi angayikhumbula yonke iminikelo yakho yesipho;
Kwangathi angawamukela ngomusa* umnikelo wakho oshiswayo. (Sela)
4 Kwangathi angakupha lokho okufiswa yinhliziyo yakho +
Awaphumelelise wonke amacebo akho.
5 Sizomemeza ngenjabulo ngenxa yezenzo zakho zensindiso; +
Sizolidumisa igama likaNkulunkulu wethu. +
Kwangathi uJehova angazifeza zonke izicelo zakho.
6 Manje sengiyazi ukuthi uJehova uyamsindisa ogcotshiwe wakhe. +
7 Abanye bathembele ezinqoleni, abanye bathembele emahhashini, +
Kodwa thina sibiza igama likaJehova uNkulunkulu wethu. +
8 Banqotshiwe bawa,
Kodwa thina sivukile sama. +
9 O Jehova, sindisa inkosi! +
UNkulunkulu* uyosiphendula ngosuku esicela ngalo usizo. +
Kumqondisi. Ihubo likaDavide.
2 Uyinike lokho okufiswa yinhliziyo yayo, +
Awusigodlanga isicelo sayo. (Sela)
3 Ngoba uyihlangabeze ngezibusiso ezicebile;
Ubeka umqhele wegolide elicwengiwe ekhanda layo. +
5 Izenzo zakho zensindiso ziyilethela inkazimulo enkulu. +
Uyinika isithunzi nobukhazikhazi.
7 Ngoba inkosi ithembela kuJehova; +
Ngenxa yothando oluqotho loPhezukonke, ngeke intengantengiswe. *+
8 Isandla sakho siyozithola zonke izitha zakho;
Isandla sakho sokudla siyobathola abakuzondayo.
9 Lapho ufika, uyobabhubhisa njengezinto eziphonswa emlilweni.
UJehova uyobaqothula lapho ethukuthele, umlilo uyobashwabadela. +
10 Isizukulwane* sabo uyosibhubhisa emhlabeni,
Nenzalo yabo kubantwana babantu.
13 O Jehova, vuka, ubonise amandla akho.
Sizowahubela izindumiso* amandla akho.
Kumqondisi; ngenothi
“Lenyamazane Yokuntwela Kokusa.”* Ihubo likaDavide.
22 Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni? +
Kungani ungangisindisi,
Ungakuzwa ukukhala kwami ngenxa yosizi? +
2 Nkulunkulu wami, ngilokhu ngikubiza emini, kodwa awuphenduli; +
Nasebusuku angithuli.
8 “Uthembele kuJehova. Makamkhulule!
Makamsindise, ngoba Yena umthanda kakhulu!” +
9 Nguwe owangikhipha esibelethweni, +
Owangenza ngazizwa ngilondekile emabeleni kamama.
10 Selokhu ngazalwa ubulokhu unginakekela;*
UbunguNkulunkulu wami kwasesibelethweni sikamama.
14 Ngithululiwe njengamanzi;
Wonke amathambo ami ahlukene.
15 Amandla ami aphelile, senginjengesitsha sobumba; +
Ulimi lwami lunamathele olwangeni lwami; +
Ungiletha emgodini ukuze ngife. +
16 Ngoba izinja zingizungezile; +
Zingizungeze njengeviyo labenzi bokubi, +
Njengebhubesi, zisezandleni nasezinyaweni zami. +
17 Ngingawabala wonke amathambo ami. +
Izitha ziyangibheka, zingigqolozele.
18 Zihlukaniselana ngezingubo zami,
Zenza inkatho ngezingubo zami. +
19 Kodwa wena, Jehova, ungabi kude. +
Ungamandla ami; shesha ungisize. +
20 Ngisindise* enkembeni,
Ukuphila kwami okuyigugu* ezidladleni zezinja; +
21 Ngisindise emlonyeni webhubesi + nasezimpondweni zezinkunzi zasendle;
Ngiphendule ungisindise.
23 Nina enesaba uJehova, mdumiseni!
Nonke nina nzalo* kaJakobe, mkhazimuliseni! +
Nimesabe nonke nina nzalo* ka-Israyeli.
24 Ngoba akazange akudelele noma akushalazele ukuhlupheka komuntu ocindezelwe; +
Akazange amfihlele ubuso bakhe, +
Wezwa lapho ekhalela usizo kuye. +
25 Ngizokudumisa ebandleni elikhulu; +
Ngizozigcwalisa izifungo zami phambi kwabamesabayo.
Kwangathi bangaphila* kuze kube phakade.
27 Umhlaba wonke uyokhumbula ubuyele kuJehova.
Zonke izizwe ziyokhothama phambi kwakho. +
28 Ngoba ubukhosi bungobukaJehova; +
Ubusa izizwe.
29 Bonke abacebile* bomhlaba bazodla bakhothame phansi;
Bonke abehlela phansi othulini bazoguqa phambi kwakhe;
Akekho kubo ongalonda ukuphila kwakhe.
30 Inzalo* yabo iyomkhonza;
Isizukulwane esizayo siyotshelwa ngoJehova.
31 Bayofika balandise ngokulunga kwakhe.
Bayotshela isizwe esisazozalwa lokho akwenzile.
Ihubo likaDavide.
23 UJehova unguMalusi wami. +
Ngeke ngiswele lutho. +
Ungihola ezindleleni* zokulunga ngenxa yegama lakhe. +
4 Noma ngihamba esigodini sethunzi elimnyama, +
Angesabi lutho olubi, +
Ngoba wena unami; +
Induku yakho nodondolo lwakho kuyangiduduza.
5 Ungilungisela itafula phambi kwezitha zami. +
6 Ngokuqinisekile ubuhle nothando oluqotho kuyongilandela zonke izinsuku zokuphila kwami, +
Ngiyohlala endlini kaJehova uma nje ngisaphila. +
Ihubo likaDavide.
24 Umhlaba nakho konke okukuwo kungokukaJehova, +
Izwe elikhiqizayo nalabo abahlala kulo.
2 Ngoba uwumise waqina phezu kwezilwandle, +
Wawumisa waqina phezu kwemifula.
3 Ngubani ongakhuphukela entabeni kaJehova, +
Ngubani ongama endaweni yakhe engcwele?
4 Yinoma ngubani onezandla ezingenacala nenhliziyo emsulwa, +
Ongazange afunge amanga ngokuphila kwami,*
Nongazange afunge ngenkohliso. +
6 Lesi yisizukulwane salabo abamfunayo,
Salabo abafuna ubuso bakho, Nkulunkulu kaJakobe. (Sela)
8 Ingubani le Nkosi ekhazimulayo?
10 Ngubani le Nkosi ekhazimulayo?
NguJehova wamabutho—nguye oyiNkosi ekhazimulayo. + (Sela)
ElikaDavide.
א [Aleph]
25 O Jehova, ngiphendukela kuwe.*
ב [Beth]
Ungazivumeli izitha zami zisizakale ngami. +
ג [Gimel]
3 Ngokuqinisekile akekho noyedwa kulabo abathemba wena oyohlazeka, +
Kodwa kuyohlazeka labo abakhohlisa ngaphandle kwesizathu. +
ד [Daleth]
ה [He]
5 Ngihambise eqinisweni lakho ungifundise, +
Ngoba wena unguNkulunkulu wami wensindiso.
ו [Waw]
Usuku lonke ngithembe wena.
ז [Zayin]
ח [Heth]
7 Ungazikhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami.
ט [Teth]
8 UJehova muhle futhi uqotho. +
Yingakho efundisa izoni indlela yokuphila. +
י [Yod]
כ [Kaph]
10 Zonke izindlela zikaJehova zibonisa uthando lwakhe oluqotho nokwethembeka
ל [Lamed]
11 O Jehova, ngenxa yegama lakho, +
Thethelela isiphambeko sami nakuba sisikhulu.
מ [Mem]
12 Ngubani umuntu owesaba uJehova? +
Uyomfundisa indlela okufanele ayikhethe. +
נ [Nun]
ס [Samekh]
ע [Ayin]
פ [Pe]
16 Phendulela ubuso bakho kimi, ungibonise umusa,
Ngoba ngingedwa futhi ngihluphekile.
צ [Tsade]
17 Seziziningi izinto ezikhathaza inhliziyo yami; +
Ngikhulule osizini lwami.
ר [Resh]
19 Bheka ukuthi ziningi kangakanani izitha zami
Nokuthi zingizonda kakhulu kangakanani.
ש [Shin]
20 Qapha ukuphila kwami ungisindise. +
Ungangivumeli ukuba ngihlazeke ngoba ngiphephele kuwe.
ת [Taw]
22 O Nkulunkulu, khulula u-Israyeli kuzo zonke izingcindezi zakhe.
ElikaDavide.
26 Ngahlulele Jehova, ngoba ngihambe ngobuqotho bami; +
Ngithembele kuJehova ngaphandle kokunqikaza. +
3 Ngoba uthando lwakho oluqotho luphambi kwami njalo,
Ngihamba eqinisweni lakho. +
6 Ngizogeza izandla zami ukuze ngibonise ubumsulwa bami,
Ngizozungeza i-altare lakho, Jehova,
7 Ukuze ngikubonge ngezwi elizwakalayo, +
Ngimemezele yonke imisebenzi yakho emangalisayo.
9 Ungangishabalalisi* kanye nezoni +
Ungangibulali kanye nabantu abanobudlova,*
10 Abahlale beziphatha ngendlela ehlazisayo,
Nabathanda ukwamukela isifumbathiso.*
11 Kodwa mina, ngizohamba ngobuqotho bami.
Ngikhulule, ungibonise umusa.
ElikaDavide.
27 UJehova ungukukhanya kwami + nensindiso yami.
Ngubani okufanele ngimesabe? +
UJehova uyisiphephelo sokuphila kwami. +
Ngizoba nengebhe ngobani?
2 Lapho abenzi bokubi bengihlasela ukuze bangishwabadele, +
Abaphikisana nami nezitha zami yibo abakhubeka bawa.
3 Nakuba ibutho lempi lingeza lizongihlasela,
Inhliziyo yami ngeke yesabe. +
Nakuba ngingase ngivukelwe yimpi,
Ngisho nangaleso sikhathi ngiyolokhu ngithembele kuye.
4 Yinye into engiyicele kuJehova
—Iyilokho engikufisayo—
Ukuba ngihlale endlini kaJehova zonke izinsuku zokuphila kwami, +
Ukuze ngibone ubuhle bukaJehova
Ngibuke ithempeli lakhe* ngenjabulo. *+
5 Ngoba uyongifihla esikhoselweni sakhe ngosuku lwenhlekelele; +
Uyongicashisa endaweni esithekile yetende lakhe; +
Uyongibeka phezulu edwaleni. +
6 Manje ikhanda lami seliphakeme kunezitha zami ezingizungezile;
Ngizonikela imihlatshelo etendeni lakhe ngimemeza ngenjabulo;
Ngiyohlabelela* ngidumise uJehova.
8 Inhliziyo yami ithe ngokuphathelene nawe:
“Funani ubuso bami.”
O Jehova, ngiyobufuna ubuso bakho. +
9 Ungangifihleli ubuso bakho. +
Ungayixoshi inceku yakho uthukuthele.
Wena ungumsizi wami. +
Ungangilahli futhi ungangishiyi, Nkulunkulu wami wensindiso.
11 O Jehova, ngifundise indlela yakho, +
Ungihole endleleni yobuqotho ngenxa yezitha zami.
13 Ngabe ngikuphi nje ukube bengingenalo ukholo
Yebo, themba uJehova.
ElikaDavide.
28 O Jehova Dwala lami, ngiyaqhubeka ngikubiza; +
Ngilalele.
2 Yizwa ukuncenga kwami lapho ngikhalela usizo kuwe
Lapho ngiphakamisela izandla zami ekamelweni elingaphakathi lendlu yakho engcwele. +
3 Ungangishaneli nabantu ababi, nabenza okulimazayo, +
Labo abakhuluma amazwi okuthula nabanye abantu kodwa kube kukhona okubi ezinhliziyweni zabo. +
4 Babuyisele ngokwezenzo zabo, +
Ngokwemikhuba yabo emibi.
Babuyisele ngokwemisebenzi yezandla zabo,
Ngokwalokho abakwenzile. +
Uyobadiliza, ngeke abakhe.
6 Makadunyiswe uJehova,
Ngoba ukuzwile ukukhalela kwami usizo.
Ungisizile, inhliziyo yami iyathokoza,
Ngakho ngizomdumisa ngengoma yami.
8 UJehova ungamandla kubantu bakhe;
Uyisiphephelo, uletha insindiso enkulu kogcotshiwe wakhe. +
9 Sindisa abantu bakho, ubusise ifa lakho. +
Beluse, ubathwale ngezandla zakho kuze kube phakade. +
Ihubo likaDavide.
29 Nina eninamandla, nikani uJehova udumo,
Dumisani uJehova ngenxa yenkazimulo namandla akhe. +
2 Nikani uJehova inkazimulo efanele igama lakhe.
Khothamani* kuJehova nembethe izingubo ezingcwele.*
3 Izwi likaJehova lizwakala phezu kwamanzi;
UNkulunkulu okhazimulayo uduma njengezulu. +
UJehova uphezu kwamanzi amaningi. +
4 Izwi likaJehova linamandla; +
Izwi likaJehova liyakhazimula.
5 Izwi likaJehova lephula imisedari;
Yebo, uJehova wephula imisedari yaseLebhanoni ibe yizicucu. +
6 Wenza iLebhanoni* litshakadule njengenkonyane,
NeSiriyoni + litshakadule njengenkunzi yasendle esencane.
7 Izwi likaJehova liphuma kanye nemibani; +
8 Izwi likaJehova lenza ihlane lizamazame; +
UJehova wenza ihlane laseKadeshi + lizamazame.
9 Izwi likaJehova lenza inyamazane ithuthumele bese iyazala
Liphundla namahlathi. +
Bonke abasethempelini lakhe bathi: “Inkazimulo!”
10 UJehova uhlezi esihlalweni sobukhosi ngaphezu kwezikhukhula; *+
UJehova uhlezi esihlalweni sobukhosi njengeNkosi kuze kube phakade. +
11 UJehova uyonika abantu bakhe amandla. +
UJehova uyobusisa abantu bakhe ngokuthula. +
Ihubo likaDavide. Ingoma yokuvulwa kwendlu.
2 O Jehova Nkulunkulu wami, ngikhalele usizo kuwe, wangelapha. +
3 O Jehova, ungikhuphulile* eThuneni. *+
Ungigcine ngiphila; ungisindisile ukuze ngingehleli egodini. *+
4 Hubani* nidumise uJehova, nina baqotho bakhe, +
Nidumise igama lakhe* elingcwele; +
5 Ngoba ukuthukuthelela isikhashana +
Kungase kube khona ukukhala kusihlwa, kodwa ekuseni kukhona injabulo. +
6 Lapho ngingenazinkinga ngathi:
“Angisoze ngantengantengiswa.”*
7 O Jehova, lapho usangibonisa umusa,* wangenza ngaqina njengentaba. +
Kodwa lapho ufihla ubuso bakho, ngesaba. +
8 O Jehova, ngangilokhu ngikubiza; +
Ngangikuncenga Jehova, ukuba ungibonise umusa.
9 Kunanzuzoni ukufa kwami,* ukwehlela kwami egodini? *+
Ingabe uthuli luyokudumisa? + Ingabe luyolandisa ngokwethembeka kwakho? +
10 O Jehova, yizwa, ungibonise umusa. +
Jehova, yiba ngumsizi wami. +
11 Wena ushintshe ukulila kwami kwaba ukudansa;
Ususe indwangu yami yesaka, wangigqokisa injabulo,
12 Ukuze ngikuhubele izindumiso ngingathuli.
O Jehova Nkulunkulu wami, ngiyokudumisa kuze kube phakade.
Kumqondisi. Ihubo likaDavide.
31 O Jehova, ngiphephele kuwe. +
Kwangathi ngingelokothe ngihlazeke. +
Ngikhulule ngoba wena ulungile. +
2 Ngilalele.*
Ngikhulule ngokushesha. +
Yiba yintaba yami yokuphephela,
Indawo evikelekile ukuze ungisindise. +
5 Umoya wami ngiwubeka esandleni sakho. +
Ungikhululile, Jehova Nkulunkulu weqiniso. *+
6 Ngiyabazonda labo abazinikele ezithixweni ezingenanzuzo, eziyize,
Kepha mina, ngithembele kuJehova.
7 Ngizojabula kakhulu ngothando lwakho oluqotho,
Ngoba ukubonile ukuhlupheka kwami; +
Uyazi ngokucindezeleka kwami okukhulu.
8 Awuzange unginikele esitheni,
Kodwa ungimisa endaweni ephephile.*
9 O Jehova, ngibonise umusa ngoba ngicindezelekile.
Ngenxa yosizi, iso lami + nawo wonke umzimba wami kube buthakathaka. +
Amandla ami ayaphela ngenxa yesiphambeko sami;
Amathambo ami abuthakathaka. +
11 Zonke izitha zami zingenza inhlekisa, +
Ikakhulukazi omakhelwane bami.
Abajwayelene nami bayangesaba;
Lapho bengibona ngaphandle, bayangibalekela. +
12 Angisekho ezinhliziyweni* zabo, bangikhohlwe njengokungathi ngifile;
Nginjengesitsha esifile.
13 Ngizwe imibiko eminingi emibi;
Ukwesaba kungihaqile. +
14 Kodwa mina ngithembele kuwe, Jehova. +
Ngithi: “Wena unguNkulunkulu wami.” +
15 Ukuphila kwami* kusesandleni sakho.
Ngikhulule esandleni sezitha zami nakulabo abangishushisayo. +
16 Yibonise umusa inceku yakho. +
Ngisindise ngothando lwakho oluqotho.
17 O Jehova, kwangathi ngingebe namahloni lapho ngikubiza. +
18 Kwangathi labo abanamanga bangaphelelwa amazwi, +
Labo abakhuluma ngokuqhosha nangokwedelela ngolungile.
19 Yeka ukuthi buchichima kangakanani ubuhle bakho! +
21 Makadunyiswe uJehova,
Ngoba ngendlela emangalisayo, ungibonise uthando lwakhe oluqotho + edolobheni elivinjezelwe. +
22 Kepha mina, ngaba novalo ngathi:
“Ngizoshabalala phambi kwakho.” +
Kodwa wakuzwa ukuncenga kwami lapho ngikhalela usizo kuwe. +
23 Mthandeni uJehova, nina nonke eniqotho kuye! +
ElikaDavide. Imaskili.*
32 Uyajabula lowo oxolelwe isiphambeko sakhe, othethelelwe* isono sakhe. +
2 Uyajabula umuntu uJehova angambeki cala, +
Nongakhohlisi.
3 Lapho ngilokhu ngithule, ngakhathala ngenxa yokububula kwami usuku lonke. +
4 Ngoba isandla sakho sasinzima phezu kwami* imini nobusuku. +
Amandla ami ashabalala* njengamanzi ehlobo elishisayo. (Sela)
5 Ekugcineni ngasivuma isono sami kuwe;
Angizange ngisifihle isiphambeko sami. +
Ngathi: “Ngizozivuma izeqo zami kuJehova.” +
Wena wasithethelela isono sami. + (Sela)
Khona-ke ngisho nezikhukhula ngeke zifike kuye.
7 Uyindawo yami yokucasha;
Uyongivikela ngezikhathi ezinzima. +
Uyongihaqa ngokumemeza kwenjabulo lapho ungikhulula. + (Sela)
8 “Ngiyokunika ukuqonda, ngikufundise indlela okufanele uhambe ngayo. +
Ngiyokweluleka, iso lami likubhekile. +
9 Ungabi njengehhashi noma umnyuzi okungenakho ukuqonda, +
Okumandla ako kumele alawulwe ngetomu noma ngomkhala
Ngaphambi kokuba kusondele kuwe.”
10 Ziningi izinhlungu zomubi;
Kodwa othembela kuJehova uvikelwe uthando lwaKhe oluqotho. +
11 Thokozani ngoJehova nijabule, nina enilungile;
Nimemeze ngenjabulo, nonke nina eniqotho enhliziyweni.
33 Memezani ngenjabulo ngenxa kaJehova nina enilungile. +
Kuyafaneleka ukuba abaqotho bamdumise.
2 Bongani uJehova ngehabhu;
Mhubeleni* ngensimbi yomculo enezintambo eziyishumi.
3 Mhlabeleleni ingoma entsha; +
Khiphani lonke ikhono ekudlaleni izinsimbi ezinezintambo, nimemeze ngenjabulo.
4 Ngoba izwi likaJehova liqotho, +
Singakwethemba konke akwenzayo.
5 Uyakuthanda ukulunga nobulungisa. +
Umhlaba ugcwele uthando lukaJehova oluqotho. +
7 Ubuthela amanzi olwandle ndawonye njengokungathi ayidamu; +
Ufaka amanzi agubhayo ezinqolobaneni.
8 Bonke abasemhlabeni mabamesabe uJehova. +
Bonke abakhile emhlabeni mabakhexe ngenxa yakhe.
11 Kodwa izinqumo* zikaJehova ziyokuma kuze kube phakade; +
Imicabango yenhliziyo yakhe isuka esizukulwaneni iye kwesinye isizukulwane.
13 UJehova ubheka phansi esemazulwini;
Ubona wonke amadodana abantu. +
14 Esendaweni ahlala kuyo,
Ubuka bonke abahlala emhlabeni.
15 Nguye obumba izinhliziyo zabo bonke;
Uhlola yonke imisebenzi yabo. +
17 Ukuthembela ehhashini ukuba likusindise* kuwukuzikhohlisa; +
Ukuba kwalo namandla amakhulu akusho ukuthi uzophunyuka.
18 Bheka! Iso likaJehova liqapha abamesabayo, +
Labo abalinde uthando lwakhe oluqotho,
19 Ukuba abakhulule ekufeni
Nokuba abalonde ngesikhathi sendlala. +
20 Silindele uJehova.
Ungumsizi wethu nehawu lethu. +
21 Izinhliziyo zethu ziyajabula ngaye,
Ngoba sithembele egameni lakhe elingcwele. +
ElikaDavide, ngesikhathi ezishaya ohlanyayo + phambi kuka-Abhimeleki, waze wamxosha, wahamba.
א [Aleph]
34 Ngizomdumisa uJehova ngazo zonke izikhathi;
Ngeke ngiyeke ukumdumisa.
ב [Beth]
2 Ngizoziqhayisa ngoJehova; +
Abamnene bayozwa bajabule.
ג [Gimel]
3 Dumisani uJehova kanye nami; +
Masiliphakamise kanyekanye igama lakhe.
ד [Daleth]
4 Ngambuza uJehova, wangiphendula. +
Wangikhulula kukho konke engikwesabayo. +
ה [He]
5 Bayajabula labo abathembela kuye;
Ngeke baphoxeke.
ז [Zayin]
6 Lona ohluphekile wakhala, uJehova wezwa.
Wamsindisa kuzo zonke izingcindezi zakhe. +
ח [Heth]
ט [Teth]
8 Nambithani nibone ukuthi uJehova muhle; +
Uyajabula umuntu ophephela kuye.
י [Yod]
9 M̀esabeni uJehova, nonke nina bantu bakhe abangcwele,
Ngoba labo abamesabayo abasweli lutho. +
כ [Kaph]
10 Ngisho namabhubesi asemancane anamandla* akhungethwe yindlala,
Kodwa labo abafuna uJehova, ngeke baswele lutho oluhle. +
ל [Lamed]
11 Wozani madodana ami, ngilaleleni;
Ngizonifundisa ukumesaba uJehova. +
מ [Mem]
12 Ngubani phakathi kwenu okujabulelayo ukuphila
Ongathanda ukuphila isikhathi eside ukuze abone izinto ezinhle? +
נ [Nun]
ס [Samekh]
ע [Ayin]
פ [Pe]
16 Kodwa uJehova umelene nabenza okubi,
Ukuze abenze bangakhunjulwa emhlabeni. +
צ [Tsade]
ק [Qoph]
ר [Resh]
ש [Shin]
20 Uqapha wonke amathambo akhe;
Akukho nelilodwa lawo eliphuliwe. +
ת [Taw]
21 Inhlekelele iyombulala omubi;
Labo abazonda olungile bayotholakala benecala.
22 UJehova usindisa ukuphila kwezinceku zakhe;
Akekho noyedwa kulabo abaphephela kuye oyotholakala enecala. +
ElikaDavide.
3 Phakamisa umkhonto nembazo* yempi ngokumelene nabangijahayo. +
Yithi kimi: “Ngiyinsindiso yakho.” +
4 Kwangathi labo abazingela ukuphila kwami bangahlazeka balulazeke. +
Kwangathi labo abaceba ukungibulala bangabaleka behlazekile.
5 Kwangathi bangaba njengamakhoba apheshulwa umoya;
Kwangathi ingelosi kaJehova ingabaxosha. +
6 Kwangathi indlela yabo ingaba mnyama ishelele
Njengoba ingelosi kaJehova ibajaha.
7 Ngoba bangifihlele inethi ukuze bangicuphe ngaphandle kwesizathu;
Bangimbele* umgodi ngaphandle kwesizathu.
8 Kwangathi bangehlelwa yinhlekelele bengalindele;
Kwangathi bangabanjwa yinethi abalifihlile;
Kwangathi bangawela kulo bafe. +
9 Kodwa mina ngizojabula* ngoJehova;
Ngizothokoza ngensindiso yakhe.
10 Mangithi ngenhliziyo yami yonke:
“O Jehova, ngubani onjengawe?
11 Kuvela ofakazi abangalungile, +
Bangibuza ngezinto engingazi lutho ngazo.
12 Bangibuyisela ngokubi kokuhle engikwenzile, +
Bangenza ngizizwe ngisosizini.
13 Kodwa lapho begula, ngembatha indwangu yesaka;
Ngazihlupha* ngokuzila ukudla,
Lapho umthandazo wami ungaphendulwa,*
14 Ngahambahamba ngilila njengokungathi ngililela umngani noma umfowethu;
Ngakhothama ngisosizini njengomuntu olilela unina.
15 Kodwa lapho ngikhubeka, bajabula babuthana ndawonye;
Babuthana ndawonye ukuze bangihlasele;
Bangidwengula ngaba yizicucu futhi abazange bathule.
17 O Jehova, kuyoze kube nini ulokhu ubukele? +
18 Khona-ke ngiyokubonga ebandleni elikhulu; +
Ngiyokudumisa phakathi kwabantu abaningi.
19 Ungabavumeli labo abayizitha zami ngaphandle kwesizathu bajabule ngami;
Ungabavumeli labo abangizonda ngaphandle kwesizathu + ukuba bacifelane iso ngezinhloso ezimbi. +
20 Ngoba abakhulumi amazwi okuthula,
Kodwa baceba amanga ngabantu bezwe abanokuthula. +
21 Bawuvula kakhulu umlomo wabo ukuze bangidelele,
Bathi: “Nakho-ke! Nakho-ke! Sikubonile ukuwa kwakhe.”
22 O Jehova, ukubonile lokhu. Ungathuli. +
O Jehova, ungabi kude nami. +
23 Vuka, sukuma ungivikele,
Nkulunkulu wami, Jehova, ngivikele ecaleni lami lomthetho.
24 O Jehova Nkulunkulu wami, ngahlulele ngokokulunga kwakho; +
Ungabavumeli bajabule ngami.
25 Kwangathi bangelokothe bathi enhliziyweni yabo: “Nakho-ke! Sikutholile ebesikufuna.”
Kwangathi bangelokothe bathi: “Siqedile ngaye.” +
26 Mababe namahloni bahlazeke bonke,
Labo abasizakala ngenhlekelele yami.
Mababe namahloni balulazeke labo abaziphakamisayo kimi.
27 Kodwa labo abathokoza ngokulunga kwami mabamemeze ngenjabulo;
Kwangathi njalo bangathi:
“Makadunyiswe uJehova, ojabula ngokuthula kwenceku yakhe.” +
Kumqondisi. Elenceku kaJehova, uDavide.
36 Isiphambeko sikhuluma nomubi ekujuleni kwenhliziyo yakhe;
Akamesabi uNkulunkulu. +
2 Imicabango yakhe iyamkhohlisa
Kangangokuthi akasiboni futhi akasizondi isiphambeko sakhe. +
3 Amazwi omlomo wakhe ayalimaza futhi ayakhohlisa;
Akaqondi ukuthi angakwenza kanjani okuhle.
4 Uceba amacebo alimazayo ngisho noma esembhedeni wakhe.
Usendleleni engalungile;
Akakwenqabi okubi.
5 O Jehova, uthando lwakho oluqotho lufinyelela emazulwini, +
Ukwethembeka kwakho kufinyelela emafwini.
O Jehova, ulondoloza* umuntu nesilwane. +
7 Nkulunkulu, yeka ukuthi uthando lwakho oluqotho luyigugu kangakanani! +
Abantwana babantu babalekela
emthunzini wamaphiko akho. +
10 Qhubeka ubonisa uthando lwakho oluqotho kulabo abakwaziyo, +
Nokulunga kwakho, kulabo abaqotho enhliziyweni. +
11 Ungaluvumeli unyawo lwabaqhoshayo lunginyathele
Noma isandla sabantu ababi ukuba singixoshe.
12 Abenzi bokubi bawile;
Bawiswe phansi, abakwazi ukuvuka. +
ElikaDavide.
א [Aleph]
2 Bayobuna ngokushesha njengotshani +
Bayobuna njengotshani obusha obuluhlaza.
ב [Beth]
4 Jabula kakhulu* ngoJehova,
Uyokunika izinto ezifiswa yinhliziyo yakho.
ג [Gimel]
6 Uyokwenza ukulunga kwakho kukhanye njengasekuseni,
Nobulungisa bakho njengelanga lasemini.
ד [Daleth]
Ungamthukutheleli umuntu
Ophumelelayo emacebweni akhe. +
ה [He]
ו [Waw]
11 Kodwa abamnene bayodla ifa lomhlaba, +
Bayothola injabulo enkulu ngenxa yokuthula okuchichimayo. +
ז [Zayin]
12 Umuntu omubi wakhela olungile uzungu; +
Umgedlela amazinyo.
13 Kodwa uJehova uyomhleka,
Ngoba uyazi ukuthi usuku lwakhe luyeza. +
ח [Heth]
14 Ababi bahosha izinkemba zabo, bacibishela imicibisholo yabo
Ukuze bawise abacindezelwe nabampofu,
Ukuze babulale abaqotho endleleni yabo.
15 Kodwa inkemba yabo iyogwaza inhliziyo yabo; +
Imicibisholo yabo iyophulwa.
ט [Teth]
16 Kungcono okuncane kolungile
Kunensada yababi abaningi. +
17 Ngoba izingalo zababi ziyophulwa,
Kodwa uJehova uyomsekela olungile.
י [Yod]
19 Ngeke babe namahloni ngesikhathi senhlekelele;
Ngesikhathi sendlala bayoba nenala.
כ [Kaph]
20 Kodwa ababi bayoshabalala; +
Izitha zikaJehova ziyoshabalala njengamadlelo aluhlaza;
Ziyonyamalala njengentuthu.
ל [Lamed]
22 Labo ababusiswe nguNkulunkulu bayodla ifa lomhlaba,
Kodwa labo abaqalekiswe nguYe bayobhujiswa. +
מ [Mem]
24 Nakuba engase akhubeke, ngeke awe phansi ngobuso, +
נ [Nun]
25 Ngake ngaba musha, manje sengikhulile,
Kodwa angikaze ngimbone olungile eshiywe dengwane, +
26 Uhlale ebolekisa ngaphandle kokufuna inzalo, +
Izingane zakhe zilindelwe yizibusiso.
ס [Samekh]
27 Suka kokubi wenze okuhle, +
Khona-ke uyohlala emhlabeni kuze kube phakade.
28 Ngoba uJehova uyabuthanda ubulungisa,
Ngeke abashiye abantu bakhe abaqotho. +
ע [Ayin]
29 Abalungile bayodla ifa lomhlaba, +
Bahlale kuwo kuze kube phakade. +
פ [Pe]
צ [Tsade]
32 Omubi ulinde olungile,
Ufuna ukumbulala.
ק [Qoph]
34 Themba uJehova, uhambe ngendlela yakhe,
Uyokuphakamisa ukuba udle ifa lomhlaba.
Uyobukela + lapho ababi bebhujiswa. +
ר [Resh]
35 Ngimbonile umuntu omubi nononya
Enaba njengesihlahla esikhephuzelayo emhlabathini waso. +
ש [Shin]
37 Mqaphele ongasoleki,*
Ugcine oqotho + ephambi kwamehlo akho,
Ngoba ikusasa lalowo muntu liyoba nokuthula. +
38 Kodwa zonke izeqamthetho ziyobhujiswa;
Abantu ababi ngeke babe nalo ikusasa. +
ת [Taw]
40 UJehova uyobasiza abakhulule. +
Uyobakhulula kubantu ababi abasindise,
Ngoba baphephela kuye. +
Ihubo likaDavide eliyisikhumbuzo.*
38 O Jehova, ungangisoli uthukuthele,
Ungangiqondisi ngolaka. +
2 Ngoba imicibisholo yakho ingene yajula ngaphakathi kimi,
Isandla sakho siyangicindezela. +
3 Wonke umzimba wami uyagula* ngenxa yentukuthelo yakho.
Akukho kuthula emathanjeni ami ngenxa yesono sami. +
4 Ngoba iziphambeko zami zinqwabelane zadlula ikhanda lami; +
Njengomthwalo osindayo, ziyangisinda kakhulu.
5 Amanxeba ami anuka kabi, ayabhibha,
Ngenxa yobuwula bami.
6 Ngicindezelekile, ngidikibele;
Usuku lonke ngihambahamba ngidabukile.
8 Sengindikindiki futhi ngidangele kakhulu;
Inhliziyo yami esosizini yenza ngibubule.*
9 O Jehova, uyazazi zonke izifiso zami,
Ukububula kwami akufihlekile kuwe.
10 Inhliziyo yami ishaya ngamandla, ngiphelelwe amandla,
Nokukhanya kwamehlo ami kungishiyile. +
11 Abangani bami nabantu engazana nabo bayangigwema ngenxa yenhlupho yami,
Nabajwayelene nami sebehambela kude.
12 Labo abazingela ukuphila kwami babeka izicupho;
Labo abazama ukungilimaza bakhuluma okubi; +
Bavungazela inkohliso usuku lonke.
13 Kodwa njengomuntu oyisithulu, ngeke ngilalele; +
14 Senginjengomuntu ongezwa,
Umlomo wami awunalutho ozolusho ukuze ngizivikele.
16 Ngoba ngathi: “Kwangathi bangejabule ngami
Noma baziphakamise lapho unyawo lwami lushelela.”
17 Ngoba ngase ngizoquleka,
Ngangihlale ngizwa ubuhlungu. +
20 Lapho ngenza okuhle bona benza okubi kimi;
Babemelana nami ngenxa yokuphishekela kwami okuhle.
21 O Jehova, ungangishiyi.
O Nkulunkulu, ungaqheleli kude nami. +
22 Shesha uzongisiza,
Jehova msindisi wami. +
Kumqondisi; ngenothi leJeduthuni. *+ Ihubo likaDavide.
39 Ngathi: “Ngizoqapha izinyathelo zami
Ukuze ngingoni ngolimi lwami. +
Ngizofaka isifonyo emlonyeni wami +
Uma nje kusekhona omubi phambi kwami.”
2 Ngaphelelwa amazwi ngathula; +
Angishongo lutho ngisho nangokuhle,
Kodwa ubuhlungu engangibuzwa babubukhulu.
3 Inhliziyo yami yavutha ngaphakathi kimi.
Lapho ngicabangisisa,* umlilo waqhubeka uvutha.
Ngakho ngakhuluma ngathi:
4 “O Jehova, ngisize ngazi ukuthi siyoba yini isiphetho sami,
Nezinsuku zokuphila kwami, +
Ukuze ngazi ukuthi kufushane kangakanani ukuphila kwami.*
Ngokuqinisekile wonke umuntu, nakuba ebonakala elondekile, akalutho kodwa uwumoya okhishwa ngamakhala. + (Sela)
6 Ukuphila komuntu kunjengesithunzi.
Ugijimisa into* engekho.
Uqongelela ingcebo engazi nokuthi ngubani ozoyidla. +
7 Manje ngingathembela kuphi, Jehova?
Nguwena kuphela ithemba lami.
8 Ngikhulule ekunqotshweni yizeqo zami. +
Ungamvumeli oyisiwula angibukele phansi.
10 Susa inhlupho yakho kimi.
Ngikhathele ngenxa yesandla sakho esingishayayo.
11 Uqondisa umuntu ngokumjezisa ngenxa yesiphambeko sakhe; +
Uyaziqeda izinto zakhe eziyigugu njengoba nje inundu idla indwangu.
Ngokuqinisekile wonke umuntu uwumoya okhishwa ngamakhala. + (Sela)
12 O Jehova, yizwa umthandazo wami,
Lalela lapho ngikhalela usizo. +
Ungazishalazeleli izinyembezi zami.
13 Yeka ukungibuka ngentukuthelo ukuze ngiphinde ngijabule
Ngaphambi kokuba ngife, ngingabe ngisaba khona.”
Kumqondisi. Ihubo likaDavide.
2 Wangikhipha emgodini onamanzi ahlokomayo,
Odakeni olubishayo.
Wabeka izinyawo zami edwaleni;
Wangihambisa emhlabathini owomile.
3 Wafaka ingoma entsha emlonyeni wami, +
Ingoma yokudumisa uNkulunkulu wethu.
Abaningi bayokubona lokho uNkulunkulu akwenzile bamangale,
Bathembele kuJehova.
4 Uyajabula umuntu othembela kuJehova
Ongathembeli kubantu abadelelayo noma abakhohlisayo.*
5 Miningi imisebenzi yakho emangalisayo osenzele yona,
Jehova Nkulunkulu wami,
Ziningi izinto ozicabangayo ngathi. +
Akekho noyedwa ongaqhathaniswa nawe; +
Ukube bengingazama ukulandisa nokukhuluma ngayo,
Ibiyoba miningi kakhulu ukuba ngingayibala! +
Awuzange uwufune umnikelo oshiswayo nomnikelo wesono. +
7 Ngakho ngathi: “Bheka ngizile.
Kulotshiwe ngami emqulwini. *+
8 O Nkulunkulu wami, kuyangijabulisa* ukwenza intando yakho, +
Nomthetho wakho usenhliziyweni yami. +
9 Ngimemezela izindaba ezinhle zokulunga ebandleni elikhulu. +
Bheka! Angizivali izindebe zami, +
O Jehova, njengoba nje wazi kahle.
10 Angikumbozi ukulunga kwakho enhliziyweni yami.
Ngimemezela ukwethembeka kwakho nensindiso yakho.
Angilufihli uthando lwakho oluqotho neqiniso lakho ebandleni elikhulu.” +
11 O Jehova, ungangigodleli isihe sakho.
Kwangathi uthando lwakho oluqotho neqiniso lakho kungangiqapha njalo. +
12 Izinhlekelele ezingizungezile ziningi kakhulu ukuba ngingazibala. +
Iziphambeko zami eziningi ziyangicindezela kangangokuthi angikwazi ukubona lapho ngiya khona; +
Ziningi kunezinwele zekhanda lami,
Ngidikibele.
13 O Jehova, ngicela ungisindise. +
O Jehova, shesha uzongisiza. +
14 Kwangathi bonke labo abafuna ukungibulala
Bangaba namahloni bahlazeke.
Kwangathi labo abajabula ngenhlekelele yami
Bangabaleka behlazekile.
15 Kwangathi labo abathi kimi: “Uyalayeka! Uyalayeka!”
Bangashaqeka ngenxa yehlazo labo.
Kwangathi labo abathanda insindiso yakho bangahlale bethi:
“Makadunyiswe uJehova.” +
17 Kodwa mina ngicindezelekile futhi ngimpofu;
Kwangathi uJehova anganginaka.
Kumqondisi. Ihubo likaDavide.
41 Uyajabula umuntu omcabangelayo ophansi; +
UJehova uyomkhulula ngosuku lwenhlekelele.
2 UJehova uyomqapha, amlonde.
3 UJehova uyomsekela okhukhweni lokugula; +
Uyomnakekela lapho egula.
4 Ngathi: “O Jehova, ngibonise umusa. +
Ngelaphe + ngoba ngonile kuwe.” +
5 Izitha zami zikhuluma okubi ngami zithi:
“Uyofa nini, igama lakhe lishabalale?”
6 Uma kufika omunye wazo ezongibona, inhliziyo yakhe ikhuluma amanga;
Ucabanga azokusho ukuze angilimaze;
Bese eyaphuma ayokhuluma ngakho kwabanye.
7 Bonke labo abangizondayo bahlebelana ngami;
Baceba okubi ngami, bathi:
8 “Wehlelwe yinto embi kakhulu;
Manje njengoba esewile ngeke aphinde avuke.” +
10 Kodwa wena Jehova, ngibonise umusa ungivuse,
Ukuze ngiziphindiselele kubo.
11 Ngalokhu ngizokwazi ukuthi uyajabula ngami:
Lapho isitha sami singakwazi ukunginqoba. +
Amen, Amen.
INCWADI YESIBILI
(AmaHubo 42-72)
Kumqondisi. Imaskili* lamadodana kaKhora. +
42 Njengenyamazane elangazelela imifudlana yamanzi,
Nkulunkulu, ngikulangazelela* kanjalo.
2 Ngomele uNkulunkulu, uNkulunkulu ophilayo. +
Ngingavela nini phambi kukaNkulunkulu? *+
3 Ngihlale ngikhala imini nobusuku;
Usuku lonke abantu bayangiklolodela bathi: “Uphi uNkulunkulu wakho?” +
4 Lezi zinto ngiyazikhumbula, ngiveza imizwa yami,
Ngoba ngake ngahamba kanye nesixuku;
Ngangivame ukuhamba* phambi kwaso ngiye endlini kaNkulunkulu,
Ngomsindo wokujabula nokubonga,
Wesixuku esigubha umkhosi. +
5 Kungani ngiphelelwa yithemba? +
Kungani ngikhathazekile?
6 Ngiphelelwe yithemba, Nkulunkulu wami. +
7 Amanzi ajulile abiza amanzi ajulile
Lapho kuzwakala umsindo wezimpophoma zakho.
Amagagasi akho agubhayo anjengezinkinga ezingihlasele. +
8 Emini uJehova uzongibonisa uthando lwakhe oluqotho,
Ebusuku ngizocula ngaye—ngizothandaza kuNkulunkulu wokuphila kwami. +
9 Ngizothi kuNkulunkulu, idwala lami:
“Kungani ungikhohliwe? +
Kungani kufanele ngihambe ngidabukile ngenxa yokucindezelwa yisitha sami?” +
10 Ngenzondo* izitha zami ziyangiklolodela;
Usuku lonke zingiklolodela zithi: “Uphi uNkulunkulu wakho?” +
11 Kungani ngiphelelwa yithemba?
Kungani ngikhathazekile?
Ngizomlinda uNkulunkulu, +
Ngoba ngisazomdumisa njengoMsindisi wami Omkhulu nanjengoNkulunkulu wami. +
Ngikhulule kumuntu okhohlisayo nongalungile.
2 Ngoba wena unguNkulunkulu wami, inqaba yami. +
Ungilahleleni?
Kungani kumele ngihambahambe ngidabukile ngenxa yokucindezelwa yisitha sami? +
3 Thumela ukukhanya kwakho neqiniso lakho. +
Kwangathi kungangihola; +
Kwangathi kungangiholela entabeni yakho engcwele nasetabernakele lakho elikhulu. +
4 Khona-ke ngizoza e-altare likaNkulunkulu, +
Ngizojabula kakhulu ngoNkulunkulu wami.
O Nkulunkulu, Nkulunkulu wami, ngizokudumisa ngehabhu. +
5 Kungani ngiphelelwa yithemba,
Kungani ngikhathazekile?
Kumqondisi. Elamadodana kaKhora. + Imaskili.*
44 O Nkulunkulu, sizwile ngezindlebe zethu,
Okhokho bethu basitshelile, +
Ngezinto owazenza ezinsukwini zabo,
Ezinsukwini zasendulo.
Wanqoba izizwe wazixosha. +
6 Ngoba angithembele emnsalweni wami,
Inkemba yami ayikwazi ukungisindisa. +
7 Nguwe owasisindisa ezitheni zethu, +
Wabahlaza labo abasizondayo.
8 Sizomdumisa uNkulunkulu usuku lonke,
Sizolibonga igama lakho kuze kube phakade. (Sela)
9 Kodwa manje usilahlile wasilulaza,
Awuhambi namabutho ethu.
10 Ulokhu usenza ukuba sizibalekele izitha zethu; +
Labo abasizondayo bazithathela yonke into abayifunayo.
11 Usinikela njengezimvu ukuba basishwabadele;
Usihlakazele ezizweni. +
13 Usenza sibe yisihlamba komakhelwane bethu,
Into yokwenziwa inhlekisa neyokwethukwa yilabo abasizungezile.
15 Ngizizwa ngihlazekile usuku lonke,
Ngimbozwe amahloni,
16 Ngenxa yokukloloda nenhlamba yazo,
Ngenxa yesitha sethu esiziphindiselelayo.
17 Konke lokhu kusehlele, kodwa asizange sikukhohlwe,
Asisephulanga isivumelwano sakho. +
18 Inhliziyo yethu ayiyekanga ukuba qotho;
Izinyathelo zethu aziphambuki endleleni yakho.
19 Kodwa usiphahlazele endaweni yezimpungushe;
Usimboze ngethunzi elimnyama.
20 Uma silikhohliwe igama likaNkulunkulu wethu
Noma uma selule izandla zethu sathandaza komunye unkulunkulu,
21 Ngeke yini uNkulunkulu akuthole lokhu?
Uyazazi izimfihlo zenhliziyo. +
22 Sibulawa usuku lonke ngenxa yakho;
Siphathiswa okwezimvu zokuhlatshwa. +
23 O Jehova, vuka. Kungani ulokhu ulele? +
Phaphama! Ungalokhu usilahla kuze kube phakade. +
24 Ubufihlelani ubuso bakho?
Kungani ukhohlwa ukuhlupheka nokucindezelwa kwethu?
26 Vuka usisize! +
Sikhulule* ngenxa yothando lwakho oluqotho. +
Kumqondisi; ngenothi “Leminduze.” Elamadodana kaKhora. + Imaskili.* Ingoma yothando.
45 Inhliziyo yami igcwele izindaba ezinhle.
Ngithi: “Ingoma* yami iphathelene nenkosi.” +
Kwangathi ulimi lwami lungaba ipeni *+ lomkopishi* onekhono. +
2 Wena umuhle kakhulu kunamadodana abantu.
Izindebe zakho ziphuma amazwi amnandi. +
Yingakho uNkulunkulu eyokunika izibusiso kuze kube phakade. +
3 O wena onamandla, + bophela inkemba yakho + okhalweni lwakho,
Zibhincise ngesithunzi sakho nangobukhazikhazi bakho. +
4 Ebukhazikhazini bakho qhubeka unqoba; *+
Gibela ihhashi lakho ulwele abathobekile neqiniso nokulunga, +
Isandla sakho sokudla siyofeza* izinto ezimangalisayo.
5 Imicibisholo yakho ibukhali, yenza izizwe ziwe phambi kwakho; +
Ihlaba izinhliziyo zezitha zenkosi. +
6 UNkulunkulu uyisihlalo sakho sobukhosi kuze kube phakade naphakade; +
7 Wakuthanda ukulunga, + wabuzonda ububi. +
Yingakho uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, ekugcobe + ngamafutha okwethaba + ukudlula abangani bakho.
8 Zonke izingubo zakho ziqholwe ngemure, inhlaba nekasiya;*
Esigodlweni esihle esihlotshiswe ngezinyo lendlovu, izinsimbi zomculo ezinezintambo zikwenza ujabule.
9 Amadodakazi amakhosi aphakathi kwabesifazane bakho bodumo.
Indlovukazi imi ngasesandleni sakho sokudla, ihlobe ngegolide lase-Ofiri. +
10 O ndodakazi lalelisisa, unake;
Khohlwa abantu bakini nendlu kayihlo.
11 Inkosi iyolangazelela ubuhle bakho,
Ngoba iyinkosi yakho,
Ngakho yikhothamele.
12 Indodakazi yaseThire iyoza iphethe isipho;
Abantu abacebe kakhulu bayofuna umusa wakho.*
13 Ngaphakathi esigodlweni* indodakazi yenkosi iyakhazimula;
Izingubo zayo zihlotshiswe ngegolide.
14 Iyolethwa enkosini igqoke izingubo ezelukwe ngobuciko.*
Izintombi eziyilandelayo ezingabangani bayo zilethwa kuwe.
15 Ziyolethwa ngokuthokoza nangokujabula;
Ziyongena esigodlweni senkosi.
16 Amadodana akho ayothatha isikhundla sokhokho bakho,
Uyowabeka abe yizikhulu emhlabeni wonke. +
17 Ngiyokwenza igama lakho laziwe kuzo zonke izizukulwane ezizayo. +
Yingakho izizwe ziyokudumisa kuze kube phakade naphakade.
Kumqondisi. Elamadodana kaKhora. + Kusetshenziswa indlela yokucula ye-Alamoti.* Ihubo.
46 UNkulunkulu uyisiphephelo namandla ethu, +
Usizo olutholakala ngokushesha ngezikhathi zokucindezeleka. +
2 Yingakho singeke sesabe, ngisho noma umhlaba ushintsha,
Noma izintaba zidilikela ekujuleni kolwandle, +
3 Noma amanzi alo ehlokoma, ekhipha amagwebu, +
Noma izintaba zizamazama ngenxa yokuyaluza kwalo. (Sela)
4 Kukhona umfula onemifudlana ethokozisa idolobha likaNkulunkulu, +
Itabernakele elikhulu elingcwele loPhezukonke.
5 UNkulunkulu uphakathi kuleli dolobha; + ngeke linqotshwe.
UNkulunkulu uyolisiza ngovivi lokusa. +
6 Izizwe zaxokozela, imibuso yanqotshwa;
Wamemeza, umhlaba wancibilika. +
8 Wozani nibone imisebenzi kaJehova,
Ukuthi uzenze kanjani izinto ezimangalisayo emhlabeni.
9 Uqeda izimpi emhlabeni wonke. +
Uphula umnsalo anqamule umkhonto ube yizicucu;
Izinqola zempi uzishisa* ngomlilo.
10 “Celani umaluju, nazi ukuthi nginguNkulunkulu.
Kumqondisi. Elamadodana kaKhora. + Ihubo.
47 Shayani ihlombe, nonke nina zizwe.
Dumisani uNkulunkulu nimemeze ngenjabulo.
3 Uthobisa izizwe ngaphansi kwethu;
Ubeka izizwe ngaphansi kwezinyawo zethu. +
5 UNkulunkulu ufikile, abantu bamemeza ngenjabulo;
UJehova ufike kwakhala uphondo.*
6 Hubelani* uNkulunkulu, hubani ingoma yokudumisa.
Hubelani iNkosi yethu, hubani ingoma yokudumisa.
7 Ngoba uNkulunkulu uyiNkosi yawo wonke umhlaba; +
Hubani ingoma yokudumisa, nibonise ukuqonda.
8 UNkulunkulu useyiNkosi phezu kwezizwe. +
UNkulunkulu uhleli esihlalweni sakhe sobukhosi esingcwele.
9 Abaholi bezizwe babuthene
Kanye nesizwe sikaNkulunkulu ka-Abrahama.
Ngoba ababusi* bomhlaba bangabakaNkulunkulu.
Uphakeme kakhulu. +
Ingoma. Ihubo lamadodana kaKhora. +
48 UJehova mkhulu, kumele adunyiswe kakhulu
Edolobheni likaNkulunkulu wethu, entabeni yakhe engcwele.
2 Lihle endaweni yalo ephakeme, umhlaba wonke uyajabula ngalo, +
INtaba iZiyoni ikude le enyakatho,
Idolobha leNkosi Enkulu. +
3 Emibhoshongweni yalo enezivikelo eziqinile,
UNkulunkulu ukwenze kwaziwa ukuthi uyindawo yokuphephela elondekile. *+
4 Ngoba amakhosi abuthene;*
Afike ehamba ndawonye.
5 Lapho elibona, amangala.
Esaba abaleka ethukile.
6 Athuthumela lapho,
Abanjwa izinhlungu njengowesifazane obelethayo.
7 Uphihliza imikhumbi yaseTharishishi ngomoya wasempumalanga.
8 Sesizibonele ngawethu lokho esakuzwa
Edolobheni likaJehova wamabutho, edolobheni likaNkulunkulu wethu.
UNkulunkulu uzolenza lilondeke kuze kube phakade. + (Sela)
9 O Nkulunkulu, sizindla ngothando lwakho oluqotho, +
Siphakathi ethempelini lakho.
10 O Nkulunkulu, njengegama lakho, udumo lwakho
Lufinyelela emaphethelweni omhlaba. +
Isandla sakho sokudla sigcwele ukulunga. +
11 Kwangathi iNtaba iZiyoni + ingathokoza,
Kwangathi amadolobhana* akwaJuda angajabula, ngenxa yezahlulelo zakho. +
12 Zungezani iZiyoni, nilikake;
Balani imibhoshongo yalo. +
13 Nakisisani izindonga zalo. *+
Hlolani imibhoshongo yalo evikelekile,
Ukuze nilandise ngalo ezizukulwaneni ezizayo.
14 Ngoba lo Nkulunkulu unguNkulunkulu wethu + kuze kube phakade naphakade.
Uyosihola kuze kube phakade. *+
Kumqondisi.
Elamadodana kaKhora. +
Ihubo
49 Yizwani lokhu, nonke nina zizwe.
3 Ngizokhuluma amazwi abonisa ukuhlakanipha,
Nokuzindla kwenhliziyo yami + kuzongenza ngiqonde izinto ezijulile.
4 Ngizolalela isaga;
Ngizochaza isiphicaphicwano sami ngibe ngidlala ihabhu.
5 Kungani kufanele ngesabe ngezikhathi ezinzima, +
Lapho ngihlushwa yizenzo ezimbi zalabo abazama ukungiwisa?
6 Labo abathembela engcebweni yabo +
Abaqhosha ngengcebo yabo eningi, +
7 Akekho kubo ongahlenga umfowabo
Noma anike uNkulunkulu inhlawulo ngenxa yomfowabo, +
8 (Inani lokuhlenga* ukuphila kwabo liphakeme kakhulu
Kangangokuba lihlale lingaphezu kwamandla abo);
10 Uyabona ukuthi ngisho nabahlakaniphile bayafa;
Oyisiphukuphuku nongenangqondo bashabalala ndawonye, +
Umcebo wabo kufanele bawushiyele abanye. +
11 Isifiso sabo esijulile siwukuba izindlu zabo zihlale kuze kube phakade,
Amatende abo ahlale izizukulwane ngezizukulwane.
Imihlaba yabo bayibiza ngamagama abo.
12 Kodwa umuntu, nakuba ehloniphekile, akanakuhlala ekhona; +
Akangcono kunezilwane ezishabalalayo. +
13 Lesi yisiphetho sabayiziphukuphuku +
Nesalabo ababalandelayo, abachazwa amazwi abo angathi shu. (Sela)
14 Bayobulawa njengezimvu bese beya eThuneni.*
Ukufa kuyobelusa;
Abaqotho bayobabusa + ekuseni.
16 Ungesabi lapho umuntu eceba,
Lapho ubukhazikhazi bendlu yakhe banda,
17 Ngoba lapho efa ngeke ahambe nalutho; +
Ngeke angcwatshwe nobukhazikhazi bakhe. +
18 Ngoba lapho esaphila uyazihalalisela. +
(Abantu bayakudumisa uma ucebile.) +
19 Ekugcineni uyafa njengokhokho bakhe.
Bonke ngeke baphinde bakubone ukukhanya.
20 Umuntu ongakuqondi lokhu, nakuba ehloniphekile, +
Akangcono kunezilwane ezishabalalayo.
Ihubo lika-Asafa. +
50 UNkulunkulu ophakeme kunabanye onkulunkulu, uJehova, *+ ukhulumile;
Ubiza umhlaba
Kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo.*
2 UNkulunkulu uyakhanya eseZiyoni, idolobha elihle ngokuphelele. +
3 UNkulunkulu wethu uzofika futhi ngeke ahlale ethule. +
5 “Buthelani kimi abantu bami abaqotho,
Labo abenza isivumelwano nami ngomhlatshelo.” +
6 Amazulu amemezela ukulunga kwakhe,
Ngoba uNkulunkulu unguMahluleli. + (Sela)
7 “Lalelani bantu bami, mina ngizokhuluma;
Israyeli, ngizonikeza ubufakazi obukulahlayo. +
NginguNkulunkulu, uNkulunkulu wakho. +
8 Angikusoli ngenxa yemihlatshelo yakho,
Noma ngenxa yeminikelo yakho eshiswa ngokuphelele ehlale iphambi kwami. +
10 Ngoba zonke izilwane zasendle ezisemahlathini zingezami, +
Ngisho nezilwane ezikuzo zonke izintaba.
11 Ngizazi zonke izinyoni ezisezintabeni; +
Izilwane zasendle ezingenakubalwa zingezami.
12 Ukube bengilambile, bengingeke ngitshele wena,
Ngoba umhlaba nakho konke okukuwo kungokwami. +
13 Ngizoyidla yini inyama yezinkunzi
Ngiphuze negazi lezimbuzi? +
14 Nikela ukubonga njengomhlatshelo wakho kuNkulunkulu, +
Ugcwalise izifungo zakho koPhezukonke; +
15 Ngibize ngesikhathi sokucindezeleka. +
Ngizokukhulula, wena ungikhazimulise.” +
16 Kodwa uNkulunkulu uyothi komubi:
19 Umlomo wakho uwusebenzisela ukukhuluma izinto ezimbi,
Inkohliso inamathele olimini lwakho. +
21 Lapho wenza lezi zinto, ngathula,
Wawucabanga ukuthi ngizofana nawe.
Kodwa manje ngizokusola,
Ngizowasho amacala engikubeka wona. +
22 Ngicela nicabange ngalokhu, nina enikhohlwa uNkulunkulu, +
Ukuze nginganidwenguli nibe yizicucu ebe engekho ozonikhulula.
23 Lowo onikela ukubonga njengomhlatshelo wakhe uyangikhazimulisa, +
Lowo olandela inkambo yokulunga,
Ngizomenza abone insindiso kaNkulunkulu.” +
Kumqondisi. Ihubo likaDavide, lapho uNathani umprofethi efika kuye ngemva kokuba uDavide elale noBhati-sheba. +
51 O Nkulunkulu, ngibonise umusa ngenxa yothando lwakho oluqotho. +
Sula izeqo zami ngokuvumelana nesihe sakho esikhulu. +
Ngakho-ke, ulungile lapho ukhuluma,
Ulungile lapho wahlulela. +
Uzesule zonke izono zami, +
10 O Nkulunkulu, hlanza inhliziyo yami, +
Ufake ngaphakathi kimi umoya omusha, + ozongisiza ngibe qotho.
11 Ungangixoshi phambi kwakho;
Ungawususi umoya wakho ongcwele kimi.
12 Buyisela kimi injabulo engayizwa lapho ungisindisa; +
Ngenze ngibe nesifiso sokufuna ukukulalela.*
13 Ngizofundisa izeqamthetho izindlela zakho, +
Ukuze izoni zibuyele kuwe.
14 O Nkulunkulu, ngikhulule ekubeni necala legazi, + Nkulunkulu wensindiso yami, +
Ukuze ulimi lwami lumemezele ukulunga kwakho ngenjabulo. +
15 O Jehova, vula umlomo wami,
Ukuze ngimemezele udumo lwakho. +
16 Ngoba awuwufuni umhlatshelo—ukube ubuwufuna bengizowunikela; +
Awujatshuliswa umnikelo oshiswayo ophelele. +
17 Imihlatshelo ejabulisa uNkulunkulu iwumoya ophukile;
18 Yenzela iZiyoni okuhle;
Yakha izindonga zeJerusalema.
19 Khona-ke iyokujabulisa imihlatshelo yokulunga,
Imihlatshelo eshiswayo neminikelo ephelele;
Khona-ke izinkunzi ziyonikelwa e-altare lakho. +
Kumqondisi. Imaskili.* ElikaDavide, lapho uDowegi umEdomi efika etshela uSawule ukuthi uDavide ufikile endlini ka-Ahimeleki. +
52 Wena onamandla, kungani uziqhayisa ngezenzo zakho ezimbi? +
Uthando oluqotho lukaNkulunkulu luhlala njalo. +
3 Uthanda okubi ngaphezu kokuhle,
Uthanda ukuqamba amanga ngaphezu kokukhuluma okuyiqiniso. (Sela)
4 Uthanda wonke amazwi alimazayo,
Wena lulimi olukhohlisayo!
5 Yingakho uNkulunkulu ezokudiliza, kuphele ngawe; +
Uzokuhlwitha akususe etendeni lakho; +
Uzokusiphula emhlabeni. + (Sela)
7 “Nansi indoda engamenzanga uNkulunkulu isiphephelo sayo, *+
Kodwa yathembela engcebweni yayo eningi, +
Yathembela nasemacebweni ayo amabi.”*
8 Kodwa mina ngizoba njengesihlahla somnqumo esikhephuzelayo endlini kaNkulunkulu;
Ngithembele othandweni lukaNkulunkulu oluqotho + kuze kube phakade naphakade.
9 Ngizokudumisa kuze kube phakade ngoba uthathe isinyathelo; +
Phambi kwabantu bakho abaqotho,
Ngizothembela egameni lakho, + ngoba kuhle.
Kumqondisi; ngendlela yokucula iMahalati.* Imaskili.* ElikaDavide.
53 Isiwula* sithi enhliziyweni yaso:
“Akekho uJehova.” +
Izenzo ezingalungile zabantu abayiziwula zonakele futhi ziyenyanyeka;
Akekho owenza okuhle. +
2 Kodwa uNkulunkulu ubheka phansi kubantwana babantu esezulwini +
Ukuze abone ukuthi ukhona yini onokuqonda, ukuthi ukhona yini ofuna uJehova. +
3 Bonke baphambukile;
Bonke bonakele ngokufanayo.
Akekho owenza okuhle,
Akekho ngisho noyedwa. +
4 Akekho yini kwabenza okubi oqondayo?
Bashwabadela abantu bami njengokungathi badla isinkwa.
Abambizi uJehova. +
5 Kodwa bayokwesaba kakhulu,
Bayokwesaba ngendlela abangakaze besabe ngayo ngaphambili,*
Ngoba uNkulunkulu uyowahlakaza amathambo alabo abahlasela u-Israyeli.*
U-Israyeli uyobahlaza ngoba uJehova ubalile.
6 O kwangathi insindiso ka-Israyeli ingavela eZiyoni! +
Lapho uJehova eqoqa abantu bakhe abathunjiwe ebabuyisa,
Makajabule uJakobe, makathokoze u-Israyeli.
Kumqondisi; kufanele lihambisane nezinsimbi zomculo ezinezintambo. Imaskili* likaDavide, lapho amaZifi efika kuSawule ethi: “UDavide ucashe endaweni yethu.” +
2 O Nkulunkulu, yizwa umthandazo wami; +
Lalela amazwi omlomo wami.
3 Ngoba abantu engingabazi bayangivukela,
Abantu abanonya bafuna ukungibulala. +
Abanandaba noNkulunkulu. *+ (Sela)
4 UNkulunkulu ungumsizi wami; +
UJehova ukanye nalabo abangisekelayo.
6 Ngizokwenzela umhlatshelo + ngokuzithandela.
O Jehova, ngizolidumisa igama lakho ngoba lihle. *+
Kumqondisi; kufanele lihambisane nezinsimbi zomculo ezinezintambo. Imaskili* likaDavide.
2 Ngilalele ungiphendule. +
Ukukhathazeka kwami kungenza ngingahlaliseki, +
Ngicindezelekile
3 Ngenxa yalokho okushiwo yisitha Nangenxa yokucindezelwa omubi.
Ngoba balokhu bengibangela izinkinga, Ngentukuthelo bangibambela amagqubu. +
5 Ngifikelwa ukwesaba nokuthuthumela,
Ngiyaqhaqhazela.
6 Ngilokhu ngithi: “Ukube nje benginamaphiko njengejuba!
Bengiyondiza ngiyohlala endaweni ephephile.
7 Bengiyobaleka ngiye kude. +
Bengiyohlala ehlane. + (Sela)
8 Bengiyoshesha ngiye endaweni yokukhosela
Kude nomoya onamandla, kude nesiphepho.”
10 Imini nobusuku bayalizungeza behamba phezu kwezindonga zalo;
Ngaphakathi kulo kukhona ukulimaza nezinkathazo. +
11 Ngaphakathi kulo kukhona ukucekela phansi;
Ukucindezela nokukhohlisa akulokothi kusuke esigcawini salo. +
12 Ngoba akusona isitha esingiklolodelayo; +
Ukube bekunjalo bengiyosibekezelela.
Akusona isitha esingivukele;
Ukube bekunjalo bengiyosicashela.
14 Sasingabangani abakhulu;
Sasivame ukuhamba nesixuku siye endlini kaNkulunkulu.
15 Kwangathi izitha zami zingabhujiswa! +
Mazehlele eThuneni* ziphila;
Ngoba kukhona ububi ezindaweni ezihlala kuzo nasezinhliziyweni zazo.
16 Kepha mina, ngiyombiza uNkulunkulu,
UJehova uyongisindisa. +
18 Uyonginika ukuthula angikhulule kulabo abalwa nami,
Ngoba baningi abangihlaselayo. +
Bayokwenqaba ukuphenduka,
Labo abangamesabi uNkulunkulu. +
21 Amazwi akhe abushelelezi kunebhotela, +
Kodwa inhliziyo yakhe ithanda izingxabano.
Akasoze avumele olungile awe. *+
23 Kodwa wena Nkulunkulu, uyobehlisela emgodini ojulile. +
Labo abanecala legazi nabakhohlisayo bayosheshe bafe. +
Kepha mina, ngizothembela kuwe.
Kumqondisi; ngenothi okuthiwa “Ijuba Elithule Elikude.” ElikaDavide. Imiktamu.* Lapho amaFilisti embamba eGati. +
56 O Nkulunkulu, ngibonise umusa, ngoba umuntu ofayo uyangihlasela.
Usuku lonke balokhu belwa nami bengicindezela.
2 Izitha zami zilokhu zingihlasela usuku lonke;
Abaningi balwa nami ngokuqhosha.
3 Lapho ngesaba, + ngithembela kuwe. +
4 Ngithembele kuNkulunkulu, engidumisa izwi lakhe;
Ngithembele kuNkulunkulu; angesabi.
Umuntu angangenzani? +
5 Usuku lonke bangibangela izinkinga;
Bahlale becabanga ukungilimaza. +
6 Bayacutha ukuze bangihlasele;
Bahlale bebheke yonke into engiyenzayo, +
7 Balahle ngenxa yobubi babo.
O Nkulunkulu, jezisa izizwe ngentukuthelo yakho. +
8 Uyakwazi ukuhlupheka kwami lapho ngingumbaleki. +
Faka izinyembezi zami esigujini sakho sesikhumba. +
Azilotshiwe yini encwadini yakho? +
9 Izitha zami ziyobaleka ngosuku engiyocela ngalo usizo. +
Nakhu engiqiniseka ngakho: uNkulunkulu ungakimi. +
10 Ngithembele kuNkulunkulu, engidumisa izwi lakhe;
Ngithembele kuJehova, engidumisa izwi lakhe,
11 Ngithembele kuNkulunkulu, angesabi. +
Umuntu angangenzani? +
13 Ngoba ungikhululile ekufeni +
Wanqanda izinyawo zami ukuba zingakhubeki, +
Ukuze ngiqhubeke ngiphila, ngihambe phambi kukaNkulunkulu. +
Kumqondisi; ngenothi elithi “Ungabhubhisi.” ElikaDavide. Imiktamu.* Lapho ebalekele uSawule wayocasha emhumeni. +
57 Ngibonise umusa, Nkulunkulu, ngibonise umusa,
Ngoba ngiphephela kuwe, +
Ngiphephela emthunzini wamaphiko akho kuze kudlule izinkinga zami. +
2 Ngibiza uNkulunkulu oPhezukonke,
UNkulunkulu weqiniso, ongikhululayo ebunzimeni.
3 Uyothumela usizo esezulwini angisindise. +
Uyomenza akhungatheke ongihlaselayo. (Sela)
UNkulunkulu uyothumela uthando lwakhe oluqotho nokwethembeka kwakhe. +
4 Ngizungezwe amabhubesi; +
Kumele ngilale phakathi kwabantu abafuna ukungishwabadela,
Abamazinyo abo ayimikhonto nemicibisholo
Nabalulimi lwabo luyinkemba ebukhali. +
5 Mawuphakanyiswe ngaphezu kwamazulu, Nkulunkulu;
Inkazimulo yakho mayibe ngaphezu kwawo wonke umhlaba. +
Bagubhe umgodi phambi kwami,
Kodwa yibo abawele kuwo. + (Sela)
7 Inhliziyo yami igxilile, Nkulunkulu, +
Inhliziyo yami igxilile.
Ngizohlabelela ngidlale nezinsimbi zomculo.
8 Vuka, nhliziyo yami.
Vuka, nsimbi yomculo enezintambo; nawe habhu. Ngifuna ukudlala umculo.
Ngizovuka entathakusa. +
10 Ngoba uthando lwakho oluqotho lukhulu, njengokuphakama kwamazulu, +
Nokuthembeka kwakho kufinyelela esibhakabhakeni.
11 Mawuphakanyiswe ngaphezu kwamazulu, Nkulunkulu;
Inkazimulo yakho mayibe ngaphezu kwawo wonke umhlaba. +
Kumqondisi; ngenothi elithi “Ungabhubhisi.” ElikaDavide. Imiktamu.*
58 Ningakhuluma kanjani ngokulunga nibe nithule? +
Nina madodana abantu, ningahlulela yini ngobuqotho? +
4 Amazwi abo anjengesihlungu senyoka eyingozi; +
Bayizithulu njengemfezi evala indlebe yayo.
5 Ngeke ililalele izwi labathwebuli,
Noma ngabe banekhono kangakanani lokuthakatha.
6 O Nkulunkulu, wakhumule amazinyo abo!
Jehova, phula amathambo omhlathi ala mabhubesi!*
7 Mabanyamalale njengamanzi omayo.
Kwangathi uNkulunkulu angagobisa umnsalo, abawise ngemicibisholo yakhe.
8 Mababe njengomnenke oncibilikayo njengoba uhamba;
Njengengane ezalwa isishonile, engaliboni nhlobo ilanga.
9 Ngaphambi kokuba amabhodwe akho ezwe ukushisa kwamajikijolo,
UNkulunkulu uyophephula amagatsha aluhlaza navuthayo, njengoba kwenza isiphepho. +
11 Abantu bayothi: “Ngokuqinisekile ukhona umvuzo wabalungile. +
Ngempela ukhona uNkulunkulu owahlulelayo emhlabeni.” +
Kumqondisi; ngenothi elithi “Ungabhubhisi.” ElikaDavide. Imiktamu.* Lapho uSawule ethumela amadoda ukuba ayoqapha indlu kaDavide ukuze ambulale. +
2 Ngikhulule kwabenza okubi,
Ungisindise kubantu abanobudlova.*
3 Bangicuthele; +
Jehova, amadoda anamandla ayangihlasela,
Kodwa hhayi ngoba ngivukele noma ngonile. +
4 Nakuba ngingenzanga lutho olubi, bayagijima balungele ukuhlasela.
Vuka lapho ngikubiza ubone.
5 Ngoba wena, Jehova Nkulunkulu wamabutho, unguNkulunkulu ka-Israyeli. +
Vuka ukuze unake zonke izizwe.
Ungabi nasihe kunoma yimaphi amambuka alimazayo. + (Sela)
7 Bheka ukuthi kuphumani emilonyeni yabo;
Izindebe zabo zinjengezinkemba, +
Ngoba bathi: “Ngubani olalele?” +
9 O Mandla ami, ngiyohlale ngikulindile; +
10 UNkulunkulu ongibonisa uthando oluqotho uyongisiza; +
UNkulunkulu uyongenza ngibone lapho izitha zami zinqotshwa. +
11 Ungababulali, ukuze isizwe sami singakhohlwa.
Ngamandla akho benze bazulazule;
Benze banqotshwe, Jehova hawu lethu. +
12 Kwangathi bangabanjwa ukuziqhenya kwabo, +
Ngenxa yesono somlomo wabo, izwi lezindebe zabo,
Nangenxa yokuqalekisa nokukhohlisa kwabo.
13 Baqede ngentukuthelo yakho; +
Baqede, ukuze bangabe besaba khona;
Mabazi ukuthi uNkulunkulu ubusa kwaJakobe kuze kube semikhawulweni yomhlaba. + (Sela)
14 Mababuye kusihlwa;
Mabagwavume njengezinja bajikeleze idolobha. +
15 Mabazulazule befuna ukudla; +
Ungabavumeli ukuba baneliseke noma bathole indawo yokuhlala.
16 Kepha mina, ngizohlabelela ngamandla akho; +
Ekuseni ngizokhuluma ngenjabulo ngothando lwakho oluqotho.
Ngoba uyindawo yami yokuphephela elondekile +
Nendawo engingabalekela kuyo ngesikhathi sokucindezeleka kwami. +
17 O Mandla ami, ngizokuhlabelelela izindumiso, *+
Ngoba uNkulunkulu uyindawo yami yokuphephela elondekile, uNkulunkulu ongibonisa uthando oluqotho. +
Kumqondisi; ngenothi elithi “UMnduze Wesikhumbuzo.” Imiktamu* likaDavide. Elokufundisa. Lapho elwa ne-Aramu-naharayimi ne-Aramu-Zoba, uJowabe wabuya wabulala abakwa-Edomi abangu-12 000 eSigodini Sikasawoti. +
60 O Nkulunkulu, usilahlile; ufohlile ezivikelweni zethu. +
Wawusithukuthelele; kodwa manje samukele!
2 Ubangele ukuba umhlaba uzamazame; uwuqhekezile.
Vala izimfa zawo, ngoba uyawa.
3 Wenze ukuba abantu bakho babhekane nobunzima.
Usiphuzise iwayini elisenza sidiyazele. +
4 Nika* abakwesabayo uphawu
Lokuba babaleke ukuze bavike umnsalo. (Sela)
5 Ukuze abantu bakho obathandayo bakhululwe,
Sisindise ngesandla sakho sokudla, usiphendule. +
6 UNkulunkulu ongcwele* ukhulumile wathi:
7 IGileyadi lingelami, njengoba nje noManase engowami, +
U-Efrayimi uyisivikelo sekhanda* lami;
UJuda uyinduku yami yomyali. +
8 UMowabi uyindishi yami yokugeza. +
Ngizophonsa imbadada yami phezu kuka-Edomi. +
Ngizomemeza ngokunqoba phezu kweFilistiya.” +
9 Ngubani ozongiyisa edolobheni elivinjezelwe?*
Ngubani ozongihola ngize ngifike kwa-Edomi? +
10 O Nkulunkulu, akuwena yini osilahlile,
Nkulunkulu wethu, ongasaphumi namabutho ethu? +
11 Sisize ekucindezelekeni kwethu,
Ngoba insindiso evela kubantu ayisizi ngalutho. +
Kumqondisi; kufanele lihambisane nezinsimbi zomculo ezinezintambo. ElikaDavide.
61 O Nkulunkulu, yizwa ukukhalela kwami usizo.
Lalela umthandazo wami. +
Ngiholele edwaleni eliphakeme kunami. +
3 Ngoba uyisiphephelo sami,
Umbhoshongo oqinile ongivikela esitheni. +
4 Ngizoba yisimenywa etendeni lakho kuze kube phakade; +
Ngizophephela ngaphansi kwesivikelo samaphiko akho. + (Sela)
5 Ngoba wena, Nkulunkulu, uzizwile izifungo zami.
Unginike ifa elitholwa yilabo abesaba igama lakho. +
7 Iyohlala esihlalweni sobukhosi* kuze kube phakade phambi kukaNkulunkulu; +
Kwangathi uthando lwakho oluqotho nokwethembeka kwakho kungayivikela. *+
8 Khona-ke ngiyolihubela izindumiso* igama lakho kuze kube phakade +
Njengoba ngigcwalisa izifungo zami usuku nosuku. +
Kumqondisi; ngenothi leJeduthuni.* Ihubo likaDavide.
62 Ngilinde uNkulunkulu buthule.
Insindiso yami ivela kuye. +
2 Impela uyidwala lami nensindiso yami, indawo yami yokuphephela* elondekile; +
Ngeke nginyakaziswe ngize ngiwe. +
3 Kuyoze kube nini nihlasela umuntu ukuze nimbulale? +
Nonke niyingozi njengodonga olutshekile, udonga lwamatshe oseluzowa.*
4 Ngoba bayelulekana ukuze bamehlise esikhundleni sakhe esiphezulu;*
Bayawathanda amanga.
Bayabusisa ngomlomo wabo, kodwa ngaphakathi bayaqalekisa. + (Sela)
6 Impela uyidwala lami nensindiso yami, indawo yami yokuphephela elondekile;
Ngeke nginyakaziswe. +
7 Insindiso yami nenkazimulo yami kuncike kuNkulunkulu.
UNkulunkulu uyidwala lami eliqinile, isiphephelo sami. +
8 O bantu, thembelani kuye ngazo zonke izikhathi.
Thululani izinhliziyo zenu phambi kwakhe. +
UNkulunkulu uyisiphephelo sethu. + (Sela)
9 Amadodana abantu anjengomoya okhishwa ngamakhala,
Amadodana abantu ayisiphephelo esikhohlisayo. +
Lapho ebekwa esikalini ndawonye, alula kakhulu kunomoya. +
10 Ningacabangi ukuthi nizophumelela ngokuqola abanye,
Ningacabangi ukuthi nizozuza ngobugebengu.
Uma umcebo wenu wanda, ningabeki ithemba lenu kuwo. +
11 Kabili ngizwile ukuthi uNkulunkulu uthe:
Amandla angakaNkulunkulu. +
Ihubo likaDavide, lapho esehlane lakwaJuda. +
63 O Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami, ngilokhu ngikufuna. +
Ngiyakulangazelela. +
Ngiphelelwe amandla ngenxa yokukulangazelela
Ezweni elomile neliwugwadule, lapho kungenamanzi khona. +
2 Ngakho ngikubhekile endaweni engcwele;
Ngiwabonile amandla akho nenkazimulo yakho. +
4 Ngizokudumisa ukuphila kwami konke;
Ngizophakamisa izandla zami ngibize igama lakho.
6 Ngiyakukhumbula lapho ngisembhedeni wami;
Ngizindla ngawe phakathi nobusuku. +
8 Ngibambelele kuwe;
Isandla sakho sokudla singibambe sangiqinisa. +
9 Kodwa labo abafuna ukungibulala
Bayokwehlela egodini.
10 Bayobulawa ngenkemba;
Bayoba ukudla kwezimpungushe.*
11 Kodwa inkosi iyojabula ngoNkulunkulu.
Wonke umuntu ofunga igama laKhe uyothokoza,*
Ngoba umlomo walabo abanamanga uyovalwa.
Kumqondisi. Ihubo likaDavide.
64 O Nkulunkulu, yizwa izwi lami njengoba ngikuncenga. +
Qapha ukuphila kwami ekuhlaseleni okuthusayo kwesitha.
2 Ngivikele emacebweni ayimfihlo abenzi bokubi, +
Esixukwini sabenza okubi.
3 Balola ulimi lwabo njengenkemba;
Bacija amazwi abo anonya njengemicibisholo,
4 Ukuze bacibishele ongenacala besekusithekeni;
Bamcibishela ngokushesha, abesabi.
5 Babambelela ezinhlosweni zabo ezimbi;*
Bakhuluma ngendlela abazozifihla ngayo izicupho zabo.
Bathi: “Ubani ozozibona?” +
6 Bafuna izindlela ezintsha zokwenza okubi;
Bakha icebo lobuhlakani ngasese; +
Akuqondakali okusenhliziyweni yomuntu ngamunye.
7 Kodwa uNkulunkulu uyobacibishela; +
Bayolinyazwa yimicibisholo bengazelele.
8 Ulimi lwabo luyobangela ukuba bawe; +
Bonke abababonayo bayonikina amakhanda abo.
Kumqondisi. Ihubo likaDavide. Ingoma.
2 Wena olalela imithandazo, * zonke izinhlobo zabantu zizoza kuwe. +
4 Uyajabula umuntu omkhethayo, bese umsondeza
Ukuze ahlale emagcekeni akho. +
5 Uyosiphendula ngezenzo ezimangalisayo + zokulunga,
O Nkulunkulu wensindiso yethu;
UyiThemba labantu kuwo wonke umhlaba +
Nelalabo abakude phesheya kolwandle.
6 Wamisa izintaba zaqina ngamandla akho;
Unamandla amakhulu. +
8 Abahlala ezindaweni ezikude bayomangazwa yizibonakaliso zakho; +
Uyobangela ukuba abasempumalanga nabasentshonalanga bamemeze ngenjabulo.
Ugcwalise imifula ngamanzi;
Ulungiselela abantu ukudla okusanhlamvu, +
Ngoba yileyo ndlela owenze ngayo umhlaba.
10 Imisele yawo uyigcwalisa ngamanzi, uhlelemba umhlabathi olinyiwe;*
Uwuthambisa ngemvula; uyawubusisa. +
Izwe lonke limemeza ngenjabulo, yebo, liyahlabelela. +
Kumqondisi. Ingoma. Ihubo.
66 Memezani uNkulunkulu ngokunqoba, nonke nina bantu bomhlaba. +
2 Lihubeleni izindumiso* igama lakhe elikhazimulayo.
Mkhazimuliseni nimdumise. +
3 Thanini kuNkulunkulu: “Yeka ukuthi imisebenzi yakho imangalisa kangakanani! +
Ngenxa yamandla akho amakhulu,
Izitha zakho ziyothithibala phambi kwakho. +
4 Wonke umhlaba uyokhothama kuwe; +
Bayokuhubela izindumiso;
Bayohubela igama lakho izindumiso.” + (Sela)
5 Wozani nibone imisebenzi kaNkulunkulu.
Akwenzele abantwana babantu kuyamangalisa. +
Lapho sajabula ngaye. +
7 Ubusa ngamandla akhe kuze kube phakade. +
Amehlo akhe ahlala eqaphe izizwe. +
Labo abanenkani, akufanele baziphakamise. + (Sela)
8 Dumisani uNkulunkulu wethu, nina zizwe, +
Nizwakalise umsindo wokumdumisa.
9 Usigcina siphila; +
Akaluvumeli unyawo lwethu ukuba lukhubeke. *+
10 Ngoba wena usihlolile, Nkulunkulu; +
Usicwengile njengalapho kucwengwa isiliva.
11 Usilethe enethini lokuzingela;
Ubeke umthwalo osindayo phezu kwethu.*
12 Uvumele abantu ukuba basinyathele;*
Sichushe emlilweni nasemanzini;
Ngemva kwalokho wasiletha endaweni yokuphumula.
13 Ngizongena endlini yakho neminikelo eshiswayo ephelele; +
Ngizogcwalisa izifungo zami engizifunge kuwe +
14 Lezo izindebe zami ezazisho +
Nomlomo wami owazikhuluma lapho ngicindezelekile.
15 Ngizonikela kuwe iminikelo eshiswayo yezilwane ezikhuluphele
Nomusi womhlatshelo wezinqama.
Ngizonikela izinkunzi kanye nezimpongo. (Sela)
16 Wozani nilalele, nonke nina enesaba uNkulunkulu,
Ngizonixoxela ngalokho angenzele kona. +
17 Ngambiza ngomlomo wami,
Ngamkhazimulisa ngolimi lwami.
18 Ukube bengifukamele noma yini elimazayo enhliziyweni yami,
UJehova ubengeke angizwe. +
20 Makadunyiswe uNkulunkulu, ongazange awuzibe umthandazo wami
Noma angigodlele uthando lwakhe oluqotho.
Kumqondisi; kufanele lihambisane nezinsimbi zomculo ezinezintambo. Ihubo. Ingoma.
67 UNkulunkulu uyosibonisa umusa asibusise;
Uyosibonisa ubuhle bakhe + (Sela)
3 O Nkulunkulu, izizwe mazikudumise;
Zonke izizwe mazikudumise.
Izizwe zomhlaba uyoziqondisa. (Sela)
5 O Nkulunkulu, izizwe mazikudumise;
Zonke izizwe mazikudumise.
Kumqondisi. Ihubo likaDavide. Ingoma.
68 UNkulunkulu makavuke, izitha zakhe mazihlakazeke,
Labo abamzondayo mabambalekele. +
2 Kwangathi ungabaphephula njengalapho umoya uphephula intuthu;
Njengekhekheba lezinyosi* lincibilikiswa umlilo,
Ababi mabashabalale kanjalo phambi kukaNkulunkulu. +
3 Kodwa abalungile mabajabule; +
Kwangathi bangathokoza phambi kukaNkulunkulu;
Kwangathi bangahalalisa ngenjabulo.
4 Hubelani uNkulunkulu; nidumise* igama lakhe. +
Mhlabeleleni Lowo odabula amathafa awugwadule.*
NguJah* igama lakhe! + Jabulani phambi kwakhe!
Kodwa abanenkani* kumele bahlale ezweni elomile. +
8 Umhlaba wazamazama; +
Imvula yana ivela ezulwini* ngenxa kaNkulunkulu;
Leli Sinayi lazamazama ngenxa kaNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli. +
9 O Nkulunkulu, wanisa imvula enkulu;
Wavuselela amandla abantu bakho ababekhathele.
10 Babehlala ematendeni akho; +
O Nkulunkulu, ngobuhle bakho wabondla ababeswele.
11 UJehova ukhipha umyalo;
Abesifazane abamemezela izindaba ezinhle bayibutho elikhulu. +
12 Amakhosi namabutho ayabaleka, + ayabaleka!
Owesifazane ozihlalele ekhaya, uthola ingxenye yempango. +
13 Nakuba nina madoda nanilele nizungezwe umlilo ekamu,*
Kuyoba khona amaphiko ejuba ambozwe ngesiliva,
Anezimpaphe zegolide elihle.*
UJehova uyohlala kuyo kuze kube phakade. +
17 Izinqola zempi zikaNkulunkulu zingamashumi ezinkulungwane, izinkulungwane ngezinkulungwane. +
UJehova ungene endaweni engcwele esuka eSinayi. +
18 Wena wenyukele phezulu; +
Uthumbe izithunjwa;
Uthathe izipho ezingabantu, +
Ngisho nabanenkani, + ukuba uhlale phakathi kwabo, O Jah Nkulunkulu.
19 Makadunyiswe uJehova, osithwalela umthwalo nsuku zonke, +
UNkulunkulu weqiniso osisindisayo. (Sela)
20 UNkulunkulu weqiniso unguNkulunkulu osisindisayo; +
UJehova iNkosi EnguMbusi wenza indlela yokuphunyuka ekufeni. +
22 UJehova uthe: “Ngizobalanda eBhashani; +
Ngizobalanda ekujuleni kolwandle,
23 Ukuze unyawo lwakho lucwile egazini +
Nolimi lwezinja zakho lukhothe igazi lezitha.”
24 O Nkulunkulu, bayababona abantu bakho beshaye ujenga,
Ujenga lwabantu bakaNkulunkulu wami, iNkosi yami, lungena endaweni engcwele. +
25 Abahlabeleli bahamba phambili, belandelwa abashaya izinsimbi zomculo ezinezintambo; +
Phakathi kwabo kukhona amantombazane ashaya amathamborini. +
26 Dumisani uNkulunkulu, ezixukwini ezibuthene;*
Dumisani uJehova, nina enivela eMthonjeni ka-Israyeli. +
27 Lapho, isizwe esincane sakwaBhenjamini + siyazinqoba,
Nezikhulu zakwaJuda nesixuku sazo esinomsindo,
Izikhulu zakwaZebhuloni, izikhulu zakwaNafetali.
28 UNkulunkulu wakho uyale ukuba unikwe amandla.
O Nkulunkulu, bonisa amandla akho, njengoba nje uwabonisile kithi. +
30 Khuza izilwane zasendle ezihlala emhlangeni,
Umhlambi wezinkunzi + namathole azo,
Kuze kube yilapho izizwe zikhothama ziphethe* izingcezu zesiliva.
Zihlakaze izizwe ezithanda impi.
31 Izinto zethusi ziyolethwa zivela* eGibhithe; +
ITopiya* liyonikela izipho kuNkulunkulu ngokushesha.
33 Lowo ogibela amazulu asendulo. +
Uyaduma ngezwi lakhe, izwi lakhe elinamandla.
34 Dumisani uNkulunkulu ngoba unamandla. +
Ubusa phezu kuka-Israyeli,
Amandla akhe aphakeme asesibhakabhakeni.*
35 UNkulunkulu uyamangalisa esendlini yakhe* engcwele. +
UnguNkulunkulu ka-Israyeli,
Oqinisa abantu bakhe abanike amandla. +
Makadunyiswe uNkulunkulu.
Kumqondisi; ngenothi elithi “Iminduze.” ElikaDavide.
69 O Nkulunkulu ngisindise, ngoba amanzi asongela ukuphila kwami. +
2 Ngishone phansi odakeni olubishayo, lapho kungenandawo yokuma. +
Ngingene emanzini ajulile,
Umfudlana onesikhukhula ungikhukhulile. +
3 Ngikhathele ukumemeza; +
Umphimbo wami ushile.
Amehlo ami akhathele ngilokhu ngilinde uNkulunkulu wami. +
4 Labo abangizonda ngaphandle kwesizathu +
Baningi kunezinwele zekhanda lami.
Labo abangangibulala,
Izitha zami ezingathembekile* seziziningi.
Ngaphoqwa ukuba ngibuyise engangingakwebanga.
5 O Nkulunkulu, wena uyabazi ubuwula bami,
Icala lami alifihlekile kuwe.
6 Kwangathi labo abathemba wena bangehlazeke ngenxa yami,
O Nkosi EnguMbusi, Jehova wamabutho.
Kwangathi labo abakufunayo bangephoxeke ngenxa yami,
Nkulunkulu ka-Israyeli.
8 Sengifana nesifiki kubafowethu,
Emadodaneni kamama ngingowesinye isizwe. +
9 Uthando lwami ngendlu yakho lunjengomlilo ovuthayo ngaphakathi kimi, +
Nesihlamba sabakuhlambalazayo sehlele phezu kwami. +
10 Lapho ngizithoba ngokuzila ukudla,*
Ngahlanjalazwa.
11 Lapho ngigqoka indwangu yesaka,
Ngaba yinhlekisa* kubo.
12 Abahlezi esangweni ledolobha bakhuluma ngami,
Nezidakwa zihlabelela ngami.
13 Kodwa kwangathi umthandazo wami ungafika kuwe,
O Jehova, ngesikhathi esamukelekayo kuwe. +
Ngokuchichima kothando lwakho oluqotho, O Nkulunkulu,
Ngiphendule ngezenzo zakho zensindiso. +
14 Ngikhiphe odakeni;
Ungangivumeli ngibishe.
Ngikhulule kulabo abangizondayo
Nasemanzini ajulile. +
15 Ungazivumeli izikhukhula zingikhukhule, +
Ungangivumeli ukuba ngiminze emanzini ajulile,
16 Ngiphendule, Jehova, ngoba uthando lwakho oluqotho lujulile. +
Ngiphendule ngokushesha ngoba ngicindezelekile. +
18 Sondela eduze kwami, ungikhulule;
Ngikhulule ngenxa yezitha zami.
19 Wena uyakwazi ukuthukwa kwami nehlazo lami nokululazeka kwami. +
Uzibona zonke izitha zami.
20 Ukuthukwa kwephule inhliziyo yami, leli nxeba alelapheki.*
Benginethemba lokuboniswa uzwela, kodwa akwenzekanga, +
Benginethemba lokuthi kuzoba khona abaduduzi, kodwa angitholanga noyedwa. +
22 Itafula labo malibe yisicupho kubo,
Nempumelelo yabo ibe ugibe. +
23 Amehlo abo mawabe mnyama ukuze bangaboni,
Yenza imilenze yabo* iqhaqhazele njalo.
26 Ngoba bayamjaha lowo omshayile,
Balokhu bekhuluma ngezinhlungu zalabo obagwazile.
27 Mabajeziswe ngenxa yecala labo,
Ungababheki njengabalungile.
28 Amagama abo mawasulwe encwadini yabaphilayo, *+
Kwangathi amagama abo angebhalwe kanye nawabalungile. +
29 Kodwa mina ngihluphekile futhi ngisezinhlungwini. +
O Nkulunkulu, kwangathi ungangisindisa ungivikele.
30 Ngizodumisa igama likaNkulunkulu,
Ngizomphakamisa ngokubonga.
31 Lokhu kuyomjabulisa kakhulu uJehova kunenkunzi,
Kunenkunzi esencane enezimpondo nezinselo. +
32 Abamnene bayokubona lokhu bajabule.
Nina enifuna uNkulunkulu, izinhliziyo zenu maziphile.
34 Izulu nomhlaba makumdumise, +
Izilwandle nakho konke okuhamba kuzo.
35 Ngoba uNkulunkulu uyolisindisa iZiyoni +
Awakhe kabusha amadolobha akwaJuda,
Abantu bakhe bayohlala lapho, balithathe libe ngelabo.*
Kumqondisi. ElikaDavide, liyisikhumbuzo.*
70 O Nkulunkulu, ngisindise;
O Jehova, shesha uzongisiza. +
2 Kwangathi labo abafuna ukungibulala
Bangaba namahloni bahlazeke.
Kwangathi abajabula ngenhlekelele yami
Bangabaleka behlazekile.
3 Kwangathi labo abathi: “Uyalayeka! Uyalayeka!”
Bangabuyela emuva benamahloni.
4 Kodwa kwangathi labo abakufunayo
Bangajabula bathokoze ngawe. +
Kwangathi labo abathanda insindiso yakho bangahlale bethi:
“Makadunyiswe uNkulunkulu!”
71 O Jehova, ngiphephele kuwe.
Kwangathi ngingeze ngaba namahloni. +
2 Ngikhulule ungisindise ngokulunga kwakho.
3 Yiba yidwala kimi
Engizoya kulo njalo.
Yala ukuba ngisindiswe,
Ngoba wena uyidwala lami nesiphephelo sami. +
4 O Nkulunkulu wami, ngikhulule esandleni somubi, +
Ekubanjweni umcindezeli ongenabulungisa.
5 Ngoba wena uyithemba lami, Nkosi EnguMbusi Jehova;
Bengilokhu ngithembele kuwe kusukela ebusheni bami. +
6 Ngathembela kuwe kusukela ngizalwa;
Nguwe owangikhipha esibelethweni sikamama. +
Ngikudumisa njalo.
7 Abantu abaningi bamangala lapho bebona okwakwenzeke kimi,
Kodwa wena, uyisiphephelo sami esiqinile.
8 Umlomo wami uzokudumisa usuku lonke; +
Ukhulume ngobuhle bakho.
10 Izitha zami zikhuluma ngami,
Nalabo abafuna ukungibulala bayacebisana, +
11 Bathi: “UNkulunkulu umshiyile.
Mjaheni nimbambe, ngoba akekho ozomsindisa.” +
12 O Nkulunkulu, ungabi kude nami.
Nkulunkulu wami, phuthuma ungisize. +
13 Kwangathi labo abamelana nami
Bangaba namahloni bashabalale. +
Kwangathi labo abangifunela inhlekelele
Bangambozwa ngehlazo nangokululazeka. +
14 Kepha mina, ngizolinda njalo;
Ngizokudumisa kakhulu kunasekuqaleni.
15 Umlomo wami uyokhuluma ngokulunga kwakho, +
Uyokhuluma ngezenzo zakho zokusindisa usuku lonke,
16 Ngizokhuluma ngezenzo zakho ezimangalisayo,
Nkosi EnguMbusi Jehova;
Ngizokhuluma ngokulunga kwakho, kwakho wedwa.
17 O Nkulunkulu, ungifundisile kusukela ebusheni bami, +
Kuze kube manje ngimemezela ngemisebenzi yakho emangalisayo. +
18 O Nkulunkulu, ungangishiyi ngisho nalapho sengigugile ngimpunga. +
19 Ukulunga kwakho Nkulunkulu, kuphakeme kakhulu; +
Wenze izinto ezinkulu;
O Nkulunkulu ubani onjengawe? +
20 Nakuba uvumele ukuba ngibhekane nokucindezeleka nenhlekelele, +
Phinde ungivuselele;
21 Kwangathi ungangikhulisa nakakhulu
Ungivikele ungiduduze.
22 Khona-ke ngizokudumisa ngensimbi yomculo enezintambo
Ngenxa yokwethembeka kwakho, Nkulunkulu. +
Ngizokuhubela izindumiso* ngehabhu,
Wena oNgcwele ka-Israyeli.
24 Ngizokhuluma* ngokulunga kwakho usuku lonke, +
Ngoba labo abafuna ukungibulala bayoba namahloni, bahlazeke. +
Ihubo eliphathelene noSolomoni.
72 O Nkulunkulu, nika inkosi izahlulelo zakho,
Unike indodana yenkosi ukulunga kwakho. +
2 Kwangathi ingamela abantu bakho ngokulunga,
Nabantu bakho abahluphekile ngobulungisa. +
3 Izintaba mazilethe ukuthula kubantu,
Namagquma mawalethe ukulunga.
5 O Nkulunkulu, abantu bayokwesaba uma nje kusenelanga
Uma nje inyanga isekhona,
Izizukulwane ngezizukulwane. +
6 Inkosi iyoba njengemvula eyehlela otshanini obugundiwe,
Njengemvula enkulu emanzisa umhlaba. +
8 Iyoba nezikhonzi kusukela olwandle kuze kube solwandle
9 Abahlala ogwadule bayoyikhothamela,
Inkosi iyozinqoba izitha zayo. +
10 Amakhosi aseTharishishi nawaseziqhingini ayokhokha intela. +
Amakhosi aseSheba nawaseSeba ayoletha izipho. +
11 Wonke amakhosi ayoyikhothamela,
Nazo zonke izizwe ziyoyikhonza.
12 Ngoba iyokhulula ompofu okhalela usizo,
Nohluphekile nanoma ubani ongenamsizi.
13 Iyohawukela ophansi noswele,
Iyosindisa ukuphila kwabampofu.
14 Iyobakhulula ekucindezelweni nasebudloveni,
Igazi labo liyoba yigugu emehlweni ayo.
15 Mayiphile futhi inikwe igolide laseSheba. +
Mayithandazelwe njalo,
Mayibusiswe usuku lonke.
16 Kuyoba nenala yokudla okusanhlamvu emhlabeni; +
Kuyochichima phezu kwezintaba.
Amasimu enkosi ayothela kakhulu njengaseLebhanoni, +
Nasemadolobheni abantu bayoba baningi njengotshani obusemhlabeni. +
17 Igama layo malihlale kuze kube phakade, +
Igama layo malichume uma nje kusenelanga.
Kwangathi abantu bangazitholela isibusiso ngayo; +
Zonke izizwe mazithi iyajabula.
18 Makadunyiswe uJehova uNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli, +
Okunguye yedwa owenza izinto ezimangalisayo. +
19 Malidunyiswe kuze kube phakade igama lakhe elikhazimulayo, +
Kwangathi umhlaba wonke ungagcwala inkazimulo yakhe. +
Amen, Amen.
20 Imithandazo kaDavide, indodana kaJese, + iphelela lapha.
INCWADI YESITHATHU
(AmaHubo 73-89)
Ihubo lika-Asafa. +
73 UNkulunkulu muhle ngempela ku-Israyeli, kulabo abahlanzekile enhliziyweni. +
2 Kusale kancane ukuba izinyawo zami ziphambuke;
Kusale kancane ukuba ngishelele lapho nginyathela. +
6 Ngenxa yalokho, ukuqhosha kunjengomgexo kubo; +
Bagqoka ubudlova njengengubo.
7 Amehlo abo aqhunsukile ngenxa yokukhuluphala;*
Banokuningi kunalokho abebekufisa.
8 Bayadelela futhi basho izinto ezimbi. +
Ngokuzikhukhumeza basongela ukucindezela abanye. +
9 Bakhuluma njengokungathi baphakeme njengezulu,
Nolimi lwabo luyaqhosha emhlabeni.
10 Ngakho abantu bakaNkulunkulu* baphendukela kubo,
Futhi baphuza emanzini abo amaningi.
11 Bathi: “UNkulunkulu wazi kanjani? +
Ingabe oPhezukonke unalo ngempela ulwazi?”
12 Laba yibo ababi, okuhlale kubahambela kahle. +
Balokhu bandisa ingcebo yabo. +
13 Impela kube yize ukugcina inhliziyo yami imsulwa
Nokuhlanza izandla zami zibe msulwa. +
15 Kodwa ukube bengizikhulumile lezi zinto,
Bengiyobalimaza abantu bakho.*
16 Lapho ngizama ukukuqonda,
Kwakungibangela ukukhathazeka
17 Kwaze kwaba yilapho ngingena endlini engcwele kaNkulunkulu,
Futhi ngiliqonda ikusasa labo.
18 Ngokuqinisekile wena ubabeka endaweni eshelelayo. +
Ubenza bawe babe yincithakalo. +
19 Yeka indlela abaqothulwe ngayo ngokuphazima kweso! +
Yeka ukuthi kushesha kanjani ukuqothulwa kwabo njengoba beshabalala kabuhlungu!
20 Njengephupho lapho umuntu evuka, wena Jehova,
Uyobalahla* lapho uvuka.
22 Ngangingacabangi futhi ngingenakho ukuqonda;
Nganginjengesilwane esingenangqondo phambi kwakho.
23 Kodwa manje nginawe njalo;
Ubambe isandla sami sokudla. +
25 Ubani enginaye emazulwini?
Angifisi lutho emhlabeni ngaphandle kwakho. +
26 Umzimba wami nenhliziyo yami kungayeka ukusebenza,
Kodwa uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade. +
27 Ngempela, labo abaqhelayo kuwe bayoshabalala.
Uyobaqeda* bonke abakushiya ngenxa yokuziphatha okubi. *+
28 Kodwa ukusondela kuNkulunkulu kuhle kimi. +
Ngenze iNkosi EnguMbusi uJehova yaba isiphephelo sami,
Ukuze ngimemezele yonke imisebenzi yakho. +
74 Kungani Nkulunkulu usilahlile kwaze kwaba phakade? +
Kungani intukuthelo yakho ivuthela* umhlambi wezimvu zedlelo lakho? +
Khumbula iNtaba iZiyoni obuhlala kuyo. +
3 Hamba uye endaweni ebhujiswe phakade. +
Isitha sicekele phansi yonke into esendaweni engcwele. +
4 Izitha zakho zibhongile phakathi endaweni yakho yokuhlangana. +
Zimise amafulege azo njengophawu.
5 Zaba njengabantu abagenca ihlathi eliminyene ngezimbazo.
6 Zaphihliza okuqoshiwe + kwendawo yokuhlangana ngembazo nangesando.
7 Zishise indlu yakho engcwele ngomlilo. +
Zangcolisa itabernakele elibizwa ngegama lakho, zalidilizela emhlabathini.
8 Zona nenzalo yazo zithe ezinhliziyweni zazo:
“Zonke izindawo zokuhlangana zikaNkulunkulu* kumele zishiswe ezweni.”
9 Akukho zimpawu ukuze sibone;
Akusekho noyedwa umprofethi,
Akekho noyedwa phakathi kwethu owaziyo ukuthi kuzoqhubeka kuze kube nini lokhu.
10 O Nkulunkulu, kuyoze kube nini isitha sikuklolodela? +
Ingabe isitha sizolokhu sidelela igama lakho kuze kube phakade? +
11 Kungani ugodla isandla sakho, isandla sakho sokudla? +
Sisuse esifubeni sakho,* ubabhubhise.
12 UNkulunkulu uyiNkosi yami kusukela kudala,
Yena osindisayo emhlabeni. +
13 Wena wanyakazisa ulwandle ngamandla akho; +
Waphihliza amakhanda ezilwane ezinkulu zasolwandle emanzini.
14 Wena waphihliza ikhanda* likaLeviyathani* laba yizicucu.
Walinika abantu ukuba balidle, labo abahlala ezindaweni ezisogwadule.
16 Imini ingeyakho nobusuku bungobakho.
Wena wenza ukukhanya* nelanga. +
18 Khumbula ukukloloda kwesitha, Jehova,
Indlela abantu abayiziphukuphuku abalidelela ngayo igama lakho. +
19 Ungalinikeli ijuba lakho* esilwaneni sasendle.
Ungakukhohlwa unomphela ukuphila kwabantu bakho abahluphekile.
20 Khumbula isivumelwano,
Ngoba izindawo ezimnyama zomhlaba sezigcwele ubudlova.
22 Sukuma, Nkulunkulu, wenze ukuba kube nobulungisa.
Khumbula indlela isiphukuphuku esikuklolodela ngayo usuku lonke. +
23 Ungakukhohlwa lokho okushiwo izitha zakho.
Umsindo walabo abakuvukelayo unyuka njalo.
Kumqondisi. Ngenothi elithi “Ungachithi.” Elika-Asafa. + Ingoma.
75 Siyakubonga Nkulunkulu, siyakubonga;
Wena unathi, +
Abantu bamemezela ngemisebenzi yakho emangalisayo.
2 Ngoba uthi: “Lapho sengibeke isikhathi sokwahlulela,
Ngahlulela ngobulungisa.
3 Lapho umhlaba nabo bonke abahlala kuwo kuncibilikiswa,
Yimi engaqinisa izinsika zawo.” (Sela)
4 Ngithi kwabaqhoshayo: “Ningaqhoshi,”
Nakwababi: “Ningaqhoshi ngamandla enu.*
5 Ningaqhoshi ngokuthi ninamandla amakhulu.*
Noma nikhulume ngokuzikhukhumeza.
6 Ngoba ukuphakanyiswa akuveli
Empumalanga noma entshonalanga noma eningizimu.
7 Ngoba uNkulunkulu unguMahluleli. +
Wehlisa omunye aphakamise omunye. +
8 Ngoba kukhona indebe esandleni sikaJehova; +
Iwayini ligaywe kahle, likhihlika ingwebu.
Ngokuqinisekile uyolithulula;
Bonke ababi abasemhlabeni bayoliphuza lize liphele nya.” +
9 Kodwa mina, ngiyomemezela ngakho lokhu kuze kube phakade;
Ngiyomdumisa* uNkulunkulu kaJakobe.
Kumqondisi; kufanele lihambisane nezinsimbi zomculo ezinezintambo. Ihubo lika-Asafa. + Ingoma.
3 Wayiphula lapho imicibisholo evuthayo yomnsalo,
Ihawu nenkemba nezinye izikhali zempi. + (Sela)
4 O Nkulunkulu, uyakhazimula;*
Umkhulu kakhulu kunezintaba ezigcwele izilwane zasendle.
5 Abanesibindi baphangiwe. +
Bazumekile;
Amaqhawe awabanga nawo amandla okulwa. +
7 Wena wedwa uyesabeka. +
Ubani ongamelana nentukuthelo yakho? +
8 Wakhipha isahlulelo usezulwini; +
Abahlala emhlabeni besaba bathula +
9 Lapho uNkulunkulu esukuma ukuba ahlulele,
Ukuze asindise bonke abamnene abasemhlabeni. + (Sela)
10 Ngoba intukuthelo yomuntu uyoyisebenzisela ukuzitholela udumo; +
Uyohloba ngezenzo zokugcina zentukuthelo yabo.
11 Yenzani izifungo kuJehova uNkulunkulu wenu bese nizigcwalisa, +
Bonke abamzungezile mabalethe isipho ngokwesaba. +
12 Uyothobisa abaholi abaqhoshayo;*
Wenza amakhosi omhlaba esabe.
Kumqondisi; ngenothi leJeduthuni.* Elika-Asafa. + Ihubo.
77 Ngizokhala kuNkulunkulu ngezwi lami;
Ngizokhala kuNkulunkulu, yena uzongizwa. +
2 Lapho ngicindezelekile, ngifuna uJehova. +
Ebusuku ngiphakamisa izandla zami ngithandaze.
Angiduduzeki.
4 Awuwavumeli amehlo ami ukuba acimeze;
Ngikhathazekile, angikwazi nokukhuluma.
5 Ngikhumbula izinsuku zakudala, +
Iminyaka eyadlula kudala.
6 Ebusuku ngikhumbula ingoma yami; *+
Ngiyazindla enhliziyweni yami; +
Ngiyahlolisisa* ukuze ngiqonde.
7 Ingabe uJehova uyosilahla kuze kube phakade? +
Ngeke aphinde yini asibonise umusa wakhe? +
8 Ingabe uthando lwakhe oluqotho luphele phakade?
Ingabe isithembiso sakhe ngeke sigcwaliseke kuzo zonke izizukulwane?
9 UNkulunkulu usekhohliwe yini ukubonisa umusa, +
Noma ingabe intukuthelo yakhe iqede isihe sakhe? (Sela)
10 Kumele yini ngilokhu ngithi: “Yilokhu okungikhathazayo: *+
OPhezukonke useshintshe indlela asiphatha ngayo”?
11 Ngizoyikhumbula imisebenzi kaJah;
Ngizozikhumbula izenzo zakho ezimangalisayo zakudala.
12 Ngizozindla ngawo wonke umsebenzi wakho
Ngizocabangisisa ngezenzo zakho. +
13 O Nkulunkulu, izindlela zakho zingcwele.
Yimuphi nje unkulunkulu omkhulu njengawe, Nkulunkulu? +
14 Wena unguNkulunkulu weqiniso, owenza izinto ezimangalisayo. +
Uwabonisile amandla akho ezizweni. +
16 O Nkulunkulu, amanzi akubona;
Amanzi akubona aphazamiseka. +
Amanzi ajulile ayaluza.
17 Amafu athulula amanzi.
Amafu amnyama aduma,
Imibani yakho yajikijeleka ngapha nangapha njengemicibisholo. +
18 Umsindo wokuduma + wawunjengowamasondo enqola;
Imibani yakhanyisa umhlaba; *+
Umhlaba wandindizela wazamazama. +
19 Indlela yakho yanqamula olwandle, +
Indlela yakho yanqamula emanzini amaningi;
Kodwa izinyathelo zakho azizange zibonakale.
78 Lalelani umthetho* wami, bantu bami;
Nakani amazwi ami.
2 Ngizokhuluma isaga.
Ngizosho iziphicaphicwano zakudala. +
3 Izinto esizizwile nesizaziyo,
Obaba bethu abasixoxela zona, +
4 Ngeke sisifihlele isizukulwane sabo;
Lezi zinto sizozixoxela isizukulwane esizayo +
Izenzo zikaJehova ezifanele ukudunyiswa namandla akhe, +
Izinto ezimangalisayo azenzile. +
5 Wamisa isikhumbuzo kwaJakobe
Wabeka umthetho kwa-Israyeli;
Wayala okhokho bethu
Ukuba batshele izingane zabo ngalezi zinto, +
6 Ukuze isizukulwane esizayo,
Izingane ezisazozalwa zizazi. +
Nazo zixoxele izingane zazo. +
7 Bese nazo zithembela kuNkulunkulu.
8 Khona-ke ngeke zibe njengokhokho bazo,
Isizukulwane esasinenkani nesasidlubulunda, +
Isizukulwane esasinenhliziyo engagxilile *+
Nesasingathembekile kuNkulunkulu.
9 Abakwa-Efrayimi babehlome ngomnsalo,
Kodwa babaleka ngosuku lwempi.
12 Wayenze izinto ezimangalisayo okhokho babo bebuka, +
Ezweni laseGibhithe, esifundeni saseZowani. +
14 Wabahola ngefu emini
Nangokukhanya komlilo ubusuku bonke. +
15 Waqhekeza amadwala ehlane,
Wabaphuzisa baze baneliseka njengokungathi baphuza echibini elijulile. +
16 Waveza imifudlana edwaleni
Wabangela amanzi ukuba ageleze njengemifula. +
17 Kodwa baqhubeka bona kuye
Ngokuvukela oPhezukonke ogwadule; +
18 Bavivinya uNkulunkulu ezinhliziyweni zabo +
Ngokufuna ngenkani ukudla ababekuhalela.
19 Ngakho bakhononda ngoNkulunkulu,
Bethi: “Angakwazi yini uNkulunkulu ukusinika ukudla ehlane?” +
20 Ngakho washaya idwala
Kwageleza amanzi nemifudlana. +
“Angakwazi yini nokusinika isinkwa,
Noma anikeze abantu bakhe inyama?” +
21 Lapho uJehova ebezwa wathukuthela; +
Waletha umlilo + ukuze ajezise uJakobe,
Intukuthelo yakhe yawavuthela ama-Israyeli +
22 Ngoba awazange abe nokholo kuNkulunkulu; +
Ayengathembi ukuthi angakwazi ukuwasindisa.
23 Ngakho wayala isibhakabhaka esinamafu phezulu,
Wavula iminyango yezulu.
24 Wayelokhu ebanisela imana ukuze badle;
Wabanika ukudla kwasezulwini. +
26 Wavusa umoya wasempumalanga emazulwini
Ngamandla akhe, wenza ukuba kuvunguze umoya waseningizimu. +
27 Wehlisela phezu kwabo inyama njengothuli,
Izinyoni ezingangesihlabathi esisogwini lolwandle.
28 Wenza ukuba ziwele phakathi kwekamu lakhe,
Nxazonke zamatende akhe.
29 Badla baphanga;
Wabanika ababekufisa. +
Wabulala amadoda ayizidlakela kubo; +
Waziwisa izinsizwa zika-Israyeli.
32 Naphezu kwakho konke lokhu, baqhubeka nokona +
Ababanga nalo ukholo emisebenzini yakhe emangalisayo. +
33 Ngakho waqeda izinsuku zabo njengokungathi ziwumoya okhishwa ngamakhala, +
Neminyaka yabo ngokwesaba.
34 Kodwa njalo lapho uNkulunkulu ebulala abanye babo, babemfuna; +
Babebuya bamfune uNkulunkulu,
35 Bekhumbula ukuthi uNkulunkulu wayeyiDwala labo +
36 Kodwa bazama ukumkhohlisa ngemilomo yabo
Baqamba amanga ngolimi lwabo.
Kaningi wayeyibamba intukuthelo yakhe, +
Kunokuba avuse lonke ulaka lwakhe.
42 Abazange bawakhumbule amandla akhe,*
Usuku abakhulula ngalo esitheni sabo, +
43 Indlela enza ngayo izibonakaliso zakhe eGibhithe +
Nezimangaliso zakhe esifundeni saseZowani,
44 Nendlela aphendula ngayo imisele yeNayile yaba yigazi +
Kangangokuba babengenakuphuza emifudlaneni yabo.
46 Wanika izintethe eziqothulayo izitshalo zabo,
Wanika izintethe izithelo zomsebenzi wabo. +
47 Waqothula amasimu abo amagilebhisi ngesichotho +
Nezihlahla zabo zemisikhamori ngamatshe esichotho.
49 Wehlisela phezu kwabo intukuthelo yakhe evuthayo,
Ukufutheka nolaka nokucindezeleka,
Ibutho lezingelosi laletha inhlekelele.
50 Wayidedela intukuthelo yakhe.
Akazange abasindise ekufeni;
Wabanikela* esifweni esiwumshayabhuqe.
51 Ekugcineni wabulala wonke amazibulo aseGibhithe, +
Ukuqala kwamandla abo okuzala ematendeni kaHamu.
52 Ngemva kwalokho wakhipha abantu bakhe njengomhlambi wezimvu +
Wabahola njengomhlambi ehlane.
55 Waxosha izizwe phambi kwabo; +
Wababela ifa ngentambo yokukala; +
Wahlalisa izizwe zakwa-Israyeli emizini yazo. +
56 Kodwa babelokhu bemvivinya uNkulunkulu oPhezukonke, bemvukela; +
Abazange bazinake izikhumbuzo zakhe. +
57 Bamfulathela benza ngokukhohlisa njengokhokho babo. +
Babengathembekile njengomnsalo oxegayo. +
59 UNkulunkulu wezwa wathukuthela, +
Ngakho wamlahla ngokuphelele u-Israyeli.
61 Wavumela umphongolo omelela amandla akhe ukuba uthunjwe;
Ubuhle bakhe wabunikela esandleni sesitha. +
62 Wanikela abantu bakhe enkembeni +
Walithukuthelela ifa lakhe.
63 Umlilo wazishisa izinsizwa zakhe,
Nezintombi zakhe azizange ziculelwe izingoma zomshado.*
66 Wazixosha izitha zakhe; +
Wazihlaza phakade.
67 Walilahla itende likaJosefa;
Akazange asikhethe isizwe sakwa-Efrayimi.
70 Wakhetha uDavide + inceku yakhe
Wamthatha esibayeni sezimvu, +
71 Wamlanda ekwaluseni izimvu zezinsikazi ezincelisayo;
Wamenza umalusi phezu kukaJakobe, isizwe sakhe, +
Naphezu kuka-Israyeli, ifa lakhe. +
Ihubo lika-Asafa. +
79 O Nkulunkulu, izizwe zihlasele ifa lakho; +
Zingcolise ithempeli lakho elingcwele; +
IJerusalema zilenze laba yinqwaba yamatshe. +
2 Zinike izinyoni zamazulu izidumbu zezinceku zakho zaba ukudla
Zanika nezilwane zasendle inyama yabaqotho bakho. +
3 Zichithe igazi labo njengamanzi nxazonke zeJerusalema,
Akukho muntu osele ozobangcwaba. +
4 Sesiyisihlamba komakhelwane bethu; +
Labo abasizungezile basenza inhlekisa, bayasiklolodela.
5 O Jehova, kuyoze kube nini uvutha ngolaka? Kuyoze kube phakade? +
Kuyoze kube nini intukuthelo yakho ivutha njengomlilo? +
6 Thululela ulaka lwakho phezu kwezizwe ezingakwazi
Naphezu kwemibuso engalibizi igama lakho. +
7 Ngoba zimshwabadele uJakobe
Izwe lakhe zilenze incithakalo. +
8 Ungasijezisi ngenxa yeziphambeko zokhokho bethu. +
Shesha usibonise isihe, +
Ngoba sithotshisiwe.
9 Sisize, Nkulunkulu wensindiso yethu, +
Ngenxa yegama lakho elikhazimulayo;
10 Kungani izizwe kufanele zithi: “Uphi uNkulunkulu wabo?” +
Masibone lapho wenza ukuba izizwe zazi
Ukuthi igazi elichithiwe lezinceku zakho seliphindiselelwe. +
11 Kwangathi ungakuzwa ukububula kwesiboshwa. +
Sebenzisa amandla akho amakhulu* ukuze ulonde* labo abagwetshelwe ukufa. *+
13 Khona-ke thina, bantu bakho nomhlambi wedlelo lakho, +
Siyokubonga kuze kube phakade;
Siyomemezela udumo lwakho esizukulwaneni ngesizukulwane. +
Kumqondisi; ngenothi “Leminduze.” Isikhumbuzo. Ihubo lika-Asafa. +
80 O Malusi ka-Israyeli, lalela,
Wena ohola uJosefa njengomhlambi. +
4 Jehova Nkulunkulu wamabutho, kuyoze kube nini uzenza isitha sabantu* bakho futhi wenqaba ukulalela umthandazo wabo? +
5 Ubenza badle izinyembezi njengokungathi isinkwa sabo,
Ubaphuzisa amathantala ezinyembezi.
6 Omakhelwane bethu baxabana ngathi;
Izitha zethu zihlekisa ngathi ngokuthanda kwazo. +
8 Wakhipha isihlahla samagilebhisi + eGibhithe.
Waxosha izizwe, watshala sona. +
9 Wacenta phambi kwaso,
Samila izimpande sagcwala izwe. +
10 Izintaba zambozwa yithunzi laso,
Nemisedari kaNkulunkulu yambozwa ngamagatsha aso.
12 Uzibhidlizeleni izindonga zamatshe zensimu yamagilebhisi, +
Ukuze bonke abadlula ngendlela bakhe izithelo zayo? +
13 Izingulube zehlathi ziyicekela phansi,
Nezilwane zasendle ziklaba kuyo. +
14 O Nkulunkulu wamabutho, sicela ubuye.
Bheka phansi usezulwini, ubone!
16 Sishiswe ngomlilo, + sagawulwa.
Ngokukhuza kwakho* abantu bayashabalala.
17 Isandla sakho masisekele umuntu ongasesandleni sakho sokudla,
Indodana yomuntu ozikhulisele yona. +
18 Khona-ke ngeke sikushiye.
Silonde, ukuze sibize igama lakho.
Kumqondisi; ngenothi leGititi.* Elika-Asafa. +
81 Memezani ngenjabulo phambi kukaNkulunkulu ongamandla ethu. +
Memezani ngenjabulo nidumise uNkulunkulu kaJakobe.
2 Dlalani izinsimbi zomculo nithathe ithamborini,
Ihabhu elimnandi kanye nensimbi yomculo enezintambo.
4 Ngoba kuwumyalo onikezwe u-Israyeli,
Isinqumo sikaNkulunkulu kaJakobe, +
5 Asibekela uJosefa njengesikhumbuzo +
Lapho uNkulunkulu ehlasela izwe laseGibhithe. +
Ngezwa izwi* engingalazi, lithi:
6 “Ngasusa umthwalo ehlombe lakhe; +
Izandla zakhe zazingasawuphethe ubhasikidi.
Ngakuvivinya emanzini aseMeriba. *+ (Sela)
8 Yizwani, bantu bami, ngizofakaza ngokumelene nani.
O Israyeli, uma nje ningangilalela. +
9 Phakathi kwenu ngeke abe khona unkulunkulu ongaziwa,
Ngeke nikhothamele unkulunkulu wesinye isizwe. +
10 Mina, Jehova, nginguNkulunkulu wenu,
Owanikhipha ezweni laseGibhithe. +
Vulani imilomo yenu kakhulu, ngizoyigcwalisa. +
11 Kodwa abantu bami abalilalelanga izwi lami;
U-Israyeli akazange azithobe kimi. +
12 Ngakho ngabavumela ukuba bahambe ngenkani yenhliziyo yabo;
14 Izitha zakhe bengiyozinqoba ngokushesha;
Bengiyozijezisa izitha zakhe. +
15 Labo abazonda uJehova bayokwesaba phambi kwakhe,
Bayojeziswa phakade.*
Ihubo lika-Asafa. +
3 Vikelani* ophansi nentandane. +
Yenzelani ohluphekile noswele ubulungisa. +
4 Khululani ophansi nompofu;
Nibasindise esandleni sababi.”
5 Abahluleli abazi futhi abaqondi; +
Bahambahamba ebumnyameni;
Zonke izisekelo zomhlaba ziyantengantengiswa. +
8 O Nkulunkulu, sukuma wahlulele umhlaba, +
Ngoba zonke izizwe zingezakho.
Ingoma. Ihubo lika-Asafa. +
83 O Nkulunkulu ungathuli; +
O Nkulunkulu, musa ukuhlala uthule ungenzi lutho.
3 Ngobuqili bakhela abantu bakho uzungu ekusithekeni;
Bakhela abantu bakho abayigugu* uzungu.
4 Bathi: “Wozani masisiqothule isizwe sakwa-Israyeli, +
Ukuze igama laso lingaphinde likhunjulwe.”
5 Bacebisana ngobunye;*
Bakhe umfelandawonye* ukuze balwe nawe +—
6 Abakwa-Edomi nabakwa-Ishmayeli,* uMowabi + namaHagiri, +
7 IGebhali no-Amoni, + no-Amaleki,
9 Yenza kubo lokho owakwenza kuMidiyani, +
Lokho owakwenza kuSisera nakuJabini emfudlaneni* waseKishoni. +
10 Baqothulwa e-Eni-dori; +
Baba njengomquba emhlabathini.
11 Izicukuthwane zabo zenze zibe njengo-Orebi noZebi +
Izikhulu zabo* uzenze zibe njengoZeba nanjengoZalmuna, +
12 Ngoba bathe: “Masizithathele izwe uNkulunkulu ahlala kulo.”
13 O Nkulunkulu wami, benze babe njengekhakhasi elipheshulwa yisivunguvungu, +
Njengezinhlanga ezipheshulwa umoya.
14 Njengomlilo oshisa ihlathi,
Njengelangabi elihangula izintaba, +
15 Kwangathi ungabajaha ngaleyo ndlela ngesiphepho sakho +
Ubesabise ngesivunguvungu sakho. +
16 Mboza* ubuso babo ngehlazo,
Ukuze bafune igama lakho Jehova.
17 Kwangathi bangaba namahloni besabe njalo;
Kwangathi bangahlazeka bashabalale;
18 Abantu mabazi ukuthi wena, ogama lakho linguJehova, +
Wena wedwa ungoPhezukonke emhlabeni wonke. +
Kumqondisi; ngenothi leGititi.* Ihubo lamadodana kaKhora. +
Inhliziyo yami nenyama yami kumemeza uNkulunkulu ophilayo ngenjabulo.
3 Ngisho nenyoni izitholela indawo yokuhlala lapho
Nenkonjane izakhele isidleke,
Lapho ikhulisela khona amaphuphu ayo
Eduze kwe-altare lakho elikhulu, Jehova wamabutho,
Nkosi yami noNkulunkulu wami!
4 Bayajabula abahlala endlini yakho! +
Bayaqhubeka bekudumisa. + (Sela)
5 Bayajabula abantu abathola amandla kuwe, +
Izinhliziyo zabo ezilangazelela ukuba sendleleni eya endlini yakho.
6 Lapho bedlula eSigodini Samabhakha,*
Basenza sibe njengendawo eneziphethu;
Izimvula zokuqala zisembathisa* ngezibusiso.
7 Bayoqhubeka behamba kodwa amandla abo ngeke aphele; +
Yilowo nalowo ubonakala phambi kukaNkulunkulu eZiyoni.
8 O Jehova Nkulunkulu wamabutho, yizwa umthandazo wami;
Nkulunkulu kaJakobe, lalela. (Sela)
10 Ngoba usuku emagcekeni akho lungcono kuneziyinkulungwane kwenye indawo! +
Ngikhetha ukuma esitubhini sendlu kaNkulunkulu wami
Kunokuhlala ematendeni ababi.
UJehova ngeke abagodlele okuhle
Labo abahamba ngobuqotho. +
12 O Jehova wamabutho,
Uyajabula umuntu othembela kuwe. +
Kumqondisi. Ihubo lamadodana kaKhora. +
3 Ulubambile lonke ulaka lwakho;
Uphendukile entukuthelweni yakho evuthayo. +
5 Ingabe uyosithukuthelela kuze kube phakade? +
Ingabe uyohlale uthukuthele isizukulwane ngesizukulwane?
6 Ngeke yini uphinde usivuselele
Ukuze abantu bakho bajabule ngawe? +
7 O Jehova, sibonise uthando lwakho oluqotho +
Usisindise.
8 Ngizokulalela lokho uJehova uNkulunkulu weqiniso akushoyo,
Ngoba uzokhuluma ngokuthula kubantu bakhe, + kwabaqotho bakhe,
Kodwa mabangaphindi bazethembe ngokweqile. +
9 Uhlale ekulungele ukusindisa labo abamesabayo, +
Ukuze inkazimulo yakhe ihlale ezweni lakithi.
10 Uthando oluqotho nokwethembeka kuyohlangana;
Ukulunga nokuthula kuyoqabulana. +
11 Ukwethembeka kuyohluma emhlabeni,
Nokulunga kuyokwehla kuvela emazulwini. +
13 Ukulunga kuyohamba phambi kwakhe, +
Kwenzele izinyathelo zakhe indlela.
Umthandazo kaDavide.
86 O Jehova, lalela umthandazo wami* ungiphendule.
Ngoba ngihluphekile futhi ngimpofu. +
2 Qapha ukuphila kwami,* ngoba ngiqotho. +
Sindisa inceku yakho ethembela kuwe,
Ngoba unguNkulunkulu wami. +
4 Yenza inceku yakho ijabule,
Ngoba ngiphendukela kuwe Jehova.
5 Ngoba wena Jehova, umuhle + futhi uhlale ukulungele ukuthethelela; +
Uthando lwakho oluqotho kubo bonke abakubizayo luyachichima. +
6 O Jehova, lalela umthandazo wami;
Ngilalele lapho ngikhalela usizo. +
11 O Jehova, ngifundise indlela yakho. +
Ngizohamba eqinisweni lakho. +
Yenza inhliziyo yami ibe nobunye* ukuze yesabe igama lakho. +
12 O Jehova Nkulunkulu wami, ngikudumisa ngayo yonke inhliziyo yami, +
Ngizolikhazimulisa igama lakho kuze kube phakade,
13 Ngoba uthando lwakho oluqotho ongibonisa lona lukhulu,
15 Kodwa wena Jehova, unguNkulunkulu onesihe nozwela,*
Owephuza ukuthukuthela nochichima uthando oluqotho nokwethembeka. *+
16 Phendukela kimi ungibonise umusa. +
Nika inceku yakho amandla akho, +
Usindise indodana yencekukazi yakho.
17 Ngivezele isibonakaliso sobuhle* bakho,
Ukuze abangizondayo basibone babe namahloni.
Ngoba wena Jehova ungumsizi wami nomduduzi wami.
Ihubo lamadodana kaKhora. + Ingoma.
87 Isisekelo sedolobha lakhe sisezintabeni ezingcwele. +
2 UJehova uthanda amasango aseZiyoni +
Ukwedlula wonke amatende kaJakobe.
3 O dolobha likaNkulunkulu weqiniso, + kukhulunywa izinto ezikhazimulayo ngawe. (Sela)
4 URahabi + neBhabhiloni ngizobabala phakathi kwalabo abangaziyo;*
Nali iFilistiya neThire kanye neKushe.
Kuyothiwa: “Lona nguye owazalelwa khona.”
5 Ngokuphathelene neZiyoni kuyothiwa:
“Ngamunye wazalelwa kulo.”
OPhezukonke uyolimisa liqine.
6 UJehova uyomemezela lapho ebhalisa izizwe, athi:
“Lona nguye owazalelwa khona.” (Sela)
7 Abahlabeleli + nabadansi bemidanso yesiyingi, + bayothi:
“Zonke iziphethu zami zikuwe.” *+
Ingoma. Ihubo lamadodana kaKhora. + Kumqondisi; ngenothi leMahalati,* kufanele liculwe kushintshwane. Imaskili* likaHemani + umEzra.
4 Sengibalwa kanye nalabo abehlela phansi egodini; *+
Sengiwumuntu ongakwazi ukuzisiza, *+
5 Oshiywe phakathi kwezidumbu
Njengababulewe abalele ethuneni,
Ongasabakhumbuli
Nabangasalutholi usizo lwakho.*
6 Ungifake emgodini ojule kunayo yonke,
Ebumnyameni, kwalasha omkhulu.
7 Intukuthelo yakho iyangisinda, +
Amagagasi akho ayangicindezela. (Sela)
8 Ubadedisele kude abajwayelene nami; +
Ungenze ngaba yinto enyanyekayo kubo.
Ngibhajiwe angikwazi ukuphunyuka.
9 Iso lami likhathele ngenxa yokuhlupheka kwami. +
Usuku lonke Jehova ngiyakubiza; +
Ngelulela izandla zami kuwe.
10 Uyobenzela yini izimangaliso abafile?
Labo abafile bangavuka yini bakudumise? + (Sela)
11 Kuyokhulunywa yini ngothando lwakho oluqotho ethuneni,
Ngokuthembeka kwakho khona?*
12 Ziyokwaziwa yini izimangaliso zakho ebumnyameni
Noma ukulunga kwakho ezweni lokungazi lutho? +
13 Kodwa ngisalokhu ngikhala kuwe ngicela usizo Jehova, +
Njalo ekuseni umthandazo wami uyafika kuwe. +
14 Kungani ungilahla Jehova? +
Kungani ungifihlela ubuso bakho? +
15 Kusukela ebusheni bami,
Bengilokhu ngihlupheka futhi sengizoshabalala; +
Ngindikindiki ngenxa yezinto ezibuhlungu ovumela ukuba zingehlele.
16 Intukuthelo yakho evuthayo yehlele kimi; +
Izinto ezithusayo ezivela kuwe zingiqeda amandla.
17 Zingizungeza njengamanzi usuku lonke;
Zingivimbezela ziqhamuka nhlangothi zonke.*
18 Abangani bami nomakhelwane bami ubadedisele kude nami; +
Ubumnyama sebuwumngani wami.
Imaskili.* Elika-Ethani + umEzra.
89 Ngizohlabelela ngezenzo zikaJehova zothando oluqotho kuze kube phakade.
Ngomlomo wami ngizoxoxela zonke izizukulwane ngokuthembeka kwakho.
2 Ngoba ngithe: “Uthando oluqotho luyohlala* kuze kube phakade, +
Ukumise kwaqina ukuthembeka kwakho emazulwini.”
4 ‘Inzalo* yakho ngiyoyimisa iqine + kuze kube phakade,
Ngiyosiqinisa isihlalo sakho sobukhosi kuzo zonke izizukulwane.’ ” + (Sela)
5 O Jehova, amazulu ayazidumisa izenzo zakho ezimangalisayo,
Yebo, ukwethembeka kwakho ebandleni labangcwele.
6 Ngoba ubani esibhakabhakeni ongaqhathaniswa noJehova? +
Ubani ofana noJehova phakathi kwamadodana kaNkulunkulu? +
7 UNkulunkulu uyesabeka emhlanganweni wabangcwele; +
Mkhulu futhi uyesabeka kubo bonke abamzungezile. +
8 O Jehova Nkulunkulu wamabutho,
Ubani onamandla njengawe Jah? +
Uthembeke kuzo zonke izinto. +
10 Umnqobe ngokuphelele uRahabi *+ wambulala. +
Ngamandla akho* uzihlakazile izitha zakho. +
14 Ukulunga nobulungisa kuyisisekelo sesihlalo sakho sobukhosi; +
Uthando oluqotho nokuthembeka kuphambi kwakho. +
15 Bayajabula abantu abakwaziyo ukumemeza ngenjabulo. +
O Jehova, baqhubeka behamba nawe, bathola umusa wakho.
16 Usuku lonke bajabula ngegama lakho,
Bayaphakanyiswa ngokulunga kwakho.
18 Ngoba ihawu lethu livela kuJehova,
Inkosi yethu ivela koNgcwele ka-Israyeli. +
19 Ngaleso sikhathi wakhuluma ngombono kwabaqotho bakho, wathi:
21 Isandla sami siyomsekela, +
Nengalo yami iyomqinisa.
22 Akukho sitha esiyomkhokhisa intela,
Akukho ndoda engalungile eyomcindezela. +
24 Ukwethembeka kwami nothando lwami oluqotho kukanye naye, +
Amandla akhe ayokwanda* ngenxa yegama lami.
26 Yena uyongibiza athi: ‘Wena unguBaba,
UNkulunkulu wami neDwala lensindiso yami.’ +
28 Ngiyombonisa uthando lwami oluqotho kuze kube phakade, +
Nesivumelwano sami naye asisoze sanqamuka. +
30 Uma amadodana akhe eshiya umthetho wami
Engahambi ngezahlulelo zami,*
31 Uma ephula imithetho yami
Engayigcini imiyalo yami,
32 Khona-ke ngiyowajezisa ngenduku ngenxa yokungalaleli* kwawo +
Nangemivimbo ngenxa yesiphambeko sawo.
35 Ngifunge ubungcwele bami futhi ngeke ngishintshe;
Ngeke ngiwaqambe amanga kuDavide. +
36 Inzalo* yakhe iyohlala kuze kube phakade; +
Isihlalo sakhe sobukhosi siyohlala njengelanga phambi kwami. +
37 Siyomiswa siqine njengenyanga kuze kube phakade
Njengofakazi othembekile esibhakabhakeni.” (Sela)
38 Kodwa wena uqobo umlahlile futhi wamala; +
Umthukuthelele ogcotshiwe wakho.
39 Usichithile isivumelwano osenze nenceku yakho;
Ungcolise umqhele wayo ngokuwujikijela emhlabathini.
40 Uzibhidlizile zonke izindonga* zayo zamatshe;
Uzenze zaba yincithakalo izinqaba zayo.
41 Bonke abadlula ngendlela bayiphangile;
Iyisihlamba komakhelwane bayo. +
43 Wenze ukuba inkemba yayo ingasebenzi,
Awuyivumelanga ukuba inqobe empini.
44 Ubuqedile ubukhazikhazi bayo
Isihlalo sayo sobukhosi wasijikijela phansi emhlabathini.
45 Uzinciphisile izinsuku zobusha bayo;
Uyembathise ngamahloni. (Sela)
46 O Jehova, kuyoze kube nini uzifihlile? Kuyoze kube phakade? +
Ingabe ulaka lwakho luzolokhu luvutha njengomlilo?
47 Khumbula ukuthi kufushane kangakanani ukuphila kwami! +
Ingabe bonke abantu wabadala ngaphandle kwesizathu?
48 Yimuphi umuntu ongaphila angafi? +
Angakwazi yini ukuzisindisa* emandleni eThuna?* (Sela)
49 O Jehova, ziphi izenzo zakho zangaphambili zothando oluqotho,
Owafunga ngazo kuDavide ngokuthembeka kwakho? +
50 O Jehova, khumbula ukuklolodelwa kwezinceku zakho;
Indlela okwakufanele ngibekezelele ngayo* ukuklolodelwa yizo zonke izizwe;
51 O Jehova, indlela izitha zakho ezidelele ngayo;
Indlela ezidelele ngayo izinyathelo zogcotshiwe wakho.
52 Makadunyiswe uJehova kuze kube phakade. Amen, Amen. +
INCWADI YESINE
(AmaHubo 90-106)
Umthandazo kaMose, umuntu kaNkulunkulu weqiniso. +
90 O Jehova, wena ube yindawo yethu yokuhlala *+ kuzo zonke izizukulwane.
2 Zingakazalwa izintaba
Ungakawuvezi* umhlaba nezwe, +
Kusukela phakade kuze kube phakade, wena unguNkulunkulu. +
3 Wenza umuntu ofayo abuyele othulini;
Uthi: “Buyelani othulini, bantwana babantu.” +
4 Ngoba iminyaka eyinkulungwane emehlweni akho injengosuku lwayizolo oseludlulile, +
Injengamahora ambalwa.*
6 Ekuseni buyaqhakaza futhi buvuseleleke,
Kodwa kusihlwa buyabuna bome. +
7 Ngoba intukuthelo yakho iyasiqeda +
Ulaka lwakho luyasesabisa.
9 Ukuphila kwethu kuyashabalala* ngenxa yolaka lwakho;
Neminyaka yethu iphela ngokushesha njengomoya ophuma emakhaleni.
Kodwa kugcwele izinkathazo nosizi;
Kudlula masinyane, sinyamalale. +
11 Ubani ongawaqonda amandla entukuthelo yakho?
Ulaka lwakho luyesabeka njengoba nje nawe kufanele wesatshwe. +
12 Sifundise ukubala izinsuku zethu +
Ukuze sibe nenhliziyo enokuhlakanipha.
13 O Jehova, buya! + Kuyoqhubeka kuze kube nini lokhu? +
Dabukela izinceku zakho. +
14 Sanelise ngothando lwakho oluqotho + ekuseni,
Ukuze simemeze ngenjabulo, sithokoze + zonke izinsuku zethu.
15 Senze sithokoze izinsuku ezilingana nalezo osihluphe ngazo, +
Neminyaka eminingi elingana naleyo esibhekane ngayo nenhlekelele. +
16 Kwangathi izinceku zakho zingawubona umsebenzi wakho,
Nabantwana bazo babone ubukhazikhazi bakho. +
17 Kwangathi umusa kaJehova uNkulunkulu wethu ungaba phezu kwethu;
Kwangathi ungawuphumelelisa* umsebenzi wezandla zethu.
Yebo, uphumelelise* umsebenzi wezandla zethu. +
91 Noma ubani ohlala endaweni esithekile yoPhezukonke +
Uyohlala ngaphansi komthunzi woMninimandla Onke. +
3 Ngoba yena uyokukhulula esicuphweni somcuphi wezinyoni,
Esifweni esiwumshayabhuqe.
Ukwethembeka kwakhe + kuyoba yihawu elikhulu + nodonga oluyisivikelo.*
5 Ngeke wesabe lutho olwethusayo ebusuku, +
Noma umcibisholo ondiza emini, +
6 Noma isifo esiwumshayabhuqe esisabalala ebusuku,
Noma imbubhiso ebulala emini bebade.
7 Inkulungwane iyokuwa eceleni kwakho
Nezinkulungwane eziyishumi ngasesandleni sakho sokudla,
Kodwa ngeke kwenzeke lutho olubi kuwe. +
8 Uyobuka nje kuphela ngamehlo
Ubone ukujeziswa* kwababi.
9 Ngoba uthe: “UJehova uyisiphephelo sami,”
Wenze oPhezukonke waba yindawo yakho yokuhlala; *+
10 Akukho nhlekelele eyokwehlela, +
Akukho sifo esiyosondela etendeni lakho.
11 Ngoba uyoyala izingelosi zakhe + ngokuphathelene nawe,
Ukuba zikuqaphe kuzo zonke izindlela zakho. +
13 Uyonyathela ibhongo lebhubesi nemfezi;
Uyonyathela ibhubesi elinomhlwenga nenyoka enkulu. +
14 UNkulunkulu uthe: “Ngoba uyangithanda,* ngizomkhulula. +
Ngizomvikela ngoba uyalazi* igama lami. +
15 Uzongibiza, ngimphendule. +
Ngizoba naye lapho ecindezelekile. +
Ngizomkhulula, ngimkhazimulise.
Ihubo. Ingoma yangosuku lweSabatha.
92 Kuhle ukukubonga Jehova +
Nokuhubela* igama lakho, wena oPhezukonke,
2 Ukukhuluma ngothando lwakho oluqotho + ekuseni
Nangokuthembeka kwakho ebusuku,
3 Kube kudlalwa insimbi yomculo enezintambo eziyishumi nesigingci,
Nehabhu elizwakala kamnandi. +
4 Ngoba ungijabulisile Jehova, ngenxa yezenzo zakho;
Ngimemeza ngenjabulo ngenxa yemisebenzi yezandla zakho.
5 O Jehova, yeka ukuthi imisebenzi yakho mikhulu kangakanani! +
Yeka ukuthi imicabango yakho ijule kakhulu kangakanani! +
6 Akekho umuntu ongenangqondo ongase ayazi;
Akekho oyisiphukuphuku ongakuqonda lokhu: +
7 Lapho ababi behluma njengokhula*
Nabo bonke abenza okubi banda,
Kungenjongo yokuba babhujiswe kuze kube phakade. +
8 Kodwa wena Jehova uphakeme kuze kube phakade.
9 Impela, bheka lapho izitha zakho zinqotshwa, Jehova,
Bheka indlela izitha zakho eziyoshabalala ngayo;
Bonke abenza okubi bayohlakazwa. +
10 Kodwa uyowandisa amandla ami* njengawenkunzi yasendle;
Ngiyogcoba isikhumba sami ngamafutha amasha. +
11 Amehlo ami ayozibona izitha zami zinqotshwa; +
Izindlebe zami ziyozwa ngokunqotshwa kwabantu ababi abangihlaselayo.
12 Kodwa abalungile bayoqhakaza njengesihlahla sesundu
Bayokhula babe bakhulu njengomsedari oseLebhanoni. +
13 Batshalwe endlini kaJehova;
Bayaqhakaza emagcekeni kaNkulunkulu wethu. +
14 Bayoqhubeka bechuma ngisho noma sebegugile; *+
Bayohlala benomdlandla* futhi bebukeka kahle, *+
15 Bememezela ukuthi uJehova uqotho.
UyiDwala lami, + akukho ukungalungi kuye.
93 UJehova useyiNkosi! +
Wembethe ukuphakama;
UJehova wembethe amandla;
Uwabhince njengebhande.
2 Isihlalo sakho sobukhosi samiswa saqina kusukela kudala; +
Wena ubulokhu ukhona kusukela phakade. +
3 Imifula iyahlokoma, O Jehova,
Imifula iyahlokoma futhi iyaduma;
Imifula ilokhu ihlokoma futhi ihaza.
4 Kodwa wena, Jehova ophakeme osemazulwini +
Unamandla kakhulu kunemisindo yamanzi amaningi,
Unamandla kakhulu kunamagagasi agubhayo olwandle. +
5 Izikhumbuzo zakho zithembeke kakhulu. +
O Jehova, ubungcwele buhlobisa* indlu yakho + kuze kube phakade.
94 O Nkulunkulu wempindiselo, Jehova, +
O Nkulunkulu wempindiselo, khanya!
2 Phakama, Mahluleli womhlaba. +
Phindisela kwabaziphakamisayo ngokwalokho okubafanele. +
3 Kuyoze kube nini, Jehova,
Kuyoze kube nini abantu ababi belokhu bethokoza? +
4 Bakhuluma bengacabanganga nangokuziphakamisa;
Bonke abenzi bokubi bayaqhosha.
5 O Jehova, balimaza abantu bakho, +
Bacindezela ifa lakho.
6 Babulala umfelokazi nesifiki,
Babulala nezintandane.
8 Qondani lokhu, nina eningacabangi;
Nina ziphukuphuku, niyoba nini nokuqonda? +
9 Owadala* indlebe, akakwazi yini ukuzwa?
Lowo owabumba iso, akakwazi yini ukubona? +
10 Lowo oqondisa izizwe, ngeke yini ajezise? +
NguYe onika abantu ulwazi! +
11 UJehova uyayazi imicabango yabantu,
Ukuthi iwumoya nje okhishwa ngamakhala. +
12 O Jah, iyajabula indoda oyiqondisayo, +
Oyifundisa umthetho wakho, +
13 Ukuze uyinike ukuthula ngezinsuku zenhlekelele,
Kuze kube yilapho omubi egujelwa igodi. +
15 Ngoba isahlulelo sizophinde sibe nobulungisa,
Bonke abanezinhliziyo eziqotho bayosilandela.
16 Ubani oyongimela phambi kwababi?
Ubani oyongimela kwabenza okubi?
18 Lapho ngithi: “Unyawo lwami luyashelela,”
Jehova, uthando lwakho oluqotho lwalulokhu lungisekela. +
20 Isihlalo sobukhosi senkohlakalo* singahlotshaniswa yini nawe
23 Uzokwenza ukuba izenzo zabo ezimbi zehlele kubo. +
Uzobabulala* ngokubehlisela ububi babo.
UJehova uNkulunkulu uzobabulala. *+
95 Wozani, masimmemeze ngenjabulo uJehova!
Masimemeze ngokuthokoza, sidumise iDwala lethu lensindiso. +
3 Ngoba uJehova unguNkulunkulu omkhulu,
UyiNkosi enkulu kunabo bonke abanye onkulunkulu. +
4 Ulawula ngisho nasekujuleni komhlaba;
Iziqongo zezintaba zingezakhe. +
6 Wozani, masikhuleke sikhothame;
Masiguqe phambi kukaJehova uMenzi wethu. +
Uma nilalela izwi lakhe namuhla, +
8 Ningayenzi lukhuni inhliziyo yenu njengoba kwenza okhokho benu eMeriba, *+
Njengasosukwini lwaseMasa* ehlane, +
9 Lapho okhokho benu bengivivinya; +
Bangivivinya nakuba babeyibonile imisebenzi yami. +
10 Iminyaka engu-40 ngangisenyanya leso sizukulwane, ngathi:
“Siyisizwe esihlale siphambuka ezinhliziyweni zaso;
Asikazazi izindlela zami.”
11 Ngakho ngafunga ngithukuthele ngathi:
“Ngeke singene ekuphumuleni kwami.” +
96 Hubelani uJehova ingoma entsha. +
Culelani uJehova, nonke nina bantu basemhlabeni! +
2 Hubelani uJehova; dumisani igama lakhe.
Usuku nosuku memezelani izindaba ezinhle zensindiso yakhe. +
3 Memezelani inkazimulo yakhe phakathi kwezizwe,
Imisebenzi yakhe emangalisayo kuzo zonke izizwe. +
4 UJehova mkhulu futhi ukufanelekela kakhulu ukudunyiswa.
Uyesabeka ngaphezu kwabo bonke abanye onkulunkulu.
5 Bonke onkulunkulu bezizwe bangonkulunkulu abangasizi ngalutho, +
Kodwa uJehova nguye owadala amazulu. +
7 Dumisani uJehova, nina mindeni yezizwe,
Dumisani uJehova ngenxa yenkazimulo namandla akhe. +
8 Nikani uJehova inkazimulo efanele igama lakhe; +
Lethani isipho ningene emagcekeni akhe.
10 Memezelani ezizweni, nithi: “UJehova useyiNkosi! +
Umhlaba* umiswe waqina, awunakunyakaziswa.*
Uyokwahlulela* izizwe ngobulungisa.” +
11 Amazulu mawathokoze, nomhlaba mawujabule;
Ulwandle maludume nakho konke okukulo; +
12 Amathafa nakho konke okukuwo makuthokoze. +
Ngesikhathi esifanayo zonke izihlahla ezisehlathini mazimemeze ngenjabulo +
13 Phambi kukaJehova ngoba uyeza,*
Uyeza uzokwahlulela umhlaba.
97 UJehova useyiNkosi! +
Umhlaba mawujabule. +
Iziqhingi eziningi mazithokoze. +
2 Amafu nobumnyama kumzungezile nxazonke; +
Ukulunga nobulungisa kuyisisekelo sesihlalo sakhe sobukhosi. +
4 Imibani yakhe ikhanyisa izwe;
Umhlaba uyakubona lokhu uthuthumele. +
5 Izintaba zincibilika njengekhekheba lezinyosi phambi kukaJehova, +
Phambi kweNkosi yomhlaba wonke.
6 Amazulu amemezela ngokulunga kwakhe,
Zonke izizwe ziyayibona inkazimulo yakhe. +
Mkhothameleni,* nonke nina bonkulunkulu. +
9 Ngoba wena, Jehova, ungoPhezukonke emhlabeni wonke;
Uphakeme kakhulu kunabo bonke abanye onkulunkulu. +
10 O nina enithanda uJehova, zondani okubi. +
11 Abalungile bathole ukukhanya +
Ngisho nabaqotho enhliziyweni bajabule.
12 O nina enilungile, jabulani ngoJehova,
Nibonge igama* lakhe elingcwele.
Ihubo.
Isandla sakhe sokudla, ingalo yakhe engcwele, silethe insindiso. *+
3 Usikhumbulile isithembiso sakhe sokubonisa indlu ka-Israyeli uthando oluqotho nokuthembeka. +
Umhlaba wonke uyibonile insindiso kaNkulunkulu* wethu. +
4 Memezani ngenjabulo nidumise uJehova, nonke nina bantu basemhlabeni.
Thokozani nimemeze ngenjabulo nihube izingoma zokudumisa. *+
5 Hubelani* uJehova ngehabhu,
Ngehabhu nangengoma emnandi.
6 Ngamacilongo nangomsindo wophondo, +
Memezani ngenjabulo phambi kweNkosi, uJehova.
7 Ulwandle maludume nakho konke okukulo,
Umhlaba* nabahlala kuwo.
8 Imifula mayishaye ihlombe;
Izintaba mazimemeze ngenjabulo kanyekanye +
9 Phambi kukaJehova, ngoba uyeza* uzokwahlulela umhlaba.
99 UJehova useyiNkosi. + Izizwe mazithuthumele.
Uhlezi esihlalweni sobukhosi ngaphezu* kwamakherubi. + Umhlaba mawuzamazame.
2 UJehova mkhulu eZiyoni,
Uphakeme ngaphezu kwazo zonke izizwe. +
3 Mazidumise igama lakho elikhulu, +
Ngoba liyesabeka futhi lingcwele.
4 Yena uyiNkosi enamandla ethanda ubulungisa. +
Ukumise kwaqina okulungile.
Ulethe ubulungisa nokulunga + kwaJakobe.
5 Phakamisani uJehova uNkulunkulu wethu, + nikhothame* endaweni yakhe yokubeka izinyawo; *+
Ungcwele. +
6 UMose no-Aroni babephakathi kwabapristi bakhe, +
USamuweli wayephakathi kwalabo ababiza igama lakhe. +
Babembiza uJehova,
Yena wayebaphendula. +
7 Wayekhuluma nabo esensikeni yefu. +
Bazigcina izikhumbuzo zakhe nomyalo abanika wona. +
8 O Jehova Nkulunkulu wethu, wabaphendula. +
9 Phakamisani uJehova uNkulunkulu wethu +
Nikhothame* phambi kwentaba yakhe engcwele, +
Ngoba uJehova uNkulunkulu wethu ungcwele. +
Ihubo lokubonga.
100 Memezani ngenjabulo nidumise uJehova, nonke nina bantu basemhlabeni. +
2 Khonzani uJehova ngokuthokoza. +
Wozani phambi kwakhe nimemeze ngenjabulo.
3 Yazini* ukuthi uJehova unguNkulunkulu. +
Nguye owasenza, singabakhe. *+
Singabantu bakhe nezimvu zedlelo lakhe. +
Mbongeni; dumisani igama lakhe. +
5 Ngoba uJehova muhle; +
Uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade,
Nokuthembeka kwakhe kuzo zonke izizukulwane. +
ElikaDavide. Ihubo.
101 Ngizohlabelela ngothando oluqotho nangobulungisa.
O Jehova, ngizokuhubela izindumiso.*
2 Ngizokwenza ngokuqonda nangokungenaphutha.*
Uyoza nini kimi?
Ngizohamba ngobuqotho benhliziyo + ngaphakathi endlini yami.
3 Ngeke ngibeke noma yini engelusizo lwalutho* phambi kwamehlo ami.
4 Inhliziyo ekhohlisayo ikude nami;
Ngeke ngikwamukele* okubi.
Noma ubani oziphakamisayo nozikhukhumezayo,
Ngeke ngimbekezelele.
6 Ngiyobabheka ngomusa abathembekile basemhlabeni,
Ukuze bahlale nami.
Ohamba ngokungenaphutha* nguye oyongikhonza.
7 Akukho muntu okhohlisayo oyohlala endlini yami,
Noma ubani okhuluma amanga ngeke ame phambi kwami.*
8 Njalo ekuseni ngizobathulisa* bonke ababi basemhlabeni,
Ukuze nginqume bonke abenzi bokubi edolobheni likaJehova. +
Umthandazo wocindezelekile lapho ephelelwe yithemba* futhi ethululela kuJehova okumkhathazayo. +
2 Ungangifihleli ubuso bakho ngesikhathi sokucindezeleka. +
3 Ngoba izinsuku zami ziphela njengentuthu,
Amathambo ami amnyama njengeziko. +
4 Inhliziyo yami ishiswe yilanga njengotshani yabuna, +
Ngoba ngiyakhohlwa ukudla ukudla kwami.
6 Ngifana nevuba* lasehlane;
Nginjengesikhova ezindaweni ezibhuqiwe.
8 Izitha zami zingiklolodela usuku lonke. +
Labo abangidelelayo* basebenzisa igama lami njengesiqalekiso.
9 Ukudla kwami wumlotha, +
Isiphuzo sami sixubene nezinyembezi, +
10 Ngenxa yentukuthelo yakho nolaka lwakho,
Ngoba ungiphakamisile ukuze nje ungilahle.
13 Nakanjani uyovuka ubonise iZiyoni isihe, +
Ngoba yisikhathi sokuba ulibonise umusa wakho; +
Isikhathi esibekiwe sesifikile. +
15 Izizwe ziyolesaba igama likaJehova,
Nawo wonke amakhosi omhlaba ayoyiqonda inkazimulo yakho. +
19 Ngoba ubheka phansi esendaweni yakhe ephakeme engcwele, +
Esemazulwini uJehova ubuka emhlabeni,
20 Ukuze ezwe ukukhalaza kwesiboshwa, +
Ukuze akhulule abagwetshelwe ukufa, +
21 Ukuze igama likaJehova limenyezelwe eZiyoni +
Nodumo lwakhe eJerusalema,
22 Lapho izizwe nemibuso
Kubuthene ndawonye ukuba kukhonze uJehova. +
23 Washeshe wangiphuca amandla ami;
Wazifinyeza izinsuku zami.
25 Kudala wabeka izisekelo zomhlaba,
Amazulu awumsebenzi wezandla zakho. +
26 Kuyoshabalala, kodwa wena uyohlale ukhona;
Konke kuyoguga njengengubo nje.
Njengengubo uyobeka okunye esikhundleni sako, kuyophelelwa isikhathi.
27 Kodwa wena awushintshi, awunasiphetho. +
28 Amadodana ezinceku zakho ayohlala evikelekile,
Inzalo yawo iyomiswa iqine phambi kwakho.” +
ElikaDavide.
103 Ngizomdumisa* uJehova;
Konke okungaphakathi kimi makudumise igama lakhe elingcwele.
3 Uthethelela zonke iziphambeko zakho, +
Elaphe zonke izifo zakho; +
4 Usindisa ukuphila kwakho egodini *+
Akuthwese umqhele wothando lwakhe oluqotho nesihe. +
5 Ukwanelisa ngezinto ezinhle + ukuphila kwakho konke,
Ukuze ubusha bakho buvuselelwe njengobokhozi. +
11 Ngoba njengoba amazulu ephakeme kunomhlaba,
Kanjalo uthando lwakhe oluqotho lukhulu kulabo abamesabayo. +
12 Njengokuqhelelana kwempumalanga nentshonalanga,
Uzibeke kude kangako izono zethu. +
13 Njengoba ubaba ebonisa umusa emadodaneni akhe,
NoJehova ubabonise umusa labo abamesabayo. +
16 Kodwa lapho kuvunguza umoya, ayibe isaba khona,
Njengokungathi ayikaze ibe khona.*
17 Kodwa uthando lukaJehova oluqotho kulabo abamesabayo +
Luhlala kuze kube phakade,*
Nokulunga kwakhe esizukulwaneni sabo, +
18 Kulabo abagcina isivumelwano sakhe +
Nakulabo abayigcina ngokucophelela imiyalo yakhe.
19 UJehova usimise saqina isihlalo sakhe sobukhosi emazulwini; +
Nobukhosi bakhe bubusa yonke into. +
20 Dumisani uJehova, nonke nina zingelosi zakhe + ezinamandla amakhulu,
22 Dumisani uJehova, nonke nina ndalo yakhe,
Ezindaweni zonke zombuso wakhe.*
Umphefumulo wami mawudumise* uJehova.
104 Ngizomdumisa uJehova. +
O Jehova Nkulunkulu wami, umkhulu kakhulu. +
Wembethe isithunzi* nobukhazikhazi. +
3 Yena ugxumeka izinsika zamagumbi akhe aphezulu emanzini asesibhakabhakeni, *+
Wenza amafu abe yinqola yakhe, +
Uhamba ngamaphiko omoya. +
4 Wenza izingelosi zakhe zibe yimimoya,
Izikhonzi zakhe zibe umlilo oshwabadelayo. +
6 Wawumboza ngamanzi ajulile njengokungathi ngengubo. +
Amanzi amboza izintaba.
7 Ahlehla lapho uwakhuza; +
Ngomsindo wokuduma kwakho abaleka enovalo
8 —Izintaba zenyuka + nezigodi zehla—
Aya endaweni owawamisela yona.
9 Wamisa umngcele okungafanele ukuba aweqe, +
Ukuze angaphinde amboze umhlaba.
10 Uthumela iziphethu ezigodini;*
Zigeleza phakathi kwezintaba.
11 Ziphuzisa zonke izilwane zasendle;
Izimbongolo zasendle zicima ukoma kwazo.
12 Ngaphezu kwazo izinyoni zamazulu zakhele izidleke;
Ziyacula phakathi kwamahlamvu aminyene.
13 Unisela izintaba esemagumbini akhe aphezulu. +
Umhlaba uyaneliswa ngezithelo zemisebenzi yakho. +
14 Wenza ukuba kuhlume utshani obuzodliwa yizinkomo
Nezitshalo ezizodingwa abantu, +
Ukuze ukudla kuhlume emhlabeni
15 Newayini elijabulisa inhliziyo yomuntu, +
Namafutha acwebezelisa ubuso,
Nesinkwa esisekela inhliziyo yomuntu ofayo. +
16 Izihlahla zikaJehova zanelisekile,
Imisedari yaseLebhanoni ayitshalile,
17 Lapho izinyoni zakha khona izidleke.
Ikhaya likanogolantethe + lisezihlahleni zomjunipha.
19 Wenze inyanga ukuze ihlukanise izinkathi zonyaka;
Ilanga lazi kahle ukuthi kufanele lishone nini. +
20 Uletha ubumnyama bese kuyahlwa, +
Zonke izilwane zasendle ziyaphuma zizulazule.
22 Lapho ilanga liphuma,
Ayahoxa ayolala ezindaweni zawo zokucasha.
23 Umuntu uyaphuma aye emsebenzini,
Asebenze kuze kuhlwe.
24 O Jehova, yeka ukuthi miningi kangakanani imisebenzi yakho! +
Yonke uyenze ngokuhlakanipha. +
Umhlaba ugcwele izinto ozidalile.
25 Nalu ulwandle, lukhulu futhi lubanzi,
Kulo kukhona izinto eziphilayo ezingenakubalwa, ezincane nezinkulu. +
27 Zonke zilinda wena
Ukuba uzinike ukudla kwazo ngesikhathi esifanele. +
28 Ozinika kona ziyakuthatha. +
Lapho uvula isandla sakho, ziyaneliswa ngezinto ezinhle. +
29 Uma ufihla ubuso bakho, ziyaphazamiseka.
Uma ususa umoya wazo, ziyafa zibuyele othulini. +
30 Uma uthumela umoya wakho, ziyadalwa, +
Uvuselela ubuso bomhlaba.
31 Inkazimulo kaJehova iyohlala kuze kube phakade.
UJehova uyojabula ngemisebenzi yakhe. +
32 Ubheka umhlaba, wona uthuthumele;
Uthinta izintaba, zishunqe intuthu. +
33 Ngizomhlabelelela uJehova + konke ukuphila kwami;
34 Imicabango yami mayimjabulise.*
Ngizojabula ngoJehova.
35 Izoni ziyoshabalala emhlabeni,
Ababi ngeke besaba khona. +
Ngizomdumisa uJehova. Dumisani uJah!*
3 Ziqhayiseni ngegama lakhe elingcwele. +
Mazijabule izinhliziyo zalabo abafuna uJehova. +
4 Funani uJehova + namandla akhe.
Qhubekani nimfuna.*
5 Khumbulani imisebenzi yakhe emangalisayo ayenzile,
Izimangaliso zakhe nezahlulelo azikhiphile, +
6 Nina nzalo* ka-Abrahama inceku yakhe, +
Nina bantwana bakaJakobe, abakhethiwe bakhe. +
7 UnguJehova uNkulunkulu wethu. +
Izahlulelo zakhe zisemhlabeni wonke. +
8 Ukhumbula isivumelwano sakhe kuze kube phakade, +
Isithembiso asenza* ezizukulwaneni eziyinkulungwane, +
9 Isivumelwano asenza no-Abrahama, +
Nesifungo asifunga ku-Isaka, +
10 Asimisa saba umyalo kuJakobe
Saba isivumelwano saphakade ku-Israyeli,
11 Ethi: “Ngizokunika izwe laseKhanani +
Libe yifa lakho.” +
13 Babehamba besuka kwesinye isizwe beya kwesinye,
Besuka komunye umbuso beya komunye umbuso. +
14 Akavumelanga muntu ukuba abacindezele, +
Kodwa wasola amakhosi + ngenxa yabo,
15 Ethi: “Ningabathinti abagcotshiwe bami,
Ningenzi lutho olubi kubaprofethi bami.” +
17 Wathumela umuntu ngaphambi kwabo
Owayethengisiwe ukuba abe yisigqila, uJosefa. +
18 Izinyawo zakhe bazibopha* ngezibopho, +
Intamo yakhe yafakwa ezinsimbini;*
19 Kwaze kwaba yilapho izwi lakhe ligcwaliseka, +
Izwi likaJehova yilo elamlolonga.
20 Inkosi yayala ukuba akhululwe, +
Umbusi wezizwe wamkhulula.
21 Wambeka ukuba aphathe indlu yakhe, +
Ukuba abe umbusi phezu kwayo yonke impahla yakhe,
22 Ukuba abe negunya phezu* kwezikhulu zakhe ngokuthanda kwakhe
Nokuba afundise amadoda amadala ukuhlakanipha. +
23 Khona-ke u-Israyeli weza eGibhithe, +
UJakobe wahlala ezweni likaHamu njengesifiki.
24 UNkulunkulu wasandisa kakhulu isizwe sakhe; +
Wasenza saba namandla kunezitha zaso, +
25 Wavumela izinhliziyo zazo ukuba zishintshe zibazonde abantu bakhe,
Ukuba zakhele izinceku zakhe uzungu. +
28 Wathumela ubumnyama, kwaba mnyama ezweni; +
Abazange badlubulunde emazwini akhe.
29 Washintsha amanzi abo aba yigazi
Wabulala izinhlanzi zabo. +
30 Ezweni labo kwagcwala amaxoxo, +
Ngisho nasemakamelweni asebukhosini.
33 Washaya amasimu abo amagilebhisi nezihlahla zabo zemikhiwane
Waphula izihlahla zendawo yabo.
34 Wathi makufike izintethe zibahlasele,
Izintethe ezingenakubalwa. +
35 Zadla zonke izimila ezweni,
Zadla nezithelo zomhlabathi.
36 Ngemva kwalokho wabulala wonke amazibulo ezweni labo, +
Ukuqala kwamandla abo okuzala.
37 Wakhipha abantu bakhe benesiliva negolide; +
Akekho noyedwa phakathi kwezizwe zakhe owakhubeka.
39 Welula ifu ukuze abasithe +
Nomlilo wokubakhanyisela ebusuku. +
42 Ngoba wasikhumbula isithembiso esingcwele ayesenze ku-Abrahama inceku yakhe. +
43 Ngakho wasikhipha isizwe sakhe ngokwethaba, +
Abakhethiwe bakhe ngokukhamuluka kwenjabulo.
45 Ukuze bagcine imiyalo yakhe +
Bagcine imithetho yakhe.
Dumisani uJah!*
106 Dumisani uJah!*
2 Ubani ongayimemezela ngokugcwele imisebenzi yamandla kaJehova
Noma ongazimemezela zonke izenzo zakhe ezifanelwe udumo? +
3 Bayajabula labo abenza ngobulungisa,
Abenza okulungile + ngaso sonke isikhathi.
4 Ngikhumbule Jehova, lapho ubonisa abantu bakho umusa. +
Nginakekele ungisindise,
5 Ukuze ngibone ubuhle obubonisa abakhethiwe bakho, +
Ukuze ngijabule kanye nesizwe sakho,
Ukuze ngikudumise ngokuziqhenya* kanye nefa lakho.
7 Okhokho bethu eGibhithe abazange bayazise* imisebenzi yakho emangalisayo.
Abazange balukhumbule uthando lwakho oluqotho oluchichimayo,
Kodwa badlubulunda olwandle, ngasoLwandle Olubomvu. +
9 Walukhuza uLwandle Olubomvu, loma;
Wabahola banqamula ekujuleni kwalo njengokungathi bahamba ogwadule; *+
10 Wabasindisa esandleni sesitha sabo +
Wabakhulula esandleni sesitha. +
11 Amanzi amboza izitha zabo;
Akekho noyedwa kuzo owasinda. +
13 Kodwa ngokushesha bakukhohlwa ayekwenzile; +
Abazange basilindele isiqondiso sakhe.
15 Wabanika ababekucela,
Kodwa ngemva kwalokho wabashaya ngesifo esabenza bazaca futhi bafa. +
17 Umhlaba wabe usuvuleka wagwinya uDathani
Wabagqiba labo ababezihlanganise no-Abhiramu. +
18 Umlilo walivuthela iqembu labo;
Ilangabi labashisa ababi. +
19 Benza ithole eHorebe
Bakhothamela isithombe sensimbi; *+
20 Bakhetha umfanekiso wenkunzi edla utshani +
Esikhundleni senkazimulo yami.
21 Bamkhohlwa uNkulunkulu + uMsindisi wabo,
Owenza izinto ezinkulu eGibhithe, +
22 Imisebenzi emangalisayo ezweni likaHamu, +
Izenzo ezimangalisayo oLwandle Olubomvu. +
23 Wayesezothi mababhuqwe,
Kodwa uMose okhethiwe wakhe wamncenga*
Ukuze anqande intukuthelo yakhe ebhubhisayo. +
26 Ngakho waphakamisa isandla sakhe efunga ngokuphathelene nabo
Ukuthi wayezobenza bafele ehlane; +
27 Wayezokwenza inzalo yabo ife phakathi kwezizwe,
Ayihlakazele kwamanye amazwe. +
30 Kodwa lapho uFinehasi esukuma engenela,
Isishayo sanqamuka. +
33 Bamenza waba munyu emoyeni,
Waphahluka ngezindebe zakhe. +
37 Amadodana namadodakazi abo
Babewahlabela amademoni. +
38 Baqhubeka bechitha igazi elingenacala, +
Igazi lamadodana abo namadodakazi abo
Ababewahlabela izithixo zaseKhanani; +
Izwe langcoliswa ukuchithwa kwegazi.
39 Bangcola ngenxa yemisebenzi yabo;
Bafeba ngokomoya ngezenzo zabo. +
40 Ngakho intukuthelo kaJehova yabavuthela abantu bakhe,
Walenyanya ifa lakhe.
42 Izitha zabo zabacindezela,
Baba ngaphansi kwegunya lazo.*
43 Kaningi wayebakhulula, +
Kodwa bona babedlubulunda bangalaleli, +
Babehlazeka ngenxa yesiphambeko sabo. +
45 Wayesikhumbula isivumelwano sakhe ngenxa yabo,
46 Wayenza ukuba babahawukele
Bonke labo ababebathumbile. +
Bonke abantu mabathi, “Amen!”*
Dumisani uJah!*
INCWADI YESIHLANU
(AmaHubo 107–150)
2 Abakhululwe* nguJehova mabasho kanjalo,
Labo abakhulule esandleni* sesitha, +
3 Labo ababuthele ndawonye bevela emazweni, +
Empumalanga nasentshonalanga,
Enyakatho naseningizimu. +
4 Bazulazula ehlane, ogwadule;
Abayitholanga indlela yokuya edolobheni ababengahlala kulo.
5 Babelambile futhi bomile;
Bephelelwe amandla ngenxa yokukhathala.
8 Abantu mabambonge uJehova + ngenxa yothando lwakhe oluqotho
Nangenxa yemisebenzi yakhe emangalisayo ayenzele abantwana babantu. +
9 Ngoba umanelisile owomile
Wasuthisa olambile ngezinto ezinhle. +
10 Abanye babehlala ebumnyameni,
Iziboshwa zihlupheka, ziboshwe ngezinsimbi.
11 Ngoba babedlubulundile ezwini likaNkulunkulu;
Iseluleko soPhezukonke babesidelelile. +
12 Ngakho wathobisa izinhliziyo zabo ngobunzima; +
Bakhubeka, kungekho noyedwa ozobasiza.
13 Bacela usizo kuJehova ekucindezelekeni kwabo;
Wabasindisa osizini lwabo.
14 Wabakhipha ebumnyameni,
Wagqashula ngisho namaketanga abo. +
15 Abantu mabambonge uJehova ngenxa yothando lwakhe oluqotho +
Nangenxa yemisebenzi yakhe emangalisayo ayenzele abantwana babantu.
16 Ngoba uyiphulile iminyango yethusi
Wasika nemigoqo yensimbi. +
18 Izinhliziyo zabo zazimnyama bengakufuni ukudla;
Basondela emasangweni okufa.
19 Babecela usizo kuJehova ekucindezelekeni kwabo;
Wayebasindisa osizini lwabo.
20 Wayethumela izwi lakhe abaphulukise +
Wayebakhulula emigodini ababevaleleke kuyo.
21 Abantu mabambonge uJehova ngenxa yothando lwakhe oluqotho
Nangenxa yemisebenzi yakhe emangalisayo ayenzele abantwana babantu.
22 Mabanikele imihlatshelo yokubonga +
Bamemezele imisebenzi yakhe ngokumemeza kwenjabulo.
23 Labo abahamba olwandle ngemikhumbi,
Abahwebelana emanzini amaningi, +
24 Bayibonile imisebenzi kaJehova
Nemisebenzi yakhe emangalisayo ekujuleni kolwandle; +
25 Indlela akhipha ngayo izwi abangele ukuba kube nesiphepho, +
Aphakamise amagagasi olwandle.
26 Bakhuphukela esibhakabhakeni;
Behlele phansi ekujuleni kolwandle.
Bayesaba ngenxa yenhlekelele ezayo.
27 Bayadiyazela bakhubeke njengomuntu odakiwe,
Wonke amakhono abo awasizi ngalutho. +
28 Khona-ke bakhala kuJehova ekucindezelekeni kwabo, +
Abakhulule osizini lwabo.
29 Uthulisa isivunguvungu;
Amagagasi olwandle ayathula. +
30 Bayajabula lapho ethula,
Uyabahola abayise ethekwini* abalithandayo.
31 Abantu mabambonge uJehova ngenxa yothando lwakhe oluqotho
Nangenxa yemisebenzi yakhe emangalisayo ayenzele abantwana babantu. +
33 Uphendula imifula ibe ugwadule
Neziphethu zamanzi zibe umhlabathi owomile, +
34 Izwe elivundile libe yizwe elinosawoti elingatheli, +
Ngenxa yobubi balabo abahlala kulo.
35 Uphendula ugwadule lube amachibi amanzi anomhlanga,
Nezwe elomile libe yiziphethu zamanzi. +
38 Uyababusisa bande kakhulu;
Akavumi ukuba izinkomo zabo zinciphe. +
39 Kodwa bayaphinda babe mbalwa bahlazeke
Ngenxa yokucindezelwa, inhlekelele nosizi.
40 Uthobisa izicukuthwane
Azenze zizulazule ehlane elingenazindlela. +
43 Noma ubani ohlakaniphile uyozibona lezi zinto +
Uyocabangisisa ngezenzo zikaJehova zothando oluqotho. +
Ingoma. Ihubo likaDavide.
108 Inhliziyo yami igxilile, Nkulunkulu.
Ngizohlabelela ngayo yonke inhliziyo yami* ngidlale nezinsimbi zomculo. +
2 Vuka nsimbi yomculo enezintambo; nawe habhu. +
Ngizovuka entathakusa.
3 Ngizokudumisa phakathi kwezizwe Jehova,
Ngizokuhubela izingoma zokudumisa* phakathi kwezizwe.
4 Ngoba uthando lwakho oluqotho lukhulu njengokuphakama kwamazulu, +
Nokuthembeka kwakho kufinyelela esibhakabhakeni.
5 Mawuphakanyiswe ngaphezu kwamazulu Nkulunkulu;
Inkazimulo yakho mayibe ngaphezu kwawo wonke umhlaba. +
6 Ukuze abantu bakho obathandayo bakhululwe,
Sisindise ngesandla sakho sokudla, ungiphendule. +
7 UNkulunkulu ongcwele* ukhulumile wathi:
8 IGileyadi + lingelami, njengoba nje noManase engowami,
U-Efrayimi uyisivikelo sekhanda* lami; +
UJuda uyinduku yami yomyali. +
9 UMowabi uyindishi yami yokugeza. +
Ngizophonsa imbadada yami phezu kuka-Edomi. +
Ngizomemeza ngokunqoba phezu kweFilistiya.” +
10 Ngubani ozongiyisa edolobheni elinezivikelo eziqinile?
Ngubani ozongihola ngize ngifike kwa-Edomi? +
11 O Nkulunkulu, akuwena yini osilahlile,
Nkulunkulu wethu, ongasaphumi namabutho ethu? +
Kumqondisi. Ihubo likaDavide.
109 O Nkulunkulu engimkhonzayo, + ungathuli.
2 Ngoba ababi nabakhohlisayo bavula imilomo yabo ukuze bamelane nami.
Bakhuluma ngami ngolimi olunamanga; +
3 Bangihaqa ngamazwi anenzondo,
Bangihlasela ngaphandle kwesizathu. +
4 Bamelana nami lapho ngibabonisa uthando; +
Kodwa ngiyaqhubeka ngithandaza.
6 Beka umuntu omubi phezu kwesitha sami;
Kwangathi omelene naso* angama ngasesandleni saso sokudla.
7 Lapho sahlulelwa, masitholakale sinecala;*
Kwangathi ngisho nomthandazo waso ungabhekwa njengesono. +
9 Izingane* zaso mazibe yizintandane,
Nomkaso abe ngumfelokazi.
10 Kwangathi izingane* zaso zingaphila ngokucela,
Zifune ukudla emakhaya azo acekeleke phansi.
11 Kwangathi lowo esimkweletayo angathatha zonke izinto zaso,*
Izihambi maziphange impahla yaso.
12 Makungabi namuntu osibonisa umusa,*
Makungabi namuntu obonisa izintandane zaso umusa.
14 Isiphambeko sokhokho baso masikhunjulwe nguJehova, +
Nesono sikanina kwangathi singesulwe.
15 Kwangathi uJehova angahlale ekukhumbula abakwenzile;
Kwangathi angakuqeda ukukhunjulwa kwabo emhlabeni. +
16 Ngoba lo muntu akazange akhumbule ukubonisa umusa, *+
Kodwa wayelokhu ejaha umuntu ocindezelekile, + ompofu nodangele
Ukuze ambulale. +
17 Wayethanda ukuqalekisa, ngakho yilokho okwamehlela;
Wayengathandi ukubusisa, ngakho akatholanga sibusiso.
18 Wayembethe iziqalekiso njengengubo yakhe.
Zathululelwa emzimbeni wakhe njengamanzi,
Nasemathanjeni akhe njengamafutha.
19 Kwangathi iziqalekiso zakhe zingaba njengengubo azisonga ngayo +
Nanjengebhande ahlala ezibophe ngalo.
20 Lena yinkokhelo evela kuJehova yalowo omelana nami +
Neyalabo abakhuluma okubi ngami.
21 Kodwa wena Jehova Nkosi EnguMbusi,
Ngisize ngenxa yegama lakho. +
Ngikhulule, ngoba uthando lwakho oluqotho luhle. +
23 Ngidlula njengethunzi elishabalalayo;
Ngithuntuthwe njengentethe.
24 Amadolo ami ayaxega ngenxa yokuzila ukudla;
Ngizace ngiphelile.*
25 Ngibe yinto yokuklolodelwa. +
Uma bengibona, banikina amakhanda. +
26 O Jehova Nkulunkulu wami, ngisize;
Ngisindise ngothando lwakho oluqotho.
27 Kwangathi bangazi ukuthi lokhu kungenxa yesandla sakho;
Ukuthi wena Jehova, ukwenzile.
28 Bona mabaqalekise, kodwa kwangathi wena ungabusisa.
Lapho besukuma ukuze bamelane nami, kwangathi bangahlazeka,
Kodwa inceku yakho mayijabule.
30 Ngizomdumisa kakhulu uJehova ngomlomo wami;
Ngizomdumisa phambi kwabantu abaningi. +
31 Ngoba uyokuma ngasesandleni sokudla sompofu,
Ukuze amsindise kulabo abamlahla ngecala.
Ihubo likaDavide.
110 UJehova wathi eNkosini yami:
2 UJehova uyothumela intonga yamandla akho ivela eZiyoni, ethi:
“Nqoba phakathi kwezitha zakho.” +
3 Abantu bakho bayozinikela ngokuzithandela ngosuku lwempi yakho.*
Iqembu lakho lezinsizwa linjengamaconsi amazolo entathakusa
Lingcwele futhi liyakhazimula ngokubukeka.
4 UJehova ufungile futhi ngeke awushintshe umqondo,* wathi:
Uyophihliza inhloko* yomhlaba wonke.*
7 Iyophuza* emfudlaneni ogudla umgwaqo.
Ngenxa yalokho, iyoliphakamisela phezulu ikhanda layo.
א [Aleph]
Ngizomdumisa uJehova ngayo yonke inhliziyo yami +
ב [Beth]
Eqenjini elihlangene labaqotho nasebandleni.
ג [Gimel]
ה [He]
ז [Zayin]
4 Wenza ukuba imisebenzi yakhe emangalisayo ikhunjulwe. +
ח [Heth]
ט [Teth]
5 Unika labo abamesabayo ukudla. +
י [Yod]
Ukhumbula isivumelwano sakhe kuze kube phakade. +
כ [Kaph]
מ [Mem]
ס [Samekh]
פ [Pe]
9 Ukhulule abantu bakhe. +
צ [Tsade]
Uyale ukuba isivumelwano sakhe sihlale kuze kube phakade.
ק [Qoph]
Igama lakhe lingcwele futhi liyamangalisa. +
ר [Resh]
10 Ukwesaba uJehova kuwukuqala kokuhlakanipha. +
ש [Sin]
Bonke abagcina imiyalo yakhe* babonisa ukuqonda. +
ת [Taw]
Udumo lwakhe luhlala kuze kube phakade.
א [Aleph]
ג [Gimel]
ה [He]
3 Ingcebo nomnotho kusendlini yakhe,
ו [Waw]
Uyohlala elungile kuze kube phakade.
ז [Zayin]
4 Kwabaqotho ukhanya njengesibani ebumnyameni. +
ח [Heth]
Unozwela* nesihe + futhi ulungile.
ט [Teth]
5 Kumhambela kahle umuntu obolekisa ngomusa. +
י [Yod]
Usingatha izindaba zakhe ngobulungisa.
כ [Kaph]
6 Ngeke nanini antengantengiswe. +
ל [Lamed]
Olungile uyokhunjulwa kuze kube phakade. +
מ [Mem]
7 Ngeke azesabe izindaba ezimbi. +
נ [Nun]
Inhliziyo yakhe igxilile, uthembela kuJehova. +
ס [Samekh]
8 Inhliziyo yakhe ayinakunyakaziswa;* akesabi; +
ע [Ayin]
Ekugcineni uyobona lapho izitha zakhe zinqotshwa. +
פ [Pe]
9 Uyaphana;* ubanikile abampofu. +
צ [Tsade]
Ukulunga kwakhe kuhlala kuze kube phakade. +
ק [Qoph]
Amandla akhe* ayophakanyiswa ngenkazimulo.
ר [Resh]
10 Omubi uyokubona lokhu acasuke.
ש [Shin]
Uyogedla amazinyo akhe, ashabalale.
ת [Taw]
Izifiso zomubi ziyoshabalala. +
113 Dumisani uJah!*
Mdumiseni nina zinceku zikaJehova,
Dumisani igama likaJehova.
2 Kwangathi igama likaJehova lingadunyiswa
Kusukela manje kuze kube phakade. +
3 Kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo,
Igama likaJehova malidunyiswe. +
6 Uyagoba ukuze abuke ezulwini nasemhlabeni, +
7 Aphakamise ophansi othulini.
Uphakamisa ompofu endundumeni yomlotha *+
8 Ukuze amenze ahlale kanye nezicukuthwane,
Nezicukuthwane zabantu bakhe.
Dumisani uJah!*
114 Lapho u-Israyeli ephuma eGibhithe, +
Indlu kaJakobe iphuma kubantu abakhuluma olunye ulimi,
2 UJuda waba yindawo yaKhe engcwele,
U-Israyeli waba ngumbuso waKhe. +
4 Izintaba zatshakadula njengezinqama, +
Amagquma njengamawundlu.
5 Lulwandle, yini eyakwenza wabaleka? +
Kungani Jordani wabuyela emuva? +
6 Zintaba, kungani nitshakadula njengezinqama,
Nani magquma, njengamawundlu?
7 Thuthumela mhlaba, ngenxa yeNkosi,
Ngenxa kaNkulunkulu kaJakobe, +
8 Oshintsha idwala libe yichibi lamanzi elinomhlanga,
115 Ungayiniki thina, Jehova, ungayiniki thina,*
Kodwa nika igama lakho inkazimulo +
Ngenxa yothando lwakho oluqotho nokwethembeka kwakho. +
2 Kungani izizwe kufanele zithi:
“Uphi uNkulunkulu wabo?” +
3 UNkulunkulu wethu usemazulwini;
Wenza noma yini ayithandayo.
4 Izithixo zabo ziyisiliva negolide,
Umsebenzi wezandla zomuntu. +
5 Zinomlomo kodwa azikhulumi; +
Zinamehlo kodwa aziboni;
6 Zinezindlebe kodwa azizwa;
Zinamakhala kodwa azikwazi ukuhogela;
7 Zinezandla kodwa azikwazi ukuthinta;
Zinezinyawo kodwa azikwazi ukuhamba; +
Azikwazi ukukhipha izwi ngomphimbo wazo. +
10 O wena nzalo ka-Aroni, + thembela kuJehova
—Uwusizo lwakho nehawu lakho.
12 UJehova uyasikhumbula futhi uzosibusisa;
Uzoyibusisa inzalo ka-Israyeli; +
Uzoyibusisa inzalo ka-Aroni.
13 Uzobabusisa abesaba uJehova,
Abancane kanye nabakhulu.
18 Kodwa thina sizomdumisa uJah
Kusukela manje kuze kube phakade.
Dumisani uJah!*
Ngangikhungethwe ukucindezeleka nosizi. +
4 Kodwa ngabiza igama likaJehova + ngathi:
“O Jehova, ngikhulule!”*
6 UJehova uqapha abangenalwazi. +
Ngangithotshisiwe kodwa wangisindisa.
7 Umphefumulo* wami mawuphinde uphumule,
Ngoba uJehova ungiphathe ngomusa.
9 Ngizohamba phambi kukaJehova ezweni labaphilayo.
10 Nganginokholo, ngoba ngakhuluma; +
Ngangihlupheke kakhulu.
11 Lapho ngethukile ngathi:
“Wonke umuntu ungumqambimanga.” +
12 Ngizombuyisela ngani uJehova
Ngakho konke okuhle angenzele kona?
13 Ngizothatha indebe yensindiso,*
Ngibize igama likaJehova.
14 Ngizogcwalisa izifungo zami engizenze kuJehova
Phambi kwabo bonke abantu bakhe. +
16 Ngiyakuncenga Jehova,
Ngoba ngiyinceku yakho.
Ngiyinceku yakho, indodana yencekukazi yakho.
Ungikhululile ezibophweni zami. +
17 Ngizonikela kuwe umhlatshelo wokubonga; +
Ngizobiza igama likaJehova.
18 Ngizogcwalisa izifungo zami engizenze kuJehova +
Phambi kwabo bonke abantu bakhe, +
19 Emagcekeni endlu kaJehova, +
Phakathi kwakho, Jerusalema.
2 Ngoba uthando lwakhe oluqotho asibonisa lona lukhulu; +
118 Bongani uJehova, ngoba muhle; +
Uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade.
2 Manje u-Israyeli makathi:
“Uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade.”
3 Abendlu ka-Aroni mabathi:
“Uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade.”
4 Abesaba uJehova mabathi:
“Uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade.”
6 UJehova ungakimi; ngeke ngesabe. +
Umuntu angangenzani? +
8 Kungcono ukuphephela kuJehova
Kunokuthembela kubantu. +
9 Kungcono ukuphephela kuJehova
Kunokuthembela ezikhulwini. +
11 Zangizungeza, yebo, zazingizungeze nxazonke,
Kodwa ngegama likaJehova,
Ngazixosha.
12 Zangizungeza njengezinyosi,
Kodwa zacinywa ngokushesha njengomlilo wezihlahla zameva.
Ngegama likaJehova,
Ngazixosha. +
13 Ngasunduzwa kakhulu* ukuze ngiwe,
Kodwa uJehova wangisiza.
14 UJah uyisikhoselo sami namandla ami,
Usebe yinsindiso yami. +
15 Umsindo wokujabula nensindiso*
Usematendeni abalungile.
Isandla sokudla sikaJehova sibonisa amandla aso. +
16 Isandla sokudla sikaJehova siyaziphakamisa;
Isandla sokudla sikaJehova sibonisa amandla aso. +
17 Ngeke ngife, cha, ngizophila,
Ukuze ngimemezele imisebenzi kaJah. +
19 Ngivuleleni amasango okulunga; +
Ngizongena ngawo ngidumise uJah.
20 Leli yisango likaJehova.
Abalungile bazongena ngalo. +
21 Ngizokudumisa, ngoba wangiphendula +
Waba yinsindiso yami.
24 Lolu usuku uJehova alwenzile;
Sizojabula sithokoze ngalo.
25 Jehova, sicela usisindise, siyakunxusa!
Jehova, sicela usisize sinqobe!
26 Ubusisiwe lowo oza ngegama likaJehova; +
Siyanibusisa sisendlini kaJehova.
27 UJehova unguNkulunkulu;
Usinika ukukhanya. +
28 Wena unguNkulunkulu wami, ngizokudumisa;
Nkulunkulu wami, ngizokuphakamisa. +
א [Aleph]
3 Abakwenzi ukungalungi;
Bahamba ngezindlela zakhe. +
4 Wena uyale ukuba
Imiyalo yakho igcinwe ngokucophelela. +
6 Khona-ke bengingeke ngihlazeke +
Lapho ngihlola yonke imiyalo yakho.
7 Ngizokudumisa ngenhliziyo eqotho
Lapho ngifunda izahlulelo zakho ezilungile.
8 Ngizozigcina iziqondiso zakho.
Mawungangishiyi ngokuphelele.
ב [Beth]
9 Insizwa ingayigcina kanjani indlela yayo ihlanzekile?
Ngokuhlala iqaphile ngokuvumelana nezwi lakho. +
10 Ngikufuna ngenhliziyo yami yonke.
Ungangivumeli ngiphambuke emiyalweni yakho. +
12 O Jehova, kwangathi ungadunyiswa;
Ngifundise iziqondiso zakho.
13 Ngimemezela ngezindebe zami
Zonke izahlulelo ozikhiphile.
16 Ngiyayithanda imithetho yakho.
Ngeke ngilikhohlwe izwi lakho. +
ג [Gimel]
17 Yiphathe ngomusa inceku yakho,
Ukuze ngiphile, ngigcine izwi lakho. +
18 Vula amehlo ami ukuze ngizibone kahle
Izinto ezimangalisayo ezisemthethweni wakho.
19 Ngiyisifiki nje ezweni. +
Ungangifihleli imiyalo yakho.
20 Ngiyafa ukulangazelela*
Izahlulelo zakho ngaso sonke isikhathi.
21 Uyabakhuza abagabadelayo
Abaqalekisiwe, labo abaphambukayo emiyalweni yakho. +
22 Susa kimi* ukwedelelwa nokweyiswa,
Ngoba ngizigcinile izikhumbuzo zakho.
23 Ngisho nalapho izikhulu zihlala ndawonye zikhulume ngokumelene nami,
Inceku yakho izindla* ngeziqondiso zakho.
ד [Daleth]
Ngilonde ngokwesithembiso sakho. +
26 Ngikutshelile ngezindlela zami wangiphendula;
Ngifundise iziqondiso zakho. +
28 Bengiqwashile ngenxa yosizi.
Ngiqinise ngokwesithembiso sakho.
29 Susa kimi indlela yokukhohlisa, +
Ungibonise umusa ngomthetho wakho.
30 Ngikhethe indlela yokwethembeka. +
Ngiyaqaphela ukuthi izahlulelo zakho zilungile.
31 Ngibambelele ezikhumbuzweni zakho. +
O Jehova, ungangivumeli ngidumazeke. *+
ה [He]
34 Ngiphe ukuqonda,
Ukuze ngigcine umthetho wakho
Ngiwugcine ngenhliziyo yami yonke.
37 Yenza ukuba amehlo ami angakuboni okungenanzuzo; +
Ngilonde endleleni yakho.
39 Susa ihlazo engilesabayo,
Ngoba izahlulelo zakho zinhle. +
40 Bheka ukuthi ngiyilangazelela kanjani imiyalo yakho.
Ngilonde ngokulunga kwakho.
ו [Waw]
41 Kwangathi ngingathola uthando lwakho oluqotho, Jehova, +
Insindiso yakho ngokuvumelana nesithembiso sakho; *+
42 Khona-ke ngiyomphendula ongiklolodelayo,
Ngoba ngithembele ezwini lakho.
43 Ungalisusi ngokuphelele izwi leqiniso emlonyeni wami,
Ngoba ngithembele esahlulelweni* sakho.
44 Ngizowugcina njalo umthetho wakho,
Kuze kube phakade naphakade. +
46 Ngizokhuluma ngezikhumbuzo zakho phambi kwamakhosi,
Ngeke ngibe namahloni. +
47 Ngiyayithanda imiyalo yakho,
Yebo, ngiyayithanda. +
48 Ngizophakamisa izandla zami ngithandaze ngenxa yokuthi ngiyayithanda imiyalo yakho, +
ז [Zayin]
50 Lena yinduduzo yami ekuhluphekeni kwami, +
Ngoba izwi lakho lingilondile.
51 Abagabadelayo bangihleka usulu ngokuphelele,
Kodwa angiphambuki emthethweni wakho. +
53 Ngigcwele intukuthelo evuthayo ngenxa yababi,
Abashiya umthetho wakho. +
54 Iziqondiso zakho ziyizingoma kimi
Nomaphi lapho ngihlala khona.*
55 O Jehova, ebusuku ngiyalikhumbula igama lakho, +
Ukuze ngigcine umthetho wakho.
56 Lokhu bengilokhu ngikwenza
Ngoba ngiyigcinile imiyalo yakho.
ח [Heth]
59 Ngizihlolile izindlela zami,
Ukuze ngiphinde ngilandele izikhumbuzo zakho. +
60 Ngiyashesha, angilibali
Ukugcina imiyalo yakho. +
61 Izintambo zababi zingizungezile,
Kodwa angiwukhohlwa umthetho wakho. +
62 Phakathi kwamabili ngiyavuka ukuze ngikubonge +
Ngezahlulelo zakho ezilungile.
63 Ngingumngani wabo bonke abakwesabayo
Nowalabo abagcina imiyalo yakho. +
64 O Jehova, uthando lwakho oluqotho lugcwele umhlaba; +
Ngifundise iziqondiso zakho.
ט [Teth]
65 O Jehova, uyiphathe kahle inceku yakho,
Ngokwezwi lakho.
66 Ngifundise ukuqonda nolwazi, +
Ngoba ngithembele emiyalweni yakho.
68 Wena umuhle + nemisebenzi yakho mihle.
Ngifundise iziqondiso zakho. +
69 Abagabadelayo bangibheca ngamanga,
Kodwa mina ngigcina imiyalo yakho ngayo yonke inhliziyo yami.
71 Kuhle ukuthi ngihlushiwe, +
Ukuze ngifunde iziqondiso zakho.
י [Yod]
73 Izandla zakho zingenzile, zangibumba.
Ngiphe ukuqonda,
Ukuze ngifunde imiyalo yakho. +
75 O Jehova, ngiyazi ukuthi izahlulelo zakho zilungile +
Nokuthi ungijezisile ngenxa yokwethembeka kwakho. +
76 Ngiyacela, kwangathi uthando lwakho oluqotho + lungangiduduza,
Ngokwesithembiso owasenza* encekwini yakho.
78 Kwangathi abagabadelayo bangahlazeka,
Ngoba bangona ngaphandle kwesizathu.*
Kodwa mina ngizozindla* ngemiyalo yakho. +
79 Labo abakwesabayo mababuyele kimi,
Labo abazaziyo izikhumbuzo zakho.
כ [Kaph]
83 Ngoba nginjengesigubhu sesikhumba esilenga entuthwini,
Kodwa angizikhohlwa iziqondiso zakho. +
84 Inceku yakho kumele ilinde izinsuku ezingaki?
Uyosiletha nini isahlulelo kulabo abangishushisayo? +
85 Abagabadelayo bangimbela imigodi,
Labo abaphikisana nomthetho wakho.
86 Yonke imiyalo yakho ithembekile.
Abantu bangishushisa ngaphandle kwesizathu; ngisize! +
87 Bacishe bangiqothula,
Kodwa angizange ngiyishiye imiyalo yakho.
88 Ngilonde ngenxa yothando lwakho oluqotho,
Ukuze ngigcine izikhumbuzo ozishilo.
ל [Lamed]
89 O Jehova, izwi lakho limi emazulwini
Kuze kube phakade. +
90 Ukwethembeka kwakho kukuzo zonke izizukulwane. +
Uwumise waqina umhlaba, ukuze uqhubeke umile. +
91 Ngenxa yezahlulelo zakho kumile* kuze kube namuhla,
Ngoba konke kuyizinceku zakho.
92 Ukube bengingawuthandi umthetho wakho,
Ngabe ngishabalele ekuhluphekeni kwami. +
93 Angisoze ngayikhohlwa imiyalo yakho,
Ngoba ngayo ungilondile. +
95 Ababi balinde ukungiqothula,
Kodwa ngiyazinakisisa izikhumbuzo zakho.
96 Ngiwubonile umkhawulo wakho konke ukuphelela,
Kodwa umyalo wakho awunamkhawulo.*
מ [Mem]
97 Yeka indlela engiwuthanda ngayo umthetho wakho! +
Ngizindla* ngawo usuku lonke. +
98 Umyalo wakho ungenza ngihlakaniphe kunezitha zami, +
Ngoba ungihola njalo.
100 Ngenza ngokuqonda kakhudlwana kunamadoda amadala,
Ngoba ngigcina imiyalo yakho.
101 Ngeke ngihambe kunoma iyiphi indlela yobubi, +
Ukuze ngigcine izwi lakho.
102 Angiphambuki ezahlulelweni zakho,
Ngoba wena ungifundisile.
103 Yeka indlela amazwi akho amnandi ngayo olimini lwami,
Adlula uju emlonyeni wami! +
104 Ngiziphatha ngokuqonda ngenxa yemiyalo yakho. +
Yingakho ngizizonda zonke izindlela zamanga. +
נ [Nun]
105 Izwi lakho liyisibani esiqondisa izinyathelo zami,
Nokukhanya okukhanyisa indlela yami. +
106 Ngenze isifungo futhi ngizosifeza,
Ukuze ngigcine izahlulelo zakho ezilungile.
107 Ngihlushwe kakhulu. +
O Jehova, ngilonde ngokwezwi lakho. +
108 O Jehova, ngicela uyijabulele iminikelo yami yokuzithandela yokudumisa, *+
Ungifundise izahlulelo zakho. +
110 Ababi bangibekele isicupho,
Kodwa angiphambukanga emiyalweni yakho. +
112 Nginqume* ukulalela iziqondiso zakho
Ngaso sonke isikhathi, kuze kube sekugcineni.
ס [Samekh]
114 Wena uyindawo yami yokucasha nehawu lami. +
Ngoba ngithembele ezwini* lakho. +
115 Ningasondeli kimi, nina bantu ababi, +
Ukuze ngigcine imiyalo kaNkulunkulu wami.
118 Ubalahlile bonke abaphambukayo eziqondisweni zakho, +
Ngoba banamanga futhi bayakhohlisa.
119 Ubalahla njengokungathi udoti* bonke ababi bomhlaba. +
Yingakho ngizithanda izikhumbuzo zakho.
120 Ukukwesaba kwenza umzimba wami uqhaqhazele;
Ngiyazesaba izahlulelo zakho.
ע [Ayin]
121 Ngikhiphe izahlulelo ezinobulungisa ngenza okulungile.
Unganginikeli kulabo abangicindezelayo!
122 Thembisa ukuthi uzoyisiza inceku yakho;
Kwangathi abagabadelayo bangengicindezele.
125 Ngiyinceku yakho; ngiphe ukuqonda, +
Ukuze ngazi izikhumbuzo zakho.
126 Sesifikile isikhathi sokuba uJehova athathe isinyathelo, +
Ngoba bawuphulile umthetho wakho.
פ [Pe]
129 Izikhumbuzo zakho ziyamangalisa.
Yingakho ngizigcina.
132 Phendukela kimi ungibonise umusa, +
Ngokuvumelana nendlela owahlulela ngayo labo abathanda igama lakho. +
134 Ngikhulule kubantu abangicindezelayo,
Ngizoyigcina imiyalo yakho.
136 Amehlo ami ageleza izinyembezi
Ngenxa yokuthi abantu abawugcini umthetho wakho. +
צ [Tsade]
138 Izikhumbuzo zakho zilungile
Zithembeke ngokuphelele.
139 Ukuzinikela kwami kuwe kunjengomlilo ovuthayo ngaphakathi kimi, +
Ngoba izitha zami ziwakhohliwe amazwi akho.
141 Angilutho futhi ngidelelekile; +
Noma kunjalo, angizange ngiyikhohlwe imiyalo yakho.
143 Nakuba ukucindezeleka nobunzima kungehlela,
Ngilokhu ngiyithanda imiyalo yakho.
144 Ukulunga kwezikhumbuzo zakho kuhlala kuze kube phakade.
Ngiphe ukuqonda, + ukuze ngiqhubeke ngiphila.
ק [Qoph]
145 Ngikubiza ngenhliziyo yami yonke. O Jehova, ngiphendule.
Ngizozigcina iziqondiso zakho.
146 Ngiyakubiza; ngisindise!
Ngizozigcina izikhumbuzo zakho.
149 Lalela izwi lami ngenxa yothando lwakho oluqotho. +
O Jehova, ngilonde ngokuvumelana nobulungisa bakho.
150 Labo abaziphatha ngokuhlazisayo* basondela kimi;
Bakude nomthetho wakho.
152 Ngazazi kudala izikhumbuzo zakho,
Owazimisa ukuze zihlale phakade. +
ר [Resh]
153 Kubone ukuhlupheka kwami, ungikhulule, +
Ngoba angizange ngiwukhohlwe umthetho wakho.
155 Insindiso ikude nababi,
Ngoba abazange bazifune iziqondiso zakho. +
156 O Jehova, sikhulu isihe sakho. +
Ngilonde ngokuvumelana nobulungisa bakho.
157 Ziningi izitha zami kanye nabangishushisayo; +
Kodwa angizange ngiphambuke ezikhumbuzweni zakho.
158 Ngibabheka ngokubenyanya abakhohlisayo,
Ngoba abaligcini izwi lakho. +
159 Bheka ukuthi ngiyithanda kanjani imiyalo yakho!
O Jehova, ngilonde ngenxa yothando lwakho oluqotho. +
160 Izwi lakho lilonke liyiqiniso, +
Nazo zonke izahlulelo zakho ezilungile zihlala kuze kube phakade.
ש [Sin] noma [Shin]
161 Izikhulu zingishushisa + ngaphandle kwesizathu,
Kodwa inhliziyo yami iyamangala ngenxa yamazwi akho. +
162 Ngiyathokoza ngezwi lakho +
Njengomuntu othola impango eningi.
164 Ngikudumisa kasikhombisa ngosuku
Ngenxa yezahlulelo zakho ezilungile.
166 O Jehova, ngithembele ensindisweni yakho,
Ngiyayigcina imiyalo yakho.
167 Ngiyazigcina izikhumbuzo zakho,
Ngizithanda kakhulu. +
168 Ngiyayigcina imiyalo yakho nezikhumbuzo zakho,
Ngoba uyakwazi konke engikwenzayo. +
ת [Taw]
169 O Jehova, kwangathi ungangizwa lapho ngikhalela usizo. +
Ngenze ngiqonde, ngokwezwi lakho. +
170 Kwangathi ungakulalela ukunxusa kwami.
Ngisindise ngokwesithembiso sakho.*
171 Kwangathi izindebe zami zingachichima amazwi okudumisa, +
Ngoba ungifundisa iziqondiso zakho.
172 Kwangathi ulimi lwami lungahuba ngezwi lakho, +
Ngoba yonke imiyalo yakho ilungile.
174 O Jehova, ngilangazelela insindiso yakho,
Nomthetho wakho ngiyawuthanda. +
175 Kwangathi ngingaphila ukuze ngikudumise; +
Kwangathi izahlulelo zakho zingangisiza.
176 Ngidukile njengemvu elahlekile. + Funa inceku yakho,
Ngoba angizange ngiyikhohlwe imiyalo yakho. +
INgoma Yokwenyuka.*
2 O Jehova, ngikhulule* ezindebeni eziqamba amanga
Nasolimini olukhohlisayo.
5 Maye kimi, ngoba ngihlale njengesifiki kwaMesheke! +
Bengihlala ematendeni kaKhedari. +
7 Ngithanda ukuthula, kodwa lapho ngikhuluma,
Bafuna impi.
INgoma Yokwenyuka.
121 Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni. +
Usizo lwami luvelaphi?
2 Usizo lwami luvela kuJehova, +
UMenzi wezulu nomhlaba.
3 Akasoze avumela unyawo lwakho lushelele. *+
Lowo okuqaphile akasoze ozela.
4 Bheka! Ngeke ozele noma alale,
Lowo oqaphe u-Israyeli. +
5 UJehova ukuqaphile.
UJehova ungumthunzi + esandleni sakho sokudla. +
7 UJehova uyokuvikela ezingozini. +
8 UJehova uyokuqapha kukho konke okwenzayo*
Kusukela manje kuze kube phakade.
INgoma Yokwenyuka. EkaDavide.
122 Ngajabula lapho bethi kimi:
“Masiye endlini kaJehova.” +
2 Manje izinyawo zethu zimi
Ngaphakathi kwamasango akho, Jerusalema. +
3 IJerusalema lakhiwe njengedolobha
Linezakhiwo ezisondelene. +
4 Izizwe zikhuphukele kulo,
Izizwe zikaJah,*
Ngokuvumelana nomthetho owanikwa u-Israyeli,
Ukuba ziyobonga igama likaJehova. +
6 Celani ukuba iJerusalema libe nokuthula. +
O dolobha, labo abakuthandayo bayovikeleka.
7 Kwangathi ukuthula kungaqhubeka ngaphakathi kwezindonga zakho zokuvikela,*
Ukulondeka ngaphakathi kwemibhoshongo yakho eqinile.
8 Ngizokhuluma ngenxa yabafowethu nabangani bami ngithi:
“Kwangathi kungaba nokuthula phakathi kwenu.”
9 Ngenxa yendlu kaJehova uNkulunkulu wethu, +
Ngizokufunela okuhle.
INgoma Yokwenyuka.
123 Ngiphakamisela amehlo ami kuwe, +
Wena ohlezi esihlalweni sobukhosi emazulwini.
2 Njengoba izinceku zibheka enkosini yazo,
Nencekukazi ibheka endlovukazini yayo,
Kanjalo nathi sibheka kuJehova uNkulunkulu wethu +
Aze asibonise umusa. +
3 Sibonise umusa, Jehova, sibonise umusa,
Ngoba sesanele ukwedelelwa. +
4 Sesanele* ukuhlekwa usulu yilabo abaqhoshayo
Nokwedelelwa yilabo abazikhukhumezayo.
INgoma Yokwenyuka. EkaDavide.
124 “Ukube uJehova ubengekho ngakithi” +
—U-Israyeli makathi—
2 “Ukube uJehova ubengekho ngakithi +
Lapho abantu besihlasela, +
3 Khona-ke ngabe basigwinya siphila +
Lapho intukuthelo yabo isivuthela. +
5 Amanzi agubhayo ngabe adlula phezu kwethu.*
6 Makadunyiswe uJehova,
Ngoba akazange asinikele njengenyamazane emazinyweni abo.
8 Usizo lwethu lusegameni likaJehova, +
UMenzi wezulu nomhlaba.”
INgoma Yokwenyuka.
125 Labo abathembela kuJehova +
BanjengeNtaba iZiyoni, engenakunyakaziswa
Kodwa ehlala kuze kube phakade. +
2 Njengoba izintaba zizungeze iJerusalema, +
Kanjalo uJehova uzungeze abantu bakhe +
Kusukela manje kuze kube phakade.
3 Intonga yobubi ngeke iqhubeke ihlezi phezu kwezwe elabelwe abalungile, +
5 Kodwa labo abaphambukela ezindleleni zabo ezigwegwile,
UJehova uyobasusa kanye nabenza okubi. +
Kwangathi kungaba nokuthula kwa-Israyeli.
INgoma Yokwenyuka.
126 Lapho uJehova ebuyisa abathunjiwe baseZiyoni, +
Sasicabanga ukuthi siyaphupha.
2 Ngaleso sikhathi sahleka kakhulu
Samemeza ngenjabulo. +
Ngaleso sikhathi izizwe zathi:
“UJehova ubenzele izinto ezinkulu.” +
3 UJehova usenzele izinto ezinkulu. +
Sijabule kakhulu.
4 O Jehova, buyisa izithunjwa zakithi,
Njengalapho imvula igcwalisa imifudlana yaseNegebhi.*
5 Labo abahlwanyela imbewu ngezinyembezi
Bayovuna ngokuthokoza.
6 Lowo ophumayo, nakuba ekhala,
Ephethe isaka elinembewu,
Nakanjani uyobuya ethokozile, +
Ethwele isivuno sakhe. +
INgoma Yokwenyuka. EkaSolomoni.
127 Ngaphandle kokuba uJehova eyakha indlu,
Akusizi ngalutho ukuthi abakhi bayo basebenza kanzima kuyo. +
Ngaphandle kokuba uJehova eliqapha idolobha, +
Akusizi ngalutho ukuthi umqaphi ahlale ephapheme.
2 Akusizi ngalutho ukuthi nivuka ekuseni kakhulu,
Ukuthi nisebenza kuze kube sebusuku,
Ukuthi niyazikhandla ukuze nithole ukudla,
Ngoba uyabanakekela labo abathandayo, aphinde abanike ubuthongo. +
4 Njengemicibisholo esandleni seqhawe,
Banjalo abantwana bobusha bomuntu. +
5 Iyajabula indoda egcwalise umgodla wayo ngabo. +
INgoma Yokwenyuka.
2 Uyodla lokho okusebenzele kanzima ngezandla zakho.
Uyojabula futhi kuyokuhambela kahle. +
3 Umkakho uyoba njengensimu yamagilebhisi ethelayo ngaphakathi endlini yakho; +
Abantwana bakho bayoba njengamahlumela esihlahla somnqumo nxazonke zetafula lakho.
4 Bheka! Iyobusiswa kanjalo indoda +
Eyesaba uJehova.
5 UJehova uyokubusisa eseZiyoni.
Kwangathi ungabona iJerusalema lichuma zonke izinsuku zokuphila kwakho +
6 Ubone nabazukulu bakho.
Sengathi kungaba nokuthula kwa-Israyeli.
INgoma Yokwenyuka.
129 “Bebelokhu bengihlasela kusukela ebusheni bami” +
—Manje u-Israyeli makathi—
2 “Bebelokhu bengihlasela kusukela ebusheni bami; +
Kodwa abazange banginqobe. +
3 Abalimi balime emhlane wami; +
Bayenze yaba mide imisele yabo.”
5 Bayoba namahloni babuyele emuva behlazekile,
Bonke labo abazonda iZiyoni. +
6 Bayoba njengotshani obusophahleni,
Obubuna bungakasishulwa,
7 Obungeke bugcwale esandleni somvuni
Noma ezingalweni zobutha izithungo.
8 Labo abadlulayo ngeke bathi:
“Isibusiso sikaJehova masibe phezu kwenu;
Siyanibusisa egameni likaJehova.”
INgoma Yokwenyuka.
130 O Jehova, ngiyakubiza lapho ngiphelelwe yithemba. +
2 O Jehova, yizwa izwi lami.
Kwangathi izindlebe zakho zingangizwa lapho ngicela usizo.
5 Ngithembele kuJehova, umphefumulo wami uthembele kuye;
Ngilindele ukugcwaliseka kwesithembiso sakhe.
Impela, ukwedlula abalindi abalinde ukusa.
7 U-Israyeli makaqhubeke elinde uJehova,
Ngoba uJehova uqotho othandweni lwakhe, +
Unamandla amakhulu okukhulula.
8 Uyomthethelela u-Israyeli zonke iziphambeko zakhe.
INgoma Yokwenyuka. EkaDavide.
131 O Jehova, inhliziyo yami ayizikhukhumezi,
Namehlo ami awaqhoshi; +
Angizifuneli izinto ezinkulu kakhulu, +
Noma izinto ezingaphezu kwamandla ami.
2 Cha, kodwa ngiwuzolisile futhi ngawuthulisa umphefumulo* wami *+
Njengengane eyekiswe ibele egone kunina;
Nganelisekile njengengane eyekiswe ibele.
3 U-Israyeli makalinde uJehova +
Kusukela manje kuze kube phakade.
INgoma Yokwenyuka.
132 O Jehova, khumbula uDavide
Nakho konke ukuhlupheka kwakhe; +
2 Indlela afunga ngayo kuJehova,
Indlela enza ngayo isifungo konaMandla kaJakobe, wathi: +
3 “Ngeke ngingene etendeni lami, endlini yami. +
Ngeke ngilale kusofa wami, embhedeni wami;
4 Ngeke ngiwavumele amehlo ami alale,
Noma amehlo ami ukuba ozele
5 Ngize ngitholele uJehova indawo,
9 Abapristi bakho mabembathe ukulunga,
Abantu bakho abaqotho mabamemeze ngenjabulo.
11 UJehova ufungile kuDavide;
Nakanjani ngeke akushintshe akusho lapho ethi:
12 Uma amadodana akho egcina isivumelwano sami
Nezikhumbuzo zami engiwafundisa zona, +
Namadodana awo
Ayohlala phakade esihlalweni sakho sobukhosi.” +
14 “Lena yindawo yami yokuphumula yaphakade;
Ngizohlala lapha, + ngoba lokhu kuyisifiso sami.
15 Ngizolibusisa ngokudla okuningi;
Ngizokwanelisa abampofu abahlala khona ngesinkwa. +
17 Ngizokwenza amandla kaDavide ande* lapho.
Ngihlelele ogcotshiwe wami isibani. +
18 Izitha zakhe ngizozembathisa amahloni,
Kodwa umqhele osekhanda lakhe uyochuma.” +
INgoma Yokwenyuka. EkaDavide.
133 Bheka! Yeka ukuthi kuhle futhi kumnandi kanjani
Ukuba abazalwane bahlale ndawonye ngobunye! +
2 Kunjengamafutha amahle athelwe ekhanda +
Agelezela entshebeni,
Intshebe ka-Aroni, +
Ehlela esiphikeni sezingubo zakhe.
UJehova wayala ukuba isibusiso sakhe sibe lapho
—Ukuphila okuphakade.
INgoma Yokwenyuka.
3 Kwangathi uJehova, uMenzi wezulu nomhlaba,
Angakubusisa eseZiyoni.
135 Dumisani uJah!*
Dumisani igama likaJehova;
Mdumiseni, zinceku zikaJehova, +
2 Nina enimi endlini kaJehova,
Emagcekeni endlu kaNkulunkulu wethu. +
3 Dumisani uJah, ngoba uJehova muhle. +
Hubelani* igama lakhe, ngoba kumnandi.
5 Ngoba ngazi kahle ukuthi uJehova mkhulu;
INkosi yethu ingaphezu kwabo bonke abanye onkulunkulu. +
6 UJehova wenza konke athanda ukukwenza +
Ezulwini nasemhlabeni, ezilwandle nasekujuleni kwazo.
7 Ubangela ukuba amafu* enyuke esuka emikhawulweni yomhlaba;
Wenzela imvula imibani;*
Ukhipha umoya ezinqolobaneni zakhe. +
8 Wabulala amazibulo aseGibhithe,
Abantu nezilwane. +
9 Wathumela izibonakaliso nezimangaliso phakathi kwakho, Gibhithe, +
KuFaro nakuzo zonke izinceku zakhe. +
10 Washaya izizwe eziningi +
Wabulala amakhosi anamandla +
11 —USihoni inkosi yama-Amori, +
U-Ogi inkosi yaseBhashani, +
Nayo yonke imibuso yaseKhanani.
12 Wanikela ngezwe labo laba yifa,
Ifa ku-Israyeli isizwe sakhe. +
13 O Jehova, igama lakho lihlala kuze kube phakade.
O Jehova, udumo lwakho* luhlala isizukulwane ngesizukulwane. +
15 Izithixo zezizwe ziyisiliva negolide,
Umsebenzi wezandla zomuntu. +
Akukho moya emlonyeni wazo. +
19 O wena ndlu ka-Israyeli, dumisani uJehova.
O wena ndlu ka-Aroni, dumisani uJehova.
20 O wena ndlu kaLevi, dumisani uJehova. +
Nina enesaba uJehova, dumisani uJehova.
Dumisani uJah! +
2 Bongani uNkulunkulu wonkulunkulu, +
Ngoba uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade.
3 Bongani iNkosi yamakhosi,
Ngoba uthando lwayo oluqotho luhlala kuze kube phakade.
4 Yena yedwa wenza izinto ezinkulu ezimangalisayo, +
Ngoba uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade. +
6 Wendlala umhlaba phezu kwamanzi, +
Ngoba uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade.
7 Wenza izinkanyiso ezinkulu, +
Ngoba uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade,
8 Ilanga ukuba libuse emini, +
Ngoba uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade,
9 Inyanga nezinkanyezi ukuba kubuse ebusuku, +
Ngoba uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade.
10 Wabulala amazibulo aseGibhithe, +
Ngoba uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade.
11 Wakhipha u-Israyeli phakathi kwalo, +
Ngoba uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade,
12 Ngesandla esinamandla + nangengalo eyeluliwe,
Ngoba uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade.
13 Wahlukanisa uLwandle Olubomvu phakathi, *+
Ngoba uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade.
14 Wabangela u-Israyeli ukuba adlule phakathi kwalo, +
Ngoba uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade.
15 Wathuntuthela uFaro nebutho lakhe lempi oLwandle Olubomvu, +
Ngoba uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade.
16 Wahola abantu bakhe ehlane, +
Ngoba uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade.
17 Wabulala amakhosi amakhulu, +
Ngoba uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade.
18 Wabulala amakhosi anamandla,
Ngoba uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade,
19 USihoni + inkosi yama-Amori,
Ngoba uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade,
20 No-Ogi + inkosi yaseBhashani,
Ngoba uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade.
21 Wanikela ngezwe lawo laba yifa, +
Ngoba uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade,
22 Laba yifa lika-Israyeli inceku yakhe,
Ngoba uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade.
24 Wayelokhu esikhulula ezitheni zethu, +
Ngoba uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade.
25 Unika yonke into ephilayo ukudla, +
Ngoba uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade.
26 Bongani uNkulunkulu wamazulu,
Ngoba uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade.
137 Sahlala ngasemifuleni yaseBhabhiloni. +
Sakhala lapho sikhumbula iZiyoni. +
3 Ngoba labo ababesithumbile basicela lapho ukuba sibaculele ingoma, +
Labo ababesenza inhlekisa babefuna injabulo, bethi:
“Siculeleni enye yezingoma zaseZiyoni.”
4 Singayicula kanjani ingoma kaJehova
Kwelinye izwe?
6 Ulimi lwami malunamathele olwangeni lwami
Uma ngingakukhumbuli,
Uma ngingalenzi iJerusalema libe ngaphezu
Kwezizathu zami ezinkulu zokujabula. +
7 O Jehova, khumbula
Lokho abakwa-Edomi abakusho ngosuku okwanqotshwa ngalo iJerusalema, bethi:
“Lidilizeni! Lidilizeni kuze kube sezisekelweni zalo!” +
8 O Ndodakazi yaseBhabhiloni, ezocekelwa phansi maduzane, +
Uyojabula lowo oyophindisela kuwe
Ngempatho yakho owasiphatha ngayo. +
9 Uyojabula lowo obamba abantwana bakho
Abaphahlaze edwaleni. +
ElikaDavide.
138 Ngizokudumisa ngayo yonke inhliziyo yami. +
Ngizokuculela izingoma zokudumisa,
Phambi kwabanye onkulunkulu.*
2 Ngizokhothama ngibheke ngasethempelini lakho elingcwele, *+
Ngizolidumisa igama lakho +
Ngenxa yothando lwakho oluqotho nokwethembeka kwakho.
Ngoba ulikhazimulisile izwi lakho negama lakho ngaphezu kwayo yonke enye into.*
4 O Jehova, wonke amakhosi omhlaba ayokudumisa, +
Ngoba ayobe ezwile ngezithembiso zakho.
5 Ayohlabelela ngezindlela zikaJehova,
Ngoba inkazimulo kaJehova inkulu. +
7 Ngisho noma ngisengozini, uyongilonda. +
Uyokwelula isandla sakho ungivikele entukuthelweni yezitha zami;
Isandla sakho sokudla siyongisindisa.
8 UJehova uyongenzela zonke izinto.
O Jehova, uthando lwakho oluqotho luhlala kuze kube phakade; +
Ungayishiyi imisebenzi yezandla zakho. +
Kumqondisi. Ihubo likaDavide.
139 O Jehova, ungihlolile futhi uyangazi. +
2 Uyazi lapho ngihlala nalapho ngisukuma. +
Ubona imicabango yami ukude. +
4 Akukho zwi olimini lwami,
Kodwa bheka! Jehova, wena usulazi kahle. +
5 Ngemuva nangaphambi kwami, ungizungezile;
Ubeka isandla sakho phezu kwami.
6 Ulwazi olunjalo angikwazi ukuluqonda.*
Luphakeme kakhulu, angikwazi ukulufinyelela. *+
7 Ngingawubalekela kanjani umoya wakho,
Ngingacasha kuphi lapho ungeke ungibone khona? +
8 Ukube bengingakhuphukela ezulwini, ubuyobe ulapho,
9 Ukube bengingandiza ngamaphiko okuntwela kokusa
Ukuze ngiyohlala ngasolwandle olukude kakhulu,
10 Ngisho nalapho isandla sakho besiyongihola
Nesandla sakho sokudla besiyongibamba. +
11 Uma ngithi: “Ngokuqinisekile ubumnyama buzongimboza!”
Khona-ke ubusuku obungizungezile bebuyoba ukukhanya.
12 Ngisho nobumnyama bebungeke bube mnyama kakhulu kuwe,
Kodwa ubusuku bebuyokhanya njengemini; +
Ubumnyama buyafana nokukhanya kuwe. +
14 Ngiyakudumisa ngenxa yokuthi ngenziwe ngendlela emangalisayo. +
Imisebenzi yakho iyamangalisa, +
Ngikwazi kahle lokhu.
15 Amathambo ami ayengafihlekile kuwe
Lapho ngenziwa ekusithekeni,
Lapho ngelukwa ekujuleni komhlaba. +
16 Amehlo akho angibona ngisho ngisewumbungu;
Zonke izitho zawo zazilotshiwe encwadini yakho
Ngokuqondene nezinsuku ezabunjwa ngazo,
Kungakabi bikho nesisodwa sazo.
17 Ave iyigugu imicabango yakho kimi! +
O Nkulunkulu, yeka indlela eminingi ngayo! +
18 Uma ngizama ukuyibala, miningi kunezinhlayiya zesihlabathi. +
Lapho ngiphaphama, ngisenawe. *+
19 O Nkulunkulu, ukube nje ubungambulala omubi! +
Khona-ke abantu abanodlame* bebeyosuka kimi,
20 Labo abakhuluma izinto ngawe ngezinhloso ezimbi;*
Bayizitha zakho ezidelela igama lakho. +
22 Ngibazonda ngokuphelele; +
Sebeyizitha zami zangempela.
23 O Nkulunkulu ngihlole, wazi inhliziyo yami. +
Ngihlole, wazi imicabango yami engikhathazayo. *+
Kumqondisi. Ihubo likaDavide.
140 O Jehova, ngikhulule kubantu ababi;
Ngivikele kubantu abanobudlova, +
2 Labo abaceba izinto ezimbi ezinhliziyweni zabo +
Ababhebhezela ingxabano usuku lonke.
5 Abazidlayo bangifihlela isicupho;
Bendlala inethi ngezintambo eceleni kwendlela. +
Bangibekela izihibe. + (Sela)
6 Ngithi kuJehova: “Wena unguNkulunkulu wami.
O Jehova, lalela lapho ngicela usizo.” +
7 O Jehova Nkosi EnguMbusi, Msindisi wami onamandla,
Uvikela ikhanda lami ngosuku lwempi. +
8 O Jehova, ungabaniki ababi lokho abakufisayo.
Ungawaphumelelisi amacebo abo, ukuze bangaphakami. + (Sela)
9 Kwangathi amakhanda alabo abangizungezile
Angambozwa ububi obuphuma ezindebeni zabo. +
10 Kwangathi amalahle avuthayo angawela phezu kwabo. +
11 Kwangathi umnyundeli angeyithole indawo emhlabeni. *+
Kwangathi ububi bungabajaha abantu abanobudlova bubabulale.
12 Ngiyazi ukuthi uJehova uyomvikela ophansi
Amenzele ubulungisa ompofu. +
Ihubo likaDavide.
141 O Jehova, ngiyakubiza. +
Shesha uzongisiza. +
Ngilalele lapho ngikubiza. +
2 Kwangathi umthandazo wami ungaba njengempepho + elungisiwe phambi kwakho, +
Izandla zami eziphakanyisiwe zibe njengomnikelo wokudla okusanhlamvu wakusihlwa. +
3 O Jehova, bekela umlomo wami umqaphi,
Beka umlindi aqaphe umnyango wezindebe zami. +
4 Ungayivumeli inhliziyo yami ukuba ithande okubi, +
Ukuba ngenze izinto ezimbi nabantu ababi;
Sengathi ngingezitike ngezibiliboco zabo.
5 Uma olungile engangishaya, ubeyobe engibonisa uthando oluqotho; +
Uma engisola, bekuyoba njengamafutha ekhanda lami, +
Ikhanda lami elingeke liwenqabe. +
Umthandazo wami ubuyoqhubeka ngisho nalapho ebhekene nezinhlekelele.
6 Nakuba abahluleli babo bephonswa phansi eweni,
Abantu bayowezwa amazwi ami ngoba amnandi.
7 Njengalapho umuntu elima, eqhekeza umhlabathi,
Amathambo ethu asakazeke kanjalo emlonyeni weThuna.*
8 Kodwa amehlo ami abheke kuwe, O Jehova Nkosi EnguMbusi. +
Ngiphephele kuwe.
Ungakususi ukuphila kwami.
9 Ngivikele ekubanjweni yisicupho abangibekele sona,
Ezingibeni zabenzi bokubi.
10 Ababi bayowela emanethini abo kanyekanye +
Kuyilapho mina ngidlula ngokuphepha.
Imaskili* likaDavide lapho esemhumeni. + Umthandazo.
142 Ngezwi lami, ngicela usizo kuJehova; +
Ngezwi lami, ngincenga uJehova ukuba angibonise umusa.
2 Ngithululela ukukhathazeka kwami kuye;
Ngimtshela ngokucindezeleka kwami +
3 Lapho umoya wami udangala* ngaphakathi kimi.
Khona-ke wena uqapha indlela yami. +
Endleleni engihamba kuyo,
Bangifihlela isicupho.
Akukho lapho ngingabalekela khona; +
Akekho noyedwa ozikhathaza ngami.
5 O Jehova, ngilucela kuwe usizo.
6 Lalela lapho ngikhalela usizo,
Ngoba ngithotshiswe kakhulu.
Ngikhulule kulabo abangishushisayo, +
Ngoba banamandla kunami.
7 Ngikhiphe* ejele
Ukuze ngidumise igama lakho.
Kwangathi abalungile bangangizungeza
Ngoba ungiphatha ngomusa.
Ihubo likaDavide.
143 O Jehova, yizwa umthandazo wami; +
Lalela lapho ngikhalela usizo.
Ngokwethembeka kwakho nangokulunga kwakho, ngiphendule.
2 Ungayahluleli inceku yakho,
Ngoba akukho muntu ophilayo ongaba olungile phambi kwakho. +
3 Ngoba isitha siyangijaha;
Sichobozele ukuphila kwami emhlabathini.
Singibangele ukuba ngihlale ebumnyameni njengalabo abafa kudala.
5 Ngikhumbula izinsuku zakudala;
Ngicabanga ngawo wonke umsebenzi wakho; +
Ngizindla* ngomsebenzi wezandla zakho.
6 Ngelulela izandla zami kuwe;
Nginjengezwe elomile, elomele wena. + (Sela)
8 Mangizwe uthando lwakho oluqotho ekuseni,
Ngoba ngithembele kuwe.
Ngazise indlela okufanele ngihambe ngayo, +
Ngoba ngiphendukela kuwe.
9 Jehova, ngikhulule ezitheni zami.
Ngifuna ukuvikelwa nguwe. +
10 Ngifundise ukwenza intando yakho, +
Ngoba wena unguNkulunkulu wami.
Umoya wakho muhle;
Kwangathi ungangihola emhlabathini oqondile.*
11 Ngilonde ngenxa yegama lakho Jehova.
Ngikhulule osizini ngokulunga kwakho. +
12 Ziqothule* zonke izitha zami ngenxa yothando lwakho oluqotho; +
Babhubhise bonke abangihlukumezayo, +
Ngoba ngiyinceku yakho. +
ElikaDavide.
2 Ungibonisa uthando oluqotho futhi uyisiphephelo sami,
Indawo yami yokuphephela* elondekile nomkhululi wami,
Ihawu lami naLowo engiphephele kuye, +
Othobisa izizwe ngaphansi kwami. +
3 O Jehova, uyini umuntu ukuba umqaphele,
Indodana yomuntu ofayo ukuba uyinake? +
7 Yelula izandla zakho usendaweni ephakeme;
Ngikhulule ungisindise ezikhukhuleni,
Esandleni sabezinye* izizwe, +
8 Abakhuluma amanga ngemilomo yabo
Nabaphakamisa isandla sabo sokudla ukuze bafunge amanga.*
9 O Nkulunkulu, ngizokuculela ingoma entsha. +
Ngizokuhubela,* ngikudlalele insimbi yomculo enezintambo eziyishumi,
10 Wena osiza amakhosi ukuba anqobe, *+
Okhulula inceku yakhe uDavide enkembeni ebulalayo. +
11 Ngikhulule ungisindise esandleni sabezinye izizwe,
Abakhuluma amanga ngemilomo yabo
Nabaphakamisa isandla sabo sokudla ukuze bafunge amanga.
12 Khona-ke amadodana ethu azoba njengezithombo zezitshalo ezikhula ngokushesha,
Amadodakazi ethu abe njengezinsika ezihlobise emakhoneni asesigodlweni.
13 Izinqolobane zethu ziyogcwala imikhiqizo enhlobonhlobo;
Imihlambi yethu iyokwanda ngokuphindwe ngezinkulungwane, ngamashumi ezinkulungwane.
14 Izinkomo zethu ezimithi ngeke zehlelwe yingozi noma ziphunze;*
Ngeke kukhalwe ngenxa yokucindezeleka ezigcawini zethu.
15 Bayajabula abantu okubahambela ngale ndlela!
Bayajabula abantu abanoNkulunkulu onguJehova! +
Ingoma kaDavide yokudumisa.
א [Aleph]
145 Ngizokuphakamisa, Nkulunkulu wami Nkosi, +
Ngizolidumisa igama lakho kuze kube phakade naphakade. +
ב [Beth]
ג [Gimel]
ד [Daleth]
4 Isizukulwane ngesizukulwane siyodumisa imisebenzi yakho;
Siyolandisa ngezenzo zakho zamandla. +
ה [He]
5 Siyokhuluma ngobukhazikhazi bobukhulu bakho +
Ngizozindla ngemisebenzi yakho emangalisayo.
ו [Waw]
6 Siyokhuluma ngezenzo* zakho ezimangalisayo,
Ngizomemezela ngobukhulu bakho.
ז [Zayin]
7 Ngeke siwuvale umlomo lapho sikhumbula ubukhulu bobuhle bakho, +
Siyomemeza ngenjabulo ngenxa yokulunga kwakho. +
ח [Heth]
ט [Teth]
9 UJehova muhle kubo bonke, +
Isihe sakhe sibonakala kuyo yonke imisebenzi yakhe.
י [Yod]
כ [Kaph]
11 Bayomemezela ngenkazimulo yobukhosi bakho +
Bakhulume nangamandla akho, +
ל [Lamed]
12 Ukuze benze izenzo zakho zamandla zaziwe kubantu +
Nenkazimulo yobukhosi bakho. +
מ [Mem]
13 Ubukhosi bakho buwubukhosi baphakade,
Nombuso wakho uhlala kuzo zonke izizukulwane. +
ס [Samekh]
ע [Ayin]
פ [Pe]
16 Uvula isandla sakho
Wanelise isifiso sayo yonke into ephilayo. +
צ [Tsade]
ק [Qoph]
ר [Resh]
ש [Shin]
ת [Taw]
21 Umlomo wami uyokhuluma ngodumo lukaJehova; +
Yonke into ephilayo mayidumise igama lakhe elingcwele kuze kube phakade naphakade. +
Dumisa uJehova, + mphefumulo wami.*
2 Ngizomdumisa uJehova ukuphila kwami konke.
Ngizomhubela* uNkulunkulu wami uma nje ngisaphila.
5 Uyajabula lowo osizwa nguNkulunkulu kaJakobe, +
Othembele kuJehova uNkulunkulu wakhe, +
6 UMenzi wezulu nomhlaba,
Wolwandle, nowakho konke okukukho, +
Ohlala ethembekile ngaso sonke isikhathi, +
7 Owenzela abaqoliwe ubulungisa,
Onika abalambile isinkwa. +
UJehova ukhulula iziboshwa. *+
10 UJehova uyoba yiNkosi kuze kube phakade, +
UNkulunkulu wakho, Ziyoni, esizukulwaneni ngesizukulwane.
Dumisani uJah!*
147 Dumisani uJah!*
3 Upholisa izinhliziyo eziphukile;
Abophe amanxeba abo.
4 Ubala izinkanyezi;
Zonke uzibiza ngamagama. +
6 UJehova uphakamisa abamnene, +
Kodwa ababi ubaphonsa phansi emhlabathini.
7 Hubelani uJehova nimbonge;
Hubelani uNkulunkulu wethu ngehabhu,
8 Omboza amazulu ngamafu,
Oletha imvula emhlabeni, +
Owenza ukuba kuhlume utshani + ezintabeni.
12 O Jerusalema, khazimulisa uJehova.
Dumisa uNkulunkulu wakho Ziyoni.
13 Wenza imigoqo yamasango edolobha lakho iqine;
Ubusisa amadodana akho.
15 Uthumela umyalo wakhe emhlabeni;
Izwi lakhe ligijima ngejubane.
17 Uphonsa phansi isichotho* sakhe njengezingcezwana zesinkwa. +
Ubani ongawamela amakhaza akhe? +
18 Uthumela izwi lakhe, iqhwa lincibilike.
Ubangela umoya wakhe ukuba uvunguze, + amanzi ageleze.
19 Izwi lakhe ulitshela uJakobe,
Iziqondiso zakhe nezahlulelo zakhe uzitshela u-Israyeli. +
20 Akenzanga kanjalo kunoma yisiphi esinye isizwe; +
Izizwe azazi lutho ngemithetho yakhe.
148 Dumisani uJah!*
Dumisani uJehova emazulwini; +
Mdumiseni ezindaweni eziphakeme.
2 Mdumiseni, nonke nina zingelosi zakhe. +
Mdumiseni, nonke nina butho lakhe. +
3 Mdumiseni, nina langa nenyanga.
Mdumiseni, nonke nina zinkanyezi ezikhanyayo. +
4 Mdumiseni, mazulu aphakeme,*
Nani manzi angaphezu kwamazulu.
5 Makudumise igama likaJehova,
Ngoba wayala, kwadalwa. +
7 Dumisani uJehova emhlabeni,
Nina zilwane ezinkulu zasolwandle nani manzi ajulile,
8 Wena mbani nesichotho, liqhwa namafu amnyama,
Wena moya onesiphepho, ofeza izwi lakhe, +
9 Nina zintaba nani nonke magquma, +
Nina zihlahla ezithela izithelo nani nonke misedari, +
10 Nina zilwane zasendle + nani nonke zilwane ezifuywayo,
Nina zinto ezinwabuzelayo nezinyoni ezinamaphiko,
11 Nina makhosi omhlaba nani nonke zizwe,
Nina zikhulu nani nonke bahluleli bomhlaba, +
12 Nina zinsizwa nani zintombi,*
Nina maxhegu kanye nabafana.*
13 Dumisani igama likaJehova,
Ngoba igama lakhe lodwa liphakeme ngokungenakufinyelelwa. +
Isithunzi sakhe singaphezu komhlaba nezulu. +
14 Uyophakamisa amandla* abantu bakhe,
Ukuze badunyiswe bonke abaqotho bakhe,
Kudunyiswe abantwana bakwa-Israyeli, abantu abaseduze naye.
Dumisani uJah!*
149 Dumisani uJah!*
2 U-Israyeli makathokoze ngoMenzi wakhe Omkhulu; +
Amadodana aseZiyoni mawajabule ngeNkosi yawo.
4 Ngoba uJehova uyajabula ngabantu bakhe. +
Uhlobisa abamnene ngensindiso. +
5 Abaqotho mabethabe ngenkazimulo;
Mabamemeze ngenjabulo emibhedeni yabo. +
6 Izingoma ezidumisa uNkulunkulu mazibe semilonyeni yabo,
Nenkemba esika nhlangothi zombili ibe sesandleni sabo,
7 Ukuze bakhiphe impindiselo ezizweni,
Nesijeziso kubantu,
8 Ukuze babophe amakhosi azo ngozankosi
Nezikhulu zazo ngozankosi bensimbi,
9 Ukuze bakhiphe isahlulelo esilotshiwe ngokumelene nazo. +
Leli lungelo lingelabo bonke abaqotho bakhe.
Dumisani uJah!*
Dumisani uNkulunkulu endaweni yakhe engcwele. +
Mdumiseni emkhathini ofakazela amandla* akhe. +
2 Mdumiseni ngenxa yemisebenzi yakhe emikhulu. +
Mdumiseni ngenxa yobukhulu bakhe obudlulele. +
3 Mdumiseni ngokushaya uphondo. +
Mdumiseni ngensimbi yomculo enezintambo nangehabhu. +
4 Mdumiseni ngethamborini + nangomdanso wesiyingi.
Mdumiseni ngezintambo + nangomtshingo. *+
5 Mdumiseni ngamasimbali anomnkenenezo.
Mdumiseni ngamasimbali akhencezayo. +
6 Konke okuphefumulayo—makudumise uJah.
Noma, “Uzindla ngomthetho waKhe.”
Noma, “bezindla.”
Noma, “zelulekana.”
Noma, “noKristu wakhe.”
Noma, “xwayani.”
NgesiHebheru, “Qabulani.”
Noma, “ngomphefumulo wami.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
NgesiHebheru, “Ngenzele indawo ebanzi.”
Noma, “uyomenza ahluke; uyozihlukanisela yena.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “uyamenyanya umuntu ochitha igazi nokhohlisayo.”
Noma, “endlini yakho engcwele.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “isihe.”
Noma, “umphefumulo wami uphazamiseke.”
Noma, “awukhunjulwa.”
Noma, “eShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “asenqundekile.”
Noma kungaba, “Kuyilapho ngimsindisile lowo ongiphikisa ngaphandle kwesizathu.”
Noma, “ovivinya izinhliziyo nezinso.”
Noma, “ukhipha amazwi okulahla.”
Noma, “Ngizoliculela ngidlale nezinsimbi.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma kungaba, “Wena onkazimulo yakho kukhulunywa ngayo ngaphezu kwamazulu.”
NgesiHebheru, “yeminwe yakho.”
Noma, “kunabanjengonkulunkulu.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “izwe elikhiqizayo.”
Noma, “ephakeme.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “eShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma kungaba, “Ohahayo uyazibusisa.”
Noma, “Uyazikhukhumeza kuzo.”
Noma, “ngizanyazanyiswe.”
Noma, “emphandwini walo.”
Noma, “emaziphweni akhe aqinile.”
Noma, “wengane engenababa.”
Noma, “izisekelo zobulungisa.”
Noma, “akhanyayo.”
Noma kungaba, “amalahle avuthayo.”
Noma, “bayobona ubuso bakhe.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
NgesiHebheru, “Bakhuluma ngodebe olubushelelezi.”
NgesiHebheru, “ngenhliziyo embaxa-mbili.”
Noma, “abazikhukhumezayo.”
Noma kungaba, “esithandweni sokuncibilikisa esisemhlabathini.”
NgesiHebheru, “Yenza amehlo ami akhanye.”
Noma, “ungibusisile.”
Noma, “Ongenangqondo.”
Noma, “ngokungenaphutha.”
Noma, “Akabahlazisi.”
NgesiHebheru, “isifungo.”
Noma, “azanyazanyiswa.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “uyisabelo sami.”
Noma, “imizwa yami ejulile.” NgesiHebheru, “izinso zami.”
Noma, “ngintengantengiswe.”
NgesiHebheru, “inkazimulo yami ijabule.”
Noma, “uwushiye umphefumulo wami.”
Noma, “eShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma kungaba, “abole.”
Noma, “intokozo.”
Noma, “Thambekisela indlebe yakho kimi.”
NgesiHebheru, “sokudla.”
NgesiHebheru, “Zizihaqe ngamanoni azo.”
Noma, “lokusilahla phansi emhlabathini.”
Noma, “Khulula umphefumulo wami.”
Noma, “bakulesi simiso sezinto.”
Noma, “Kuyanganelisa ukubona isimo sakho.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “nomsindisi wami onamandla.”
Noma, “ephakeme elondekile.”
Noma, “zeShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
NgesiHebheru, “kwamaphiko omoya.”
Noma, “Imizila yamanzi.”
Noma, “endaweni evulekile.”
NgesiHebheru, “ngokokuhlanzeka kwami.”
Noma, “abazehlisayo.”
NgesiHebheru, “uyawathobisa amehlo azidlayo.”
Noma, “ayinaphutha.”
Noma, “Ziyowa bese ngizinyathela.”
Noma, “Uyonginika umhlane wezitha zami.”
NgesiHebheru, “Ngiyobathulisa.”
Noma, “bayobuna.”
Noma, “ukunqoba okukhulu.”
NgesiHebheru, “nasembewini.”
Noma, “Isibhakabhaka.”
Noma kungaba, “intambo yawo yokulinganisa.”
Noma, “yezwe elikhiqizayo.”
Noma, “eziphambekweni eziningi.”
NgesiHebheru, “angawubheka njengokhuluphele.”
Noma, “Ngokunqoba okukhulu.”
Noma kungaba, “Inkosi.”
NgesiHebheru, “Ubude bezinsuku.”
Noma, “ayisoze yazanyazanyiswa.”
NgesiHebheru, “Isithelo.”
NgesiHebheru, “ngasebusweni babo.”
NgesiHebheru, “Sizocula sidumise.”
Kungaba yinothi noma indlela yokucula.
Noma, “Uhlezi phezu kwezindumiso zika-Israyeli.”
Noma, “abazange badumazeke.”
Noma, “Ngiyisihlamba kubantu.”
Noma, “bengiphonswe kuwe.”
Ngokusobala lokhu kubhekisela entweni esetshenziswa izinyosi lapho zakha amakhekheba oju.
Noma, “Sindisa umphefumulo wami.”
NgesiHebheru, “Okuwukuphela kwawo,” esho umphefumulo noma ukuphila kwakhe.
NgesiHebheru, “mbewu.”
NgesiHebheru, “mbewu.”
NgesiHebheru, “Kwangathi izinhliziyo zenu zingaphila.”
NgesiHebheru, “abakhuluphele.”
NgesiHebheru, “Imbewu.”
Noma kungaba, “emanzini azolile.”
Noma, “Uvuselela umphefumulo wami.”
NgesiHebheru, “emikhondweni.”
Noma, “ngomphefumulo wami,” kubhekiselwa ekuphileni kukaJehova umuntu afunga ngakho.
Noma, “Nobulungisa.”
Noma, “Sukumani.”
Noma, “ngiwuphakamisela kuwe umphefumulo wami.”
Noma, “Obekulokhu kukhona kusukela endulo.”
NgesiHebheru, “abamnene ngesahlulelo.”
NgesiHebheru, “Nembewu.”
Noma, “imizwa yami ejulile.” NgesiHebheru, “izinso zami.”
NgesiHebheru, “Angihlali.”
Noma, “Angizihlanganisi nabazenzisi.”
Noma, “Ungangisusi.”
Noma, “abachitha igazi.”
Noma, “Nabathanda ukufumbathisa.”
Noma, “indlu yakhe engcwele.”
Noma, “ngizindle ngalo.”
Noma, “Ngiyocula ngidlale nezinsimbi.”
Noma kungaba, “Ngempela nginalo ukholo lokuthi ngiyobona ubuhle bukaJehova ezweni labaphilayo.”
Noma, “ethuneni.”
Noma, “Khonzani.”
Noma kungaba, “ngenxa yobukhazikhazi bobungcwele bakhe.”
Ngokusobala, undi lwezintaba zaseLebhanoni.
Noma, “kolwandle lwasezulwini.”
Noma, “ungidonsile.”
Noma, “ukhuphule umphefumulo wami.”
Noma, “eShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “ethuneni.”
Noma, “Culani.”
NgesiHebheru, “isikhumbuzo sakhe.”
Noma, “uyakuthakazelela.”
Noma, “ngazanyazanyiswa.”
Noma, “usangithakazelela.”
NgesiHebheru, “Linanzuzoni igazi lami.”
Noma, “ethuneni.”
Noma, “Goba ulalele.”
Noma, “othembekile.”
Noma, “endaweni evulekile.”
Noma, “ezingqondweni.”
Noma, “ukubulala umphefumulo wami.”
NgesiHebheru, “Izikhathi zami.”
Noma, “eShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
NgesiHebheru, “Kude nokuxabana kwezilimi.”
Noma, “izinhliziyo zenu ziqine.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “esimboziwe.”
Noma, “intukuthelo yakho yayingisinda.”
Noma, “Umswakama wokuphila kwami washintsha.”
Noma, “Mculeleni nidlale nezinsimbi.”
NgesiHebheru, “Nalo lonke ibutho lawo.”
Noma, “injongo.”
Noma, “imicabango.”
Noma, “izinhloso.”
Noma, “unqobe.”
Noma, “namabhubesi asemancane anomhlwenga.”
Noma, “abanomoya ochobozekile.”
Noma, “izinhlekelele.”
Noma, “nembazo esika nhlangothi zombili.”
Noma, “Umphefumulo wami bawumbele.”
Noma, “umphefumulo wami uzojabula.”
Noma, “Ngahlupha umphefumulo wami.”
Noma, “ubuyela esifubeni sami.”
Noma kungaba, “Abangamkhulekeli uNkulunkulu bahleka usulu ukuze bathole ucezu lwesinkwa.”
NgesiHebheru, “Okuwukuphela kwakho,” kubhekiselwa emphefumulweni wakhe noma ukuphila kwakhe.
Noma, “emabhubesini asemancane anomhlwenga.”
Noma, “luyozindla.”
NgesiHebheru, “zikaNkulunkulu.”
Noma, “usindisa.”
NgesiHebheru, “ngamanoni endlu.”
Noma, “Ungafuthelani.”
Noma, “ezweni.”
Noma, “Thola intokozo enkulu.”
NgesiHebheru, “Gingqela indlela yakho kuJehova.”
Noma, “ngokulangazela.”
Noma kungaba, “Ungathukutheli ngoba lokho kungakulimaza.”
NgesiHebheru, “uyazibona izinsuku zabangenaphutha.”
Noma, “unesandla esivulekile.”
Noma, “uqinisa.”
Noma, “ngesandla saKhe.”
Noma, “isinkwa.”
Noma, “ukhuluma ukuhlakanipha ngezwi eliphansi.”
Noma, “ogcina ubuqotho bakhe.”
Noma, “lokukhumbuza.”
NgesiHebheru, “Akukho ndawo ephilile enyameni yami.”
NgesiHebheru, “Akukho ndawo engashi okhalweni lwami.”
Noma, “ngibhonge.”
Noma, “oyisimungulu.”
NgesiHebheru, “zinempilo.”
Noma kungaba, “Kodwa nginezitha eziningi ngaphandle kwesizathu.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “ngiquma.”
Noma, “ukuthi ngiyadlula.”
NgesiHebheru, “zaba ngangobubanzi besandla.”
NgesiHebheru, “Ubanga umsindo ngento.”
Noma, “Isifiki.”
Noma, “Ngamlinda ngesineke uJehova.”
Noma, “wagoba ukuze alalele.”
Noma, “abanamanga.”
Noma, “uyijabulele.”
NgesiHebheru, “emqulwini wencwadi.”
Noma, “kuyisifiso sami.”
NgesiHebheru, “emphefumulweni wezitha zakhe.”
NgesiHebheru, “ungiphakamisele isithende sakhe.”
NgesiHebheru, “Uyongimisa phambi kobuso bakho.”
Noma, “Kusukela phakade kuze kube phakade.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “umphefumulo wami ukulangazelela.”
NgesiHebheru, “Ngingaya nini endlini kaNkulunkulu.”
Noma, “ukuhamba kancane.”
Noma, “Ngisentabeni encane.”
Noma kungaba, “Njengokungathi ziphula amathambo ami.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “Yala.”
Noma, “athole insindiso enkulu.”
Noma, “ngentengo yabo.”
NgesiHebheru, “yisaga phakathi kwezizwe.”
Noma, “umphefumulo wethu wehliselwe.”
NgesiHebheru, “Sisindise.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
NgesiHebheru, “Imisebenzi.”
Noma, “uthi lokubhala.”
Noma, “lombhali.”
Noma, “uphumelela.”
NgesiHebheru, “siyokufundisa.”
Noma, “Induku.”
Noma, “yobulungisa.”
Isihlahla sesinamoni noma umkhiqizo waso.
Noma, “bayothambisa ubuso bakho.”
NgesiHebheru, “Ngaphakathi.”
Noma kungaba, “ezihlotshisiwe.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “ephakeme.”
Noma kungaba, “Amahawu uwashisa.”
Noma, “uphondo lwenqama.”
Noma, “Culelani.”
NgesiHebheru, “amahawu.”
Noma, “uyindawo ephakeme elondekile.”
Noma, “ahlangene.”
NgesiHebheru, “amadodakazi.”
Noma, “izindonga zalo eziqinile.”
Noma kungaba, “kuze kube yilapho sifa.”
Noma, “eniphila kule nkathi.”
Noma, “lokukhulula.”
Noma, “ithuna.”
Noma, “eShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “yiShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
NgesiHebheru, “esandleni.”
Noma, “eShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “Owaphezulu, uNkulunkulu, uJehova.”
Noma, “Kusukela empumalanga kuye entshonalanga.”
NgesiHebheru, “izimpongo.”
Noma, “isiqondiso.”
NgesiHebheru, “uphonsa amazwi ami emva kwakho.”
Noma kungaba, “uhlanganyela kanye nalo.”
Noma, “Ulimaza idumela lomfowenu.”
Noma, “sihlale siphambi kwami.”
NgesiHebheru, “ngaphezu kwabo bonke.”
Noma, “Ngaba nesono lapho nje umama engikhululelwa.”
Noma, “ingaphakathi lami.”
NgesiHebheru, “ajabule.”
Noma, “Fihla ubuso bakho ezonweni zami.”
NgesiHebheru, “Kwangathi ungangisekela unginike umoya ovumayo.”
Noma, “ngeke uyidelele.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “njengereyiza.”
Noma, “inqaba yayo.”
NgesiHebheru, “Yakhosela kokubi okubangelwe yiyo.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “Ongenangqondo.”
Noma kungaba, “Bayokwesaba ibe ingekho into esabisayo.”
NgesiHebheru, “alabo abakanise ngokumelene nawe.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “Ungimele ecaleni lami.”
Noma, “Abamgcini uNkulunkulu ephambi kwabo.”
NgesiHebheru, “Zithulise.”
Noma, “ngoba kuhle ukulidumisa.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “Ungazifihli lapho ngithandaza ngicela usizo.”
NgesiHebheru, “uhlukanise ulimi lwabo.”
Noma, “ntanga yami.”
Noma, “eShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Okuwukuthi, lowo owayengumngani wakhe okukhulunywe ngaye evesini 13 no-14.
NgesiHebheru, “athambe ukwedlula amafutha.”
Noma, “antengantenge; anyakaziswe.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “Befuna umphefumulo wami.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “baphambuka.”
NgesiHebheru, “besesibelethweni.”
Noma, “mabhubesi asemancane anomhlwenga.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “abomele igazi.”
Noma, “Bakhonkotha.”
Noma, “ephakeme.”
Noma, “ngizokuhubela.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma kungaba, “Unike.”
Noma kungaba, “esendaweni yakhe engcwele.”
Noma, “iThafa Eliphansi.”
NgesiHebheru, “uyinqaba.”
Noma kungaba, “elinezivikelo eziqinile.”
Noma, “iba buthaka.”
NgesiHebheru, “Uyokwenezela izinsuku ezinsukwini zenkosi.”
Noma, “Iyohlala.”
Noma, “Yinike uthando oluqotho nokwethembeka ukuze kuyivikele.”
Noma, “ngiyoliculela.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “ephakeme.”
Noma kungaba, “Nonke, njengokungathi uwudonga olutshekile, udonga lwamatshe oseluzowa.”
Noma, “bamehlise isithunzi.”
Noma, “mphefumulo wami, linda.”
NgesiHebheru, “nangamanoni.”
Noma, “kojakalase.”
Noma, “uyoziqhayisa.”
Noma, “Bakhuthazana ukuba benze okubi.”
Noma, “bayoziqhayisa.”
O Muzwi womthandazo.
Noma, “Indlu yakho engcwele.”
NgesiHebheru, “uchichime.”
Noma, “uhlelemba amagquma awo.”
NgesiHebheru, “ziconsa amafutha.”
NgesiHebheru, “obuconsayo.”
Noma, “Namathafa aphansi.”
Noma, “Liculeleni.”
Noma, “luntengantenge; lunyakaziswe.”
NgesiHebheru, “ezinqulwini zethu.”
NgesiHebheru, “basinyathele ekhanda.”
Noma, “bayomdumisa.”
Noma, “Njengengcina.”
Noma, “niculele.”
Noma kungaba, “amafu.”
Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.
NgesiHebheru, “nomahluleli.”
Noma, “abavukelayo.”
NgesiHebheru, “lapho uhamba phambi kwabantu bakho.”
NgesiHebheru, “Izulu laconsa.”
Noma kungaba, “nanilele phakathi kwezibaya zezimvu.”
Noma, “eliluhlaza ngokuphuzi.”
NgesiHebheru, “kulo.”
Noma, “Kwakunjengokungathi likhithikile eZalimoni.”
Noma, “iyintaba enkulu.”
Noma, “afisa.”
Noma, “ohamba esonweni.”
NgesiHebheru, “emihlanganweni.”
Noma kungaba, “izizwe zinyathela.”
Noma kungaba, “Amanxusa ayofika evela.”
Noma, “IKushe.”
Noma, “Culelani.”
NgesiHebheru, “asemafwini.”
NgesiHebheru, “yakho.”
Noma, “Abayizitha zami ngaphandle kwesizathu.”
Noma kungaba, “Lapho ngikhala ngizila ukudla.”
NgesiHebheru, “isaga.”
Noma, “umgodi.”
Noma, “sengize ngacindezeleka.”
Noma, “isitshalo esinoshevu.”
NgesiHebheru, “izinqulu zabo.”
Noma, “ulaka lwakho.”
Noma, “Ikamu labo elibiyelwe ngodonga.”
Noma, “yokuphila.”
Okuwukuthi, izwe.
Noma, “elokukhumbuza.”
Noma, “Goba ulalele.”
Noma, “ngizibale.”
NgesiHebheru, “ngengalo yakho.”
Noma, “emanzini ajulile.”
Noma, “Ngizokuculela.”
Noma, “Ngizozindla.”
NgesiHebheru, “Mayahlulele.”
NgesiHebheru, “uyohluma.”
Okuwukuthi, i-Ewufrathe.
Noma, “ngabazikhukhumezayo.”
Noma, “banomkhaba omkhulu.”
Noma, “yokuchuma.”
NgesiHebheru, “bakhe.”
NgesiHebheru, “isizukulwane samadodana akho.”
NgesiHebheru, “Uyobenyanya.”
NgesiHebheru, “Ezinsweni zami.”
NgesiHebheru, “Uyobathulisa.”
Noma, “yokungathembeki.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
NgesiHebheru, “ishunqela.”
NgesiHebheru, “inhlangano yakho.”
Noma, “Zonke izindawo zokukhulekela uNkulunkulu.”
Noma, “Sikhiphe emphethweni wengubo yakho.”
NgesiHebheru, “amakhanda.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “inkanyiso.”
Noma, “Ungawunikeli umphefumulo wejuba lakho.”
NgesiHebheru, “Ningaluphakamisi uphondo lwenu.”
NgesiHebheru, “Ningaluphakamiseli phezulu uphondo lwenu.”
Noma, “Ngiyomculela.”
NgesiHebheru, “Ngiyozinquma zonke izimpondo.”
NgesiHebheru, “izimpondo.”
Noma, “Umbozwe ukukhanya.”
NgesiHebheru, “balele.”
NgesiHebheru, “Uyothobisa umoya wabaholi.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
NgesiHebheru, “umoya wami ubuthakathaka.”
Noma, “umculo wami wezintambo.”
NgesiHebheru, “Umoya wami uyahlolisisa.”
Noma, “okungihlabayo.”
NgesiHebheru, “ngengalo.”
Noma, “izwe.”
NgesiHebheru, “Ngesandla.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “isiqondiso.”
NgesiHebheru, “engalungisiwe.”
Noma, “njengodonga.”
Noma, “kwabanamandla.”
Noma, “wayenguMphindiseleli.”
NgesiHebheru, “wayezimboza.”
Noma kungaba, “Ukuthi umoya uyaphuma ungabuyi.”
Noma, “Bamdabukisa.”
NgesiHebheru, “basikhumbule isandla sakhe.”
Noma kungaba, “emfiveni enamandla.”
NgesiHebheru, “Wanikela ukuphila kwabo.”
Noma, “umhawu.”
NgesiHebheru, “Nezintombi zakhe azizange zidunyiswe.”
NgesiHebheru, “Wakha indlu yakhe engcwele yaba njengendawo ephakeme.”
NgesiHebheru, “uzimboze.”
NgesiHebheru, “ingalo yakho.”
Noma kungaba, “ukhulule.”
NgesiHebheru, “amadodana okufa.”
Noma kungaba, “phakathi.”
Noma, “Veza ukukhanya kwakho.”
NgesiHebheru, “Khanyisa ubuso bakho.”
NgesiHebheru, “uthukuthelele abantu.”
NgesiHebheru, “Khanyisa ubuso bakho.”
Okuwukuthi, i-Ewufrathe.
Noma, “Isiqu sesihlahla samagilebhisi.”
Noma, “igatsha.”
NgesiHebheru, “kobuso bakho.”
NgesiHebheru, “Khanyisa ubuso bakho.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “ulimi.”
NgesiHebheru, “ngisendaweni efihlekile yokuduma kwezulu.”
Incazelo: “Ukuxabana.”
NgesiHebheru, “Bahamba ngezeluleko zabo.”
NgesiHebheru, “Isikhathi sabo siyoba ngesaphakade.”
NgesiHebheru, “yena,” okuwukuthi, abantu bakaNkulunkulu.
NgesiHebheru, “ngamanoni kakolweni.”
Noma, “emhlanganweni kaNkulunkulu.”
Noma, “kwabanjengonkulunkulu.”
Noma, “Yahlulelani.”
Noma, “Ninjengonkulunkulu.”
Noma, “baphakamisa amakhanda abo.”
NgesiHebheru, “abathukusiwe.”
NgesiHebheru, “Bacebisana ngenhliziyo ndawonye.”
Noma, “Benze isivumelwano.”
NgesiHebheru, “Amatende ka-Edomi naka-Ishmayeli.”
NgesiHebheru, “Babe yingalo.”
Noma, “emhosheni.”
Noma, “Abaholi babo.”
NgesiHebheru, “Gcwalisa.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “lithandwa kakhulu kangakanani.”
Noma, “esigodini esinezihlahla zamabhakha.”
Noma kungaba, “Nofundisayo uzisonga.”
Noma kungaba, “O Nkulunkulu, bheka ihawu lethu.”
NgesiHebheru, “Uzimbozile.”
Noma, “Sibuthe usibuyise.”
Noma, “impumelelo.”
Noma, “goba ungilalele.”
Noma, “umphefumulo wami.”
Noma, “Nginike inhliziyo engekho mbaxa-mbili.”
Noma, “kweShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “umphefumulo wami.”
Noma, “Abazange bakubeke phambi kwabo.”
Noma, “nomusa.”
Noma, “neqiniso.”
Noma, “Ngibonise ubufakazi bobuhle.”
Noma, “abangiqaphelayo.”
Noma, “Kimi, ungumthombo wazo zonke izinto.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “Goba ulalele.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “eShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “ethuneni.”
Noma, “Senginjengendoda engenamandla.”
NgesiHebheru, “Nabahlukanisiwe nesandla sakho.”
Noma, “e-Abhadoni.” Okuwukuthi, indawo okubola kuyo izidumbu.
Noma kungaba, “Zingivimbezela zonke kanyekanye.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “luyokwakhiwa.”
NgesiHebheru, “Imbewu.”
Kungenzeka kushiwo iGibhithe noma uFaro wakhona.
NgesiHebheru, “Ngengalo yakho enamandla.”
NgesiHebheru, “uphondo lwethu.”
NgesiHebheru, “Uphondo lwakhe luyophakanyiswa.”
Noma, “Ngiyobeka isandla sakhe.”
NgesiHebheru, “imbewu.”
Noma, “ngemiyalo yami.”
Noma, “yokuvukela.”
NgesiHebheru, “Noma ngilahle ukuthembeka kwami.”
NgesiHebheru, “Imbewu.”
Noma, “izindlu.”
NgesiHebheru, “Uphakamise isandla sokudla sezitha zayo.”
Noma, “ukusindisa umphefumulo wakhe.”
Noma, “eShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
NgesiHebheru, “ngithwale ngayo esifubeni sami.”
Noma kungaba, “ube yisiphephelo sethu.”
Noma, “Ungakawuvezi njengokungathi ngemihelo.”
Noma, “ambalwa obusuku.”
Noma, “Ubeka iziphambeko zethu phambi kwakho.”
Noma, “Izinsuku zethu ziyashabalala.”
Noma, “ngenxa yamandla akhethekile.”
Noma, “ungawumisa uqine.”
Noma, “uwumise uqine.”
Noma, “Uyovimba ukuba kungasondelwa kuwe.”
Noma, “nesivikelo.”
NgesiHebheru, “ukuphindiselwa.”
Noma kungaba, “yinqaba yakho; yisiphephelo sakho.”
NgesiHebheru, “uzihlanganise nami.”
Noma, “uyaliqaphela.”
Noma, “izenzo zensindiso evela kimi.”
Noma, “Nokuculela.”
Noma, “njengotshani.”
NgesiHebheru, “uyoluphakamisa uphondo lwami.”
Noma, “ngisho nasebumpungeni.”
NgesiHebheru, “bekhuluphele.”
Noma, “bencwaba.”
Noma, “Izwe elithelayo.”
Noma, “wantengantengiswa.”
Noma, “buyayifanela.”
NgesiHebheru, “Owabeka.”
Noma, “Umphefumulo wami ubuyoshabalala.” NgesiHebheru, “Bengiyohlala ekuthuleni.”
Noma, “Lapho imicabango engincisha ukuthula iba miningi ngaphakathi kimi.”
Noma, “Ababusi abakhohlakele; Abahluleli abakhohlakele.”
Noma, “ngesinqumo somthetho.”
NgesiHebheru, “Balilahla ngecala igazi lomsulwa.”
Noma, “ephakeme elondekile.”
NgesiHebheru, “Uzobathulisa.”
NgesiHebheru, “uzobathulisa.”
NgesiHebheru, “kobuso bakhe.”
NgesiHebheru, “zesandla sakhe.”
Incazelo: “Ukuxabana.”
Incazelo: “Ukuvivinya; Uvivinyo.”
Noma, “Khonzani.”
Noma kungaba, “ngenxa yobukhazikhazi bobungcwele bakhe.”
Noma, “Izwe elivundile.”
Noma, “awusoze wantengantengiswa.”
Noma, “Uyomela.”
Noma, “ufikile.”
Noma, “izwe elivundile.”
Noma, “Mkhonzeni.”
NgesiHebheru, “Amadodakazi.”
Noma, “imiphefumulo.”
Noma, “emandleni.”
NgesiHebheru, “isikhumbuzo.”
Noma, “simenze wanqoba.”
Noma, “ukubonile ukunqoba kukaNkulunkulu.”
Noma, “nicule nidlale nezinsimbi.”
Noma, “Culelani.”
Noma, “Izwe.”
Noma, “ufikile.”
Noma, “izwe elivundile.”
Noma kungaba, “phakathi.”
Noma, “nikhuleke.”
Noma, “esenabelweni sezinyawo zakhe.”
NgesiHebheru, “waphindisela.”
Noma, “Nikhuleke.”
Noma, “Qondani.”
Noma kungaba, “akuthina.”
Noma, “ngizokuculela ngidlale nezinsimbi.”
Noma, “nangobuqotho.”
Noma, “engenamsebenzi.”
Noma, “Angisondelani nezenzo zabo.”
NgesiHebheru, “ngikwazi.”
Noma, “Ngiyombulala.”
Noma, “ngobuqotho.”
NgesiHebheru, “phambi kwamehlo ami.”
Noma, “ngizobabulala.”
Noma, “eba buthaka.”
Noma, “Goba ulalele.”
Uhlobo oluthile lwenyoni.
Noma kungaba, “Ngizacile.”
Noma, “abangenza isilima.”
Noma, “zinjengethunzi elilulekayo.”
Noma, “Negama.” NgesiHebheru, “Nesikhumbuzo.”
NgesiHebheru, “esisazodalwa.”
Noma, “Mphefumulo wami mdumise.”
Noma, “Mphefumulo wami mdumise.”
Noma, “ethuneni.”
Noma, “nomusa.”
Noma, “umusa wothando.”
NgesiHebheru, “Nendawo yayo ayisayazi.”
Noma, “kusukela phakade kuze kube phakade.”
NgesiHebheru, “enizwa iphimbo (umsindo) lakhe.”
Noma, “Ezindaweni abusa kuzo.”
Noma, “Mangimdumise ngenhliziyo yonke.”
Noma, “ubukhulu.”
NgesiHebheru, “emanzini.”
Noma, “Ngeke untengantengiswe.”
Noma, “emihosheni.”
Noma, “Amabhubesi asemancane anomhlwenga.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “Ngizomculela.”
Noma kungaba, “Ukuzindla kwami ngaye makujabulise.”
Noma, “Haleluya!” Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.
Noma, “nimhlabelelele.”
Noma kungaba, “Khulumani.”
Noma, “Mfuneni njalo.”
Noma, “sizukulwane.” NgesiHebheru, “mbewu.”
NgesiHebheru, “Izwi aliyala.”
NgesiHebheru, “Waphula zonke izinduku zokulengisa izinkwa.” Cishe kushiwo izinduku ezazisetshenziselwa ukugcina izinkwa.
NgesiHebheru, “bazihlupha.”
Noma, “Umphefumulo wakhe wangena ezinsimbini.”
NgesiHebheru, “Ukuba abophe.”
Ngokusobala kushiwo abaseGibhithe.
Uhlobo lwempukane oluncinzayo.
Isinambuzane esifana nomiyane.
Noma, “amalangabi omlilo.”
NgesiHebheru, “lase libesaba.”
Noma, “Haleluya!” Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.
Noma, “Haleluya!” Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.
Noma, “Ukuze ngiziqhayise.”
Noma, “bayiqonde.”
Noma, “ehlane.”
Noma, “esenziwe ngokuncibilikisiwe.”
NgesiHebheru, “wama esikhaleni phambi kwakhe.”
Noma, “Bazihlanganisa noBhali.”
Okuwukuthi, imihlatshelo eyayinikelelwa abantu abafile noma onkulunkulu abangaphili.
Noma, “Kwabalelwa kuye njengokulunga.”
Incazelo: “Ukuxabana.”
Noma, “Bafunda izindlela zazo.”
NgesiHebheru, “kwesandla sazo.”
Noma, “Wayebadabukela.”
Noma, “yokuchichima kothando.”
Noma, “ngokwethaba.”
Noma, “Kulo lonke iphakade.”
Noma, “Makube njalo!”
Noma, “Haleluya!” Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.
Noma, “Abahlengwe.”
Noma, “emandleni.”
Noma, “esikhumulweni semikhumbi.”
NgesiHebheru, “kuhlala.”
Noma, “uyabaphakamisa,” okuwukuthi, bangafinyeleleki.
NgesiHebheru, “ngisho nangenkazimulo yami.”
Noma, “Ngizokuculela ngidlale nezinsimbi.”
Noma kungaba, “esendaweni yakhe engcwele.”
Noma, “iThafa Eliphansi.”
NgesiHebheru, “uyinqaba.”
Noma, “osisolayo.”
Noma, “makuthiwe sibi.”
NgesiHebheru, “Amadodana.”
NgesiHebheru, “amadodana.”
Noma, “Otshelekisa ngenzalo eyeqile makabekele konke esinako izicupho.”
Noma, “uthando oluqotho.”
Noma, “Isizukulwane.”
Noma, “uthando oluqotho.”
NgesiHebheru, “Nenyama yami yondile, ayinawo amafutha.”
Noma, “ngejazi elingenamikhono.”
Noma, “zibe yisenabelo sezinyawo zakho.”
Noma, “ngosuku ibutho lempi yakho eliyohlasela ngalo.”
Noma, “ngeke azisole.”
Noma, “phakathi.”
NgesiHebheru, “umholi.”
Noma, “yezwe elikhulu.”
Kubhekiselwa “eNkosini” okukhulunywe ngayo evesini lokuqala.
Noma, “Haleluya!” Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.
Noma, “unomusa.”
Noma, “Isekelwe kahle.”
NgiseHebheru, “abayigcinayo.”
Noma, “Haleluya!” Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.
Noma, “Unomusa.”
Noma, “ayiguquki; igxilile.”
Noma, “Wabile kabanzi.”
NgesiHebheru, “Uphondo lwakhe.”
Noma, “Haleluya!” Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.
Noma, “ohlezi esihlalweni sobukhosi.”
Noma kungaba, “endaweni okuchithwa kuyo udoti.”
NgesiHebheru, “wamadodana.”
Noma, “Haleluya!” Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.
Noma, “lensengetsha.”
Noma, “Akukho lutho olungolwethu, Jehova, akukho lutho olungolwethu.”
NgesiHebheru, “namadodana.”
NgesiHebheru, “ekuthuleni.”
Noma, “Haleluya!” Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.
Noma kungaba, “Ngiyathanda ngoba uJehova uyalizwa.”
Noma, “uyagoba ukuze angilalele.”
NgesiHebheru, “zonke izinsuku zami.”
NgesiHebheru, “Nezimo ezicindezelayo zeShiyoli zangithola.”
Noma, “khulula umphefumulo wami.”
Noma, “unomusa.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “ukhulule umphefumulo wami.”
Noma, “yensindiso enkulu.”
NgesiHebheru, “Kuyigugu.”
Noma, “Haleluya!” Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.
Noma, “mindeni.”
Noma, “Haleluya!” Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.
Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.
Noma, “evulekile.”
Noma kungaba, “kanye nalabo abangisizayo.”
Noma kungaba, “Wangisunduza kakhulu.”
Noma, “nokunqoba.”
NgesiHebheru, “lasekhoneni.”
Noma, “abagcina ubuqotho.”
NgesiHebheru, “O ukube izindlela zami bezimi ziqinile.”
Noma, “Ngizofunda.”
Noma, “Umphefumulo wami ulangazelela.”
NgesiHebheru, “Gingqa, ususe kimi.”
Noma, “ifunda.”
Noma, “Umphefumulo wami ulele.”
NgesiHebheru, “ngiqonde indlela yemiyalo.”
Noma, “ngifunde.”
Noma, “ngihlazeke.”
NgesiHebheru, “Ngizogijima endleleni.”
Noma kungaba, “wenza inhliziyo yami izethembe.”
Noma, “Ngihambise.”
Noma, “inzuzo.”
Noma, “izwi lakho owalisho.”
Noma kungaba, “Esenziwa kulabo abakwesabayo.”
Noma, “nezwi lakho.”
Noma, “ngilindele isahlulelo.”
Noma, “evulekile.”
Noma, “Ngizofunda.”
Noma, “isithembiso owasenza.”
Noma, “Ongenze ngalilindela.”
Noma, “Endlini engihlala kuyo njengesihambi.”
Noma, “Ngithambisa ubuso bakho (ngifuna ukumomotheka kobuso bakho).”
Noma, “ngokwezwi lakho.”
Noma, “ngangona ngephutha.”
NgesiHebheru, “azizwa lutho njengamafutha.”
Noma, “ngiyalilinda izwi.”
Noma, “Ngokwezwi lakho owalisho.”
Noma kungaba, “ngamanga.”
Noma, “ngizofunda.”
Noma, “ngilindela izwi.”
Okuwukuthi, konke akudalile.
NgesiHebheru, “ubanzi kakhulu.”
Noma, “Ngifunda.”
Noma, “ngifunda.”
NgesiHebheru, “yomlomo wami.”
Noma, “Umphefumulo wami usesandleni sami njalo.”
Noma, “ziyifa lami laphakade.”
NgesiHebheru, “Ngenze inhliziyo yami yafuna.”
Noma, “abanenhliziyo ehlukene phakathi.”
Noma, “ngilindela izwi.”
Noma, “ngokwezwi lakho.”
Noma, “lihlazeke.”
Leli yigama lesiHebheru elisho ukungcola okukhishwa egolideni noma esiliveni uma sekuncibilikisiwe.
Noma, “Nezwi lakho elilungile.”
Noma, “elihle.”
Noma, “zonke iziqondiso zakho.”
NgesiHebheru, “Ngivula umlomo wami ngihefuzele.”
Noma, “Yenza izinyathelo zami zingaxegezeli.”
Noma, “bumamatheke.”
Noma, “kusempondozankomo.”
Noma, “ngilindele amazwi.”
NgesiHebheru, “ngaphambi kwemilindo yasebusuku.”
Noma, “ngendlela engamanyala.”
Noma, “Singatha icala lami.”
Noma, “ngokwezwi lakho.”
Noma, “Akunasikhubekiso kubo.”
Noma, “ngokwezwi lakho.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “khulula umphefumulo wami.”
NgesiHebheru, “yini ayokwenezelela yona?”
Noma, “Umphefumulo wami uhlale.”
Noma, “luntengantenge.”
Noma, “umphefumulo wakho.”
NgesiHebheru, “uyoqapha ukuphuma kwakho nokungena kwakho.”
Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.
Noma, “kwegoqo lakho lokuvikela.”
Noma, “Umphefumulo wethu ususuthi.”
Noma, “nemiphefumulo yethu.”
Noma, “kwemiphefumulo yethu.”
Noma, “Imiphefumulo yethu injengenyoni.”
Noma, “bangaphenduleli isandla sabo.”
Noma, “imihosha eseningizimu.”
Noma, “Amadodana.”
Cishe kubhekiselwa emadodeni.
Cishe kubhekiselwa kubantwana.
Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.
Noma, “ububala.”
Noma, “wesatshwe.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “ngizizolisile futhi ngathula.”
Noma, “Itabernakele elikhulu.”
Ngokusobala kushiwo uMphongolo.
Noma, “endaweni ahlala kuyo.”
Noma, “esenabelweni sezinyawo sikaNkulunkulu.”
NgesiHebheru, “Ungabubuyiseli emuva ubuso bogcotshiwe.”
NgesiHebheru, “wesithelo sesisu sakho.”
NgesiHebheru, “uphondo lukaDavide lukhule.”
Noma kungaba, “nisendlini engcwele.”
Noma, “Haleluya!” Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.
Noma, “Culelani.”
Noma, “eyigugu.”
Noma, “imihwamuko.”
Noma kungaba, “Wenze namasango emvula.”
Noma, “igama lakho.” NgesiHebheru, “isikhumbuzo sakho.”
Noma, “uyomela udaba lwabantu.”
Noma, “Uyozidabukela.”
Noma, “ngokuqonda.”
NgesiHebheru, “lwaba yizingxenye.”
Kushiwo iBhabhiloni.
Noma kungaba, “masishwabane.”
Noma kungaba, “Ngizokudlalela izinsimbi zomculo, ukuze ngibonise ukuthi angibalaleli abanye onkulunkulu.”
Noma, “ngibheke endlini yakho engcwele.”
Noma kungaba, “ulikhazimulisile izwi lakho ngaphezu kwalo lonke igama lakho.”
NgesiHebheru, “Uyangikala.”
Noma, “lumangalisa kakhulu kimi.”
Noma, “ukuluqonda.”
Noma, “eShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma kungaba, “ngelukiwe.”
Noma kungaba, “ngizobe ngisaqhubeka ngiyibala.”
Noma, “abanecala legazi.”
Noma, “ngokomqondo wabo.”
Noma, “engincisha ukuthula.”
Noma, “enamanzi.”
Noma, “ezweni.”
Noma, “phambi kwakho.”
Noma, “weShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “amandla ami ephela.”
NgesiHebheru, “ongiqaphelayo.”
NgesiHebheru, “Uyisabelo sami.”
Noma, “Khipha umphefumulo wami.”
Noma, “Umoya wami uyaphela.”
Noma, “Ngifunda.”
NgesiHebheru, “Umoya wami uphelile.”
Noma, “ethuneni.”
Noma, “ezweni lobuqotho.”
NgesiHebheru, “Zithulise.”
Noma, “ephakeme.”
Noma, “goba.”
Noma, “Ekuxhakathisweni ezinye.”
NgesiHebheru, “Nabasandla sabo sokudla siyisandla sokudla samanga.”
Noma, “Ngizohlabelela.”
Noma, “onika amakhosi insindiso.”
Ukuzala kwesilwane kungakabi yisikhathi, inkonyane life.
Noma, “abuqondakali.”
Noma, “ngamandla.”
Noma, “unomusa.”
Noma, “Wonke amehlo abheka.”
Noma, “ngobuqotho.”
Noma, “Haleluya!” Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.
Noma, “Mangidumise uJehova ngenhliziyo yami yonke.”
Noma, “Ngizomdlalela izinsimbi zomculo.”
Noma, “ezicukuthwaneni.”
Noma, “Iyayeka ukuphefumula.”
NgesiHebheru, “ababoshiwe.”
Noma, “uyayigwegwisa indlela yababi.”
Noma, “Haleluya!” Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.
Noma, “Haleluya!” Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.
Noma, “ukumdlalela izinsimbi zomculo.”
NgesiHebheru, “ngamanoni kakolweni.”
Noma, “iqhwa.”
Noma, “Haleluya!” Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.
Noma, “Haleluya!” Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.
NgesiHebheru, “mazulu amazulu.”
NgesiHebheru, “matshitshi.”
Noma, “Abadala nabancane.”
NgesiHebheru, “uphondo.”
Noma, “Haleluya!” Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.
Noma, “Haleluya!” Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.
Noma, “Mawamdlalele izinsimbi zomculo.”
Noma, “Haleluya!” Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.
Noma, “Haleluya!” Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.
Noma, “esibhakabhakeni samandla.”
Noma, “nangegemfe.”
Noma, “Haleluya!” Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.